1U TYO uJehova u ti, Bheka, ngi ya kuvusela iBabulona, nabakileyo pakati kwabangivukeleyo, umoya obubisayo.
2Ngi ya kutuma eBabulona abelayo, aba za kulela ba tulule izwe lalo, ngokuba ba ya kulipahla ngosuku lokubi.
3Owomcibityolo ka m gobele lowo ogobayo na lowo ozipakamisayo embete ibantyi lokulwa, ni nga zi haukeli izinsizwa; qedani impi yonke yalo.
4Ababuleweyo ba ya kuwa ezweni lamaKaldea, nabagwaziweyo ezitalatini zalo.
5Ngokuba uIsraeli noJuda ka ba delwa uTixo wabo, uJehova wemikosi; kepa izwe labo li gcwele ukona kuJehova.
6Balekani eBabulona, ku be ilowo a zisindise; ni nga bujiswa ngokona kwabo; ngokuba ku isikati sokupindisa sika Jehova, u ya kupindisa kulo.
7iBabulona la li isitya segolide esandhleni sika Jehova, esa dakisa izwe lonke; izizwe zi puzile iwaini lalo, ngako izizwe zi ya hlanya.
8Ngesikatyana iBabulona li wile, la bidhlika; li kaleleni, ni li tabatele ibalsamu ngobuhlungu balo; mhlaumbe li nga sindiswa.
9Si li sindisile iBabulona, kepa a li sindiswanga; li yekeni, si muke si ye, ku be ilowo a ye ezweni lakiti; ngokuba ukwahlulwa kwalo ku finyelele ezulwini, kwenyukele na semafwini.
10uJehova u vezile ukulunga kwetu; wozani, a si landise eZioni umsebenzi ka Jehova, uTixo wetu.
11Lolani imicibityolo, ni gcwalise izinhlangu; uJehova u vusile inhliziyo yamakosi ya seMedia; ngokuba u cebile ngeBabulona ukuba a li qede, ngokuba ku ukupindisa kuka Jehova ukupindisa kwetempeli lake.
12Misani iziboniso ezindongeni zeBabulona, ni qinise ukulinda, ni mise abalindi, beka abalaleli; ngokuba uJehova u cebile, wenza, konke a ku tyiloyo ngabaseBabulona.
13E, wena o hlala ngasemanzini amakulu, u vame imfuyo, se ku fikile ukupela kwako, isilinganiso sokupanga kwako.
14uJehova wemikosi u zifungile, wa ti, Impela ngi ya kukugcwalisa ngabantu, ku nga ti isikonyane, ba ya halalisa pezu kwako.
15Wenza umhlaba ngamandhla ake, wa misa izwe ngokuhlakanipa kwake, weneka izulu ngokuqonda kwake.
16Ngokuduma kwezwi lake ku kona amanzi amaningi ezulwini; u ya kupula inkungu emikaulweni yomhlaba; u yenza unyazi nemvula; u ya kipa umoya ezibekelweni zake.
17Abantu bonke ba izipukupuku, be nge nakwazi; bonke ababumbayo izitombe ba jabile; ngokuba izitombe zabo zi ngamanga, a ku ko umoya kuzo.
18Zi ize, umsebenzi wenkohliso; ngesikati sokuhanjelwa kwazo zi ya kupela.
19O isabelo sika Jakobe a ka njengazo, ngokuba yena u ngumenzi wezinto zonke, uIsraeli u uhlanga lwefa lake; uJehova wemikosi igama lake.
20Wena u iwisa lami, izikali zokulwa; ngi ya coboza izizwe ngawe, ngi ya qeda imibuso ngawe.
21Ngi ya coboza ihashi nomkweli walo ngawe, ngi ya coboza inqola nomtyayeli wayo ngawe,
22Ngi ya coboza abesilisa nabesifazana ngawe, ngi ya coboza ngawe abadala nabatya, ngi ya coboza izinsizwa nezintombi ngawe,
23Ngi ya coboza umalusi nomhlambi wake ngawe, ngi ya coboza umlimi nezinkabi zake ngawe, ngi ya coboza amakosi nababusi ngawe,
24Ngi ya pindisa eBabulona na kubantu bonke ba seKaldea okubi konke aba kwenzileyo eZioni pambi kwamehlo enu, u tyo uJehova.
25Bheka, ngi ze kuwe, wena ntaba ebulalayo, u tyo uJehova, e bulala izwe lonke; ngi ya kwelula isandhla sami pezu kwako, ngi ku ginqe ematyeni, ngi kwenze u be intaba etyisiweyo.
26A ku yi kutatyatwa kuwe itye legumbi, netye lokusekela, kepa u ya kuhlala u citekile ku ze ku be pakade, u tyo uJehova.
27Misani ibaneli ezweni, ni tyaye itilongo ezizweni, ni lungise izizwe zi lwe nalo; ni li bizele imibuso ya seArarati, neMini neAshkenazi; ni mise induna yokulwa nalo, ni kupule amahashi njegesikonyane si vusile uboyo.
28Lungisani izizwe zi lwe nalo, amakosi a seMedia nezinduna zalo, nababusi bonke balo nezwe lonke lombusi wabo.
29Kona umhlaba u ya kuzamazama, u tutumele, ngokuba amacebo ka Jehova a ya kuma eBabulona, li ze li citeke li ngakiwa muntu.
30Amaqawe a seBabulona a yekile, a hlezi ezinqabeni zawo; amandhla awo a pelile, a ngabafazi, ku tyisiwe izindhlu zalo, kwapulwe imivalo yalo.
31Isigijimi si ya hlangana nesigijimi, nesitunywa si ya hlangana nesitunywa, zi ya kubika enkosini ya seBabulona ukuti umuzi wayo u nqotyiwe impela,
32Amazibuko a vinjiwe, umhlanga u tyisiwe, amabuto a novalo.
33Ngokuba u tyo uJehova wemikosi, uTixo ka Israeli, u ti, Indodakazi ya seBabulona i fana nesibuya; se ku isikati sokunyatelwa kwayo, ku se isikatyana ku za kufika kuyo isikati sokuvuna.
34uNebukadrezari inkosi ya seBabulona u ngi dhlile, wa ngi qeda, u ngi bekile ngi njengesitya esi ize, wa ngi gwinya njengengwenya, wa gcwalisa isisu sake ngokumnandi kwami, wa ngi xotya.
35Ukuhlutywa kwami nenyama yami a ku be pezu kweBabulona, u tyo owesifazana wa seZioni; igazi lami a li be pezu kwabaseKaldea, li tyo iJerusalema.
36Ngako u tyo uJehova, u ti, Bheka, Ngi ya kukumela, ngi ku pindisele ngomise ulwandhle lwalo, ngi tyise umtombo walo.
37iBabulona li ya kuciteka, li be indawo yamankentyane, lesabeke, li hlatyelwe amakwelo, li ngakiwa muntu.
38Ba ya kukonyisa okwezingonyama kanyekanye, ba kalise okwamaundhlu ezingonyama.
39Ekufudumaleni kwabo ngi ya kubenzela izidhlo, ngi ba dakise, ukuba ba lale ubutongo obupakade, ba nga vuki, u tyo uJehova.
40Ngi ya kubehlisa njengamaundhlu ekuhlatyweni, njengezinqama nezimpongo.
41Yeka, iSheshaki li nqotyiwe; udumo lwezwe lonke lwahlulwa; yeka, iBabulona li isimangaliso eziziweni.
42Ulwandhle lu kupukele eBabulona; li gutyuzelwe amandhlambi alo amaningi.
43Imizi yalo i citekile, li izwe elomileyo, li ihlane, li izwe eli ngakiwa muntu, nendodana yomuntu ka i dhluli kulo.
44Ngi ya kuhambela kuBeli eBabulona, ngi kipe emlonyeni wake a ku gwinyileyo; izizwe a zi sa yi kubuya zi butane kuye; impela udonga lweBabulona lu wile.
45Pumani kulo, bantu bami, ku be ilowo a zisindise olakeni olukulu luka Jehova.
46Inhliziyo yenu ma i nga peli amandhla, ni ngesabi ngodumo oluzwakalayo ezweni, ngokuba ku ya kuzwakala udumo ngomnyaka, lu buye lu zwakale ngomnyaka wa semva, ku be kona ukulwa ezweni, inkosi i vukele inkosi.
47Ngako, bheka, ku yeza izinsuku engi ya kuhambela ngazo ezitombeni za seBabulona, izwe lonke lalo li ya kujaba, bonke ababuleweyo ba ya kuwa pakati kwalo.
48Kona izulu nomhlaba nako konke oku kona ku ya kuhalalisa ngeBabulona, ngokuba ku ya kufika abapangi be vela enyakato, u tyo uJehova.
49Njengaloku iBabulona lenza ukuba ba we ababuleweyo baka Israeli kanjalo ababuleweyo bezwe lonke ba ya kuwa eBabulona.
50Nina eni sindileyo enkembeni, hambani, ni ngemi; kumbulani iJerusalema ni kude, iJerusalema a li ngene ezinhlizinyweni zenu.
51Si jabile ngokuba si zwile ukutuka kwabo, ihlazo li ya mboza ubuso betu, ngokuba abezizwe ba ngenile ezindaweni ezingcwele zendhlu ka Jehova.
52Ngako, bheka, ku yeza izinsuku, u tyo uJehova, engi ya kuhambela ngazo ezitombeni zalo; ababuleweyo ba ya kukala ezweni lonke lalo.
53Noma iBabulona li kupukela ezulwini, noma li qinisa inqaba yalo epakemeyo, kepa abapangi ba ya kusuka kimi beze kuye, u tyo uJehova.
54Umsindo wokukala u vela eBabulona, nowokuciteka okukulu ezweni lamaKaldea.
55Ngokuba uJehova u ya panga iBabulona, u qede kulo umsindo omkulu; amadhlambi alo a ya duma njengamanzi amakulu; ku zwakele umsindo wokuhlokoma kwawo.
56Ngokuba ku fikile kulo, kulo iBabulona, umpangi, amaqawe alo a banjiwe, imicibityolo yawo yapulwa; ngokuba uJehova u nguTixo wokupindisa; u ya kupindisa impela.
57Ngi ya kudakisa izikulu zalo, nezazi zalo, nezinduna zalo, nababusi balo, namaqawe alo, ukuba ba lale ubutongo obupakade, ba nga be be sa vuka, i tyo iNkosi, uJehova wemikosi igama layo.
58U tyo uJehova wemikosi, u ti Izindonga ezibanzi zeBabulona zi bidhliziwe impela, namasango alo amade a tyisiwe ngomlilo; abantu ba sebenzile ngeze, ba kutalele umlilo.
59Izwi uJeremia umprofeti a m yala ngalo uSeraia indodana ka Neria, indodana ka Maseia; e sa hamba noZedekia inkosi ya kwaJuda ukuya eBabulona, ngomnyaka wesine wokubusa kwake.
60uJeremia wa loba encwadini okubi konke oku za kwehlela iBabulona, lawamazwi onke a lotyiwe ngeBabulona.
61uJeremia wa ti kuSeraia, Nxa u fika eBabulona, bheka, u funde lawamazwi onke;
62U tyo u ti, E, Jehova, u kulumile ngalendawo ukuicita, ukuba ku nga hlali muntu kuyo, umuntu nesilwane, kepa i be ihlane ku ze ku be pakade.
63Ku ya kuti, nxa u qedile ukufunda lencwadi, wo bopa itye kuyo, u i ponse eUfrate;
64Yityo u ti, Kanjalo iBabulona li ya kucwila, li nga be li sa kupuka ngokubi engi ya ku kwehlisela kulo; ba ya kupela amandhla. Amazwi ka Jeremia a pela lapa.