1UZEDEKIA wa e neminyaka emashumi amabili nanye e sa qala ukubusa; wa busa eJerusalema iminyaka e ishumi nanye. Igama lika nina la li nguHamutali, indodakazi ka Jeremia wa seLibna.
2Wenza okubi emehlweni ka Jehova, njengako konke a be kwenzile uJehoakimi.
3Ngako kwa ti eJerusalema na kwaJuda uJehova wa e tukutela wa za wa ba xotya ebusweni bake. uZedekia wa hlubuka inkosi ya seBabulona.
4Kwa ti ngomnyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwake, ngenyanga yeshumi, ngosuku lweshumi lwenyanga, uNebukadrezari inkosi ya seBabulona wa fika eJerusalema, yena nempi yonke yake, wema ngakulo, waka izinqaba ngakulo inxa zonke.
5Kwa njalo umuzi wa u vinjezelwe kwa za kwa ba umnyaka weshumi nanye ka Zedekia.
6Ngenyanga yesine, ngosuku lwesishiyagalolunye lwenyanga, indhlala ya ba nzima emzini, kwa ku nga bi ko ukudhla kwabantu bezwe.
7Kona umuzi wa fohlwa, amabuto onke a baleka, a puma emzini ebusuku, e ya ngendhlela ya sesangweni, pakati kwezindonga zombili, eli nga sensimini yenkosi; (amaKaldea a e kona nga semzini inxa zonke;) a ya ngendhlela e ya esihlanjeni.
8Kepa impi yamaKaldea ya i xotya inkosi, ya fumana uZedekia ezinhlanjeni za seJeriko, impi yonke yake ya citeka, ya m shiya.
9Ba i bamba inkosi, ba i yisa enkosini ya seBabulona eRibla, ezweni la seHamati; ya teta icala layo.
10Inkosi ya seBabulona ya bulala amadodana ka Zedekia emehlweni ake; ya bulala nezikulu zonke za kwaJuda eRibla.
11Ya kipa amehlo ka Zedekia; inkosi ya seBabulona ya m bopa ngamaketango, ya m yisa eBabulona, ya m faka etilongweni wa za wa fa.
12Kwa ti ngenyanga yesihlanu, ngosuku lweshumi lwenyanga, ngomnyaka weshumi nashiyagalolunye ka Nebukadrezari inkosi ya seBabulona, kwa fika eJerusalema uNebuzaradani, induna yamapolisa, owemayo pambi kwenkosi ya seBabulona;
13Wa tyisa indhlu ka Jehova, nendhlu yenkosi, nezindhlu zonke za seJerusalema, nezindhlu zonke zezikulu, wa zi tyisa ngomlilo.
14Nempi yonke yamaKaldea eya i nenduna yamapolisa, ya bidhliza izindonga zonke za seJerusalema inxa zonke.
15uNebuzaradani induna yamapolisa ya tumba abanye abampofu ebantwini, nensali yabantu abaseleyo emzini, nabahlubukileyo, aba hlubukele enkosini ya seBabulona nensali yabantu.
16Kepa uNebuzaradani induna yamapolisa wa shiya abanye abampofu bezwe ukuba ba sebenze ezivinini, ba lime.
17Izinsika zetusi zendhlu ka Jehova nolwandhle lwetusi olwa lu sendhlini ka Jehova, amKaldea a zapula, a tabata itusi lonke lazo a ya nalo eBabulona.
18Namabodwe, namafosholo, nezizenze, namabesini, nezinkezo, nezitya zonke zetusi okwa konzwa ngazo, a zi tabata.
19Namabolwe, nezipatumlilo, namabesini, namabodwe, namakandelabra, nezinkezo, namakapu, zegolide lodwa nezi isiliva lodwa, induna yamapolisa ya zi tabata.
20Izinsika zombili, nolwandhle lunye, nezinkunzi zetusi ezi ishumi nambili ezi ngapansi kwezisekelo, uSolomona inkosi a be zenzele indhlu ka Jehova; itusi la lezizitya zonke la li nge nakulinganiswa.
21Izinsika lezo, ubude benye insika ba bu ngamakubiti a ishumi nashiyagalombili, ya botywa ngentambo e ya i ngamakubiti a ishumi nambili, uhlonze lwayo lwa lu iminwe emine; ya i umbobo.
22Umcele wetusi wa u pezu kwayo; ubude bomunye umcele ba bu amakubiti a isihlanu; umcele wa setyenzwa ngokupanjaniswa na ngamarimoni, inxa zonke; konke kwa ku itusi. Kwa ku njalo nenye insika namarimoni.
23Kwa ku kona ezinhlangotini amarimoni a ngamashumi a shiyagalolunye nesitupa; amarimoni onke a semsebenzini o panjanisiweyo inxa zonke a e ikulu.
24Induna yamapolisa ya tabata uSeraia umpristi omkulu, noZefania umpristi wesibili, nabalindi abatatu bomnyango;
25Ya tabata emzini induna e ngumbusi wamabuto, nabantu aba isikombisa kulabo abemiyo enkosini, aba funyanwa emzini, nombali, inkosi yempi, owa mema abantu bezwe, nabantu abamashumi a isitupa ba lelozwe aba funyanwa emzini.
26uNebuzaradani induna yamapolisa wa ba tabata, wa ba yisa enkosini ya seBabulona, eRibla.
27Inkosi ya seBabulona ya ba tyaya, ya ba bulala eRibla, ezweni la seHamati. Kwa njalo uJuda wa tunjwa ezweni lake.
28Laba ba ngabantu a ba tumbayo uNebukadrezari; ngomnyaka wesikombisa abaJuda aba izinkulugwane ezintatu namashumi amabili nantatu;
29Ngomnyaka weshumi na shiyagalombili ka Nebukadrezari wa tumba eJerusalema abamakulu ashiyagalombili namashumi amatatu nambili.
30Ngomnyaka wamashumi amabili nantatu ka Nebukadrezari uNebuzaradani induna yamapolisa wa tumba abaJuda abamakulu a isikombisa namashumi amane nanhlanu; abantu bonke ba be izinkulungwane ezine namakulu a isitupa.
31Kwa ti ngomnyaka wamashumi amatatu nesikombisa wokutunjwa kuka Jehoakini inkosi ya kwaJuda, ngenyanga yeshumi nambili, ngosuku lwamashumi amabili nanhlanu lwenyanga, uEvilmerodaki inkosi ya seBabulona, ngomuyaka wokuqala wokubusa kwake, wa pakamisa ikanda lika Jehoakini inkosi ya kwaJuda, wa m kipa etilongweni,
32Wa kuluma kahle kuye, wa beka isihlalo sake ngasenhla kwezihlalo zamakosi a e naye eBabulona,
33Wa pendula izingubo zake zetilongo; wa hlala e dhla ukudhla pambi kwake njalonjalo izinsuku zonke zokuhamba kwake.
34Ukudhla kwake, njalonjalo wa piwa ukudhla inkosi ya seBabulona, imihla ngemihla wa kwabelwa wa za wa fa, izinsuku zonke zokupila kwake.