1KWA ku kona umuntu ogulayo, uLazaro wa seBetani, wa semzini ka Maria nodade wabo uMarta.
2Wa e nguMaria owa i gcoba iNkosi ngamafuta, wesula izinyawo zake ngezinwele zake, omne wabo uLazaro wa e gula.
3Odade wabo ba tuma kuye, be ti, Nkosi, bheka, lo o m tandayo u ya gula.
4uJesu se e zwile wa ti, Lokukugula a siko okokufa, ku ngokudunyiswa kuka Tixo, ukuba iNdodana ika Tixo i dunyiswe ngako.
5uJesu wa tanda uMarta nodade wabo noLazaro.
6Se e zwile ku tiwa u ya gula, wa hlala izinsuku ezimbili ku leyondawo a be kuyo.
7Emva kwa loko wa ti kubafundi bake, A si buye si ye eJudia.
8Abafundi ba ti kuye, Rabi, abaJuda ba sandu kufuna ukukukanda ngamatye, u sa ya kona futi na?
9uJesu wa pendula wa ti, A ku ko amahora a ishumi nambili emini na? Uma umuntu e hamba emini ka kubeki, ngokuba e bona ukukanya kwa lomhlaba.
10Kodwa uma e hamba ebusuku, u ya kubeka, ngokuba ku nge ko ukukanya kuye.
11Wa tyo loko; emva kwa loko wa ti kubo, uLazaro umhlobo wetu u lele; kepa ngi ya ukuba ngi m vuse.
12Abafundi bake ba ti, Nkosi, uma u lele, u ya kusinda.
13uJesu wa e kuluma ngokufa kwake; kodwa bona ba ti, wa kuluma ngokulala ubutongo.
14Kona uJesu wa ti kubo e pumisela, uLazaro u file.
15Ngi ya jabula ngani ngokuba be ngi nge ko, ni ze ni kolwe; kodwa a si hambe si ye kuye.
16uTomasi o tiwa uDidumu, wa ti kubafundi, A si hambe nati, si ze si fe kanye naye.
17Wa fika uJesu, wa m fumana e se e mbelwe etuneni izinsuku ezine.
18iBetani li seduze neJerusalema, ku nga ba amastadiu a ishumi nesihlanu.
19Abaningi kubaJuda beza kuMarta noMaria, ukuba ba ba duduze ngomne wabo.
20uMarta se e zwile ukuti, uJesu u yeza, wa ya wa m hlangabeza: kodwa uMaria wa hlala endhlini.
21uMarta wa ti kuJesu, Nkosi, uma u bu kona lapa, umne wetu nga e nga fanga.
22Kepa ngi yazi na manje, uTixo wo ku nika loku, o ku cela kuTixo.
23uJesu wa ti kuye, Umne wenu wo vuka.
24uMarta wa ti kuye, Ngi yazi u ya kuvuka ekuvukeni ngomhla wokupela.
25uJesu wa ti kuye, Mina ngi ngukuvuka nokupila: o kolwa imi, noma e file, wo pila.
26Lowo o pila, e kolwa, ka sa yi kufa; u ya kolwa iloku na?
27Wa ti kuye, Yebo, Nkosi; ngi ya kolwa ukuti, u uKristu, iNdodana ka Tixo, o be za kufika ezweni.
28Wa tyo loku, wemuka, wa biza uMaria udade wabo ngasesita, wa ti, Umfundisi u kona, u ya ku biza.
29Se e zwile yena, wesuka masinyane, wa ya kuye.
30uJesu wa e nga ka fiki emzini, e sendaweni lapa uMarta wa m hlangabeza kona.
31abaJuda aba be naye endhlini, be m duduza, ba bona uMaria e suka masinyane, wa puma, ba m landela, be ti, u ya etuneni, a yo kala kona.
32uMaria se e fikile lapa wa e kona uJesu, wa m bona, wa wa nga sezinyaweni zake, wa ti kuye, Nkosi, uma u bu kona, umne wetu nga e nga fanga.
33uJesu se e m bonile e kala, nabaJuda aba fika naye be kala, wa bubula emoyeni, wa katezeka.
34Wa ti, Ni m bekepi na? Ba ti kuye, Nkosi, yiza, u bone.
35uJesu wa kala izinyembezi.
36Ba ti abaJuda, Bhekani, ukumtanda kwake okungaka!
37Abanye kubo ba ti, Lo owa vula amehlo empumpute, wa be e ngenze ini a nga fi lo na?
38uJesu wa buya wa bubula pakati kwake, weza etuneni. La li ngumhume; kwa ku kona itye pezu kwawo.
39Wa ti uJesu, Susani itye. uMarta, udade wabo wofileyo, wa ti kuye, Nkosi, se e nuka: se ku olwesine.
40uJesu wa ti kuye, A ngi tyongo ini ukuti, Uma u kolwa, u ya kubona ubukosi buka Tixo.
41Kona ba susa itye lapa ku lele kona ofileyo. uJesu wa bheka pezulu, wa ti, Baba, ngi ya ku bonga, ngokuba u ngi zwile.
42Be ngazi u ngi zwa ngesikati sonke; kodwa nga tyo ngabantu abemiyo kona, ba ze ba kolwe ukuti u ngi tumile.
43Se e tyilo loko, wa memeza ngezwi elikulu, wa ti, Lazaro, puma.
44Kwa puma ofileyo, e botyiwe ezinyaweni na sezandhleni ngezindwangu; ubuso bake bu mboziwe ngeduku. uJesu wa ti kubo, M tukululeni, ni m yeke, a hambe.
45Kona abaningi kubaJuda aba be fika kuMaria, be bona a be kwenzile uJesu, ba kolwa uye.
46Kodwa abanye kubo besuka ba ya kubaFarisi, ba ba tyela loko a be kwenzile uJesu.
47Abapristi abakulu nabaFarisi ba buta umpakati, ba ti, Si ya kwenze njani na? lomuntu u yenza izibonakaliso eziningi.
48Uma si m yeka njalo, ba ya kukolwa uye bonke; amaRoma a ya kufika, a samuke indawo nesizwe.
49Kepa omunye kubo, uKaiafasi, e ngumpristi omkulu nga lowomnyaka, wa ti kubo, A nazi luto nina.
50A ni qondi ukuti, ku lungele tina, ukuba umuntu e munye a fele abantu, ku nga bubi isizwe sonke.
51Ka tyongo loko ngokwake, kodwa e be ngumpristi omkulu wa lomnyaka, wa profeta ukuti, uJesu wa be e ya kufela isizwe.
52A nga feli isizwe sodwa, kepa ukuba a bute ndawonye abantwana baka Tixo abahlakazekileyo.
53Kwa ba seloku besuka be ceba ukuba ba ba m bulale.
54Kepa uJesu ka be e sa hamba obala kubaJuda; wemuka lapo, wa ya ezweni eli seduze nehlane; emzini o tiwa iFraime; wa hlala kona nabafundi bake.
55Kwa ku seduze ipasika labaJuda; ba kupuka abaningi ezweni ba ya eJerusalema, li nga ka fiki ipasika, ukuba ba zihlanze.
56Kona ba m funa uJesu, ba kuluma be mi etempelini, ba ti, Ni tini, ka yi kuza emhlanganweni na?
57Abapristi abakulu nabaFarisi ba be yalile, ukuba, uma umuntu e m azi lapa e kona, a ba kombise, ba ze ba m bambe.