1NGOMNYAKA wesishiyagalolunye ka Zedekia inkosi ya seJuda, ngenyanga yeshumi, kwa fika uNebukadnezari inkosi ya seBabulona nempi yonke yake, ba li vimbezela.
2Ngomnyaka weshumi nanye ka Zedekia, ngenyanga yesine, ngosuku lwesishiyagalolunye lwenyanga, umuzi wa fohlwa.
3Izikulu zonke zenkosi ya seBabulona za ngena, za hlala esangweni eli ngapakati, uNergalsharezeri, noSamgarnebo, noSarsekimi induna yezinceku, noNergalsharezeri, induna yezazi, nezinye izikulu zonke zenkosi ya seBabulona.
4Kwa ti, uZedekia inkosi ya seJuda se e zibonile, nabo bonke abantu bempi, ba baleka ba puma emzini ebusuku ngendhlela yensimu yenkosi, ngesango eli ngapakati kwezindonga zombili; wa puma wa ya ngendhlela yesihlambo.
5Kepa impi yamaKaldea ya ba xotya, ya fumana uZedekia ezihlanjeni za seJeriko, ya m bamba, ya m yisa kuNebukadnezari inkosi ya seBabulona, eRibla, ezweni la seHamati, wa teta icala lake.
6Inkosi ya seBabulona ya bulala amadodana ka Zedekia eRibla pambi kwamehlo ake; inkosi ya seBabulona ya bulala nezikulu zonke za kwaJuda.
7Ya kipa amehlo ka Zedekia, ya m bopa ngamaketango etusi, ukuba a yiswe eBabulona.
8AmaKaldea a tyisa indhlu yenkosi nezindhlu zabantu ngomlilo, a bidhliza izindonga zeJerusalema.
9uNebuzaradani induna yamapolisa wa tumba insalo yabantu abaseleyo emzini, nabahlubukileyo aba be hlubukele kuye, kanye nensalo yabantu abaseleyo.
10Kepa uNebuzaradani induna yamapolisa wa shiya abantu abampofu, aba nge naluto, ezweni la kwaJuda, wa ba pa izivini namasimu ngalesosikati.
11uNebukadnezari inkosi ya seBabulona wa m yala uNebuzaradani induna yamapolisa ngoJeremia, wa ti,
12M tabate, u beke amehlo ako pezu kwake, u nga menzi luto; kepa yenza kuye njengokutyo kwake kuwe.
13Kona uNebuzaradani induna yamapolisa wa tuma, kanye noNebushasbani induna yezinceku, noNegalsharezeri induna yezazi, nezikulu zonke zenkosi ya seBabulona,
14Ba tuma, ba m kipa uJeremia ebaleni letilongo, ba m nikela kuGedalia indodana ka Ahikamu indodana ka Shafani, ukuba a m yise ekaya; wa e se hlala ebantwini.
15Kwa fika izwi lika Jehova kuJeremia, e sa valelwe ebaleni letilongo la ti,
16Hamba, u ye u tyo kuEbedmeleki umKushi, u ti, U tyo uJehova wemikosi, uTixo ka Israeli, Bheka, ngi ya kwehlisela amazwi ami kulomuzi, ku be kubi, ku nga bi kuhle; a ya kuqiniseka pambi kwako ngalolosuku.
17Kepa ngi ya kukusindisa wena ngalolosuku; u tyo uJehova; a u yi kunikelwa esandhleni sabantu o besabayo.
18Ngokuba ngi ya kukusindisa impela, u nga bulawa ngenkemba, kepa ukupila kwako ko ba impango yako; ngokuba u ngetembile; u tyo uJehova.