1KONAKE izinsuku ezi isitupa pambi kwepasika uJesu wa fika eBetani, lapa e kona uLazaro o be file, a m vusa kwabafileyo.
2Ba m enzela ukudhla lapo, uMarta wa konza; kepa uLazaro wa e ngomunye kwaba be hlezi naye ekudhleni.
3uMaria wa tabata ipondwe lamafuta enardi lodwa, inkulu intengo yawo, wa gcoba izinyawo zika Jesu, wesula izinyawo zake negezinwele zake; indhlu ya gcwala ipunga lamafuta.
4Omunye kubafundi bake, uJuda uIskariote ka Simone, o be za kumnikela, wa ti,
5Ku ye ngani ku nga tengwa ngalawamafuta odenario abamakulu amatatu, ku piwe abampofu.
6Ka tyongo loku ngokuba e nakekele abampofu; wa tyo ngokuba e isela, wa e nesikwama, wa pata okufakiweyo.
7uJesu wa ti, M yeke; u ku londolozele umhla wokumbelwa kwami.
8Ni nabampofu ngesikati sonke be kona kinina; kodwa a ni nami ngesikati sonke.
9Abantu abaningi ba kubaJuda bazi ukuba u kona, kepa abezanga ngoJesu yedwa, beza ukuba ba bone noLazaro, a m vusayo kwabafileyo.
10Kepa abapristi ba ceba ukuba ba m bulale noLazaro.
11Ngokuba ngaye abaningi kubaJuda bemuka, ba kolwa uJesu.
12Ngangomso abantu abaningi aba fikileyo emhlanganweni, se be zwile ku tiwa uJesu u yeza eJerusalema,
13Ba tabata amahlamvu esundu, ba puma ukuya kumhlangabeza, ba memeza, be ti, Hozana! u busisiwe ozayo ngegama leNkosi, iNkosi ya kwa Israeli.
14uJesu e fumana imbongolo wa kwela kuyo, njengokulotyiweyo ukuti,
15U ngesabi, ndodakazi ka Zioni! bheka, nansi iNkosi yako i za, i kwele etoleni lembongolo.
16Abafundi bake ba be ngezwisisi loku kuqala; kodwa lapo se e dunyiswe uJesu, kona ba se be kumbula ukuti, ku lotyiwe loku ngaye, nokuti ba kwenza loku kuye.
17Abantu aba be naye ba qinisa ukuti, wa biza uLazaro a pume etuneni, wa m vusa kwabafileyo.
18Ngaloku abantu ba m hlangabeza; ba be zwile ku tiwa lesisibonakaliso senziwe uye.
19abaFarisi ba kuluma ba ti, Ni ya bona ukuba a ni sizwa ngaluto; bhekani, izwe lonke li m landele.
20Kwa ku kona abezizwe abatile pakati kwaba be kupukile ukuya kudumisa emhlanganweni.
21Labo beza kuFilipu wa seBetsaida la seGalile, ba m nxusa, be ti, Nkosi, si ya tanda ukubona uJesu.
22uFilipu weza wa tyela uAndrea; njalo uAndrea noFilipu ba m tyela uJesu.
23uJesu wa pendula wa ti kubo, Se si fikile isikati lapo i ya kudunyiswa iNdodana yomuntu.
24Ngi qinisile, ngi qinisile, ngi ti kini, Uma inhlamvu yamabele i wa emhlabatini, i nga fi, i hlala yodwa; kepa uma i fa, yo tela ukudhla okuningi.
25O tanda ukupila kwake wo ku lahlekelwa; kodwa o zonda ukupila kwake ku lelizwe wo ku londoloza ku be ukupila okupakade.
26Uma umuntu e ngi konza, a ka ngi landele; na lapa ngi kona, so ba kona nesikonzi sami; uma umuntu e ngi konza, uBaba u ya kumdumisa.
27Kaloku umpefumlo wami u dabukile; ngi ya kutini na? ngi nga ti, Baba, ngi sindise ku lesisikati na? kodwa ngaloku ngi ze ku lesisikati.
28Baba, dumisa igama lako. Kwandu kufika izwi li vela ezulwini, li ti, Ngi li dumisile, ngo buya ngi li dumise.
29Kona abantu abemiyo bezwa, ba ti, li ya duma. Abanye ba ti, ingelosi i kulume naye.
30uJesu wa pendula wa ti, Lelizwi a li zanga ngenxa yami, li ze ngenxa yenu.
31Kaloku ku ukwahlulwa kwa lelizwe, kaloku umbusi wa lelizwe u ya kukitywa.
32Kepa mina, uma ngi pakanyiswa emhlabeni, ngi ya kubadonsa bonke, beze kimi.
33Wa ku tyo loku, e bonisa lokokufa a be ya kufa ngako.
34Abantu ba m pendula ba ti, Si zwile ku tiwa emtetweni, uKristu u ya kuhlala pakade: u tyo kanjani ukuti, iNdodana yomuntu nga i pakanyiswa na? iNdodana yomuntu i ngubani na?
35uJesu wa ti kubo, Se ku isikatyana ukukanya ku kona kini. Hambani ni se nokukanya, funa ni banjwe ubumnyama; o hamba ebumnyameni a kazi lapa e ya kona.
36Nxa ni se nokukanya kolwani ukukanya, ni be abantwana bokukanya. uJesu wa tyo loku, wemuka, wa catya kubo.
37Noma e be zenzile izibonakaliso ezingaka ebusweni babo, a ba kolwanga uye;
38Ukuba li gcwaliseke izwi lika Isaya umprofeti, a li tyoyo, lokuti, Nkosi, ubani o kolwe inshumayelo yetu? ingalo yeNkosi i bonakaliswe kubani na?
39Nga loko ba be nge kolwe, loku uIsaya wa tyo futi ukuti,
40U puputekisile amehlo abo, wenza inhliziyo yabo i be lukuni, ba nga boni ngamehlo, ba qonde ngenhliziyo, ba penduke, ngi ba pilise.
41Wa tyo loko uIsaya, lapo e bona ubukosi bake, wa shumayela ngaye.
42Kepa ba kolwa uye abaningi ezikulwini: kodwa a ba m vumelanga ngenxa yabaFarisi, funa ba lahlwe.
43Ba tanda ukudunyiswa abantu ku nokudunyiswa uTixo.
44uJesu wa memeza wa ti, O kolwa imi, ka kolwa imi, u kolwa uye o ngi tumileyo.
45O ngi bonayo u bona o ngi tumileyo.
46Ngi ze ezweni ngi ukukanya, ukuba lowo o kolwa imi a nga hlali ebumnyameni.
47Uma umuntu e zwa amazwi ami, e nga kolwa, a ngi m ahluli mina; a ngi zanga ukwahlula izwe, ngi ze ukusindisa izwe.
48O ngeisayo, e ngamkeli amazwi ami, u nomahlulayo; izwi engi li tyo, ilona eli za kumahlula ngomhla wokupela.
49A ngi zikulumeli mina: kodwa uBaba o ngi tumileyo, yena wa ngi nika umyalo wa loko engi za ku kutyo, nengi za kukuluma kona.
50Ngi yazi umyalo wake u ukupila okupakade: njalo loku engi ku shumayelayo, ngi ku shumayela njengokutyo kuka Baba kimi.