1IZWI lika Jehova la buya leza kuJeremia ngokwesibili, e se botyiwe ebaleni letilongo, la ti,
2U tyo uJehova, o lenzayo, uJehova o li cebayo ukuba a li feze, uJehova igama lake, u ti,
3Kuleka kimi, ngi za kukupendula, ngi ku bonise izinto ezinkulu nezifihlekileyo, o nga zaziyo.
4Ngokuba u tyo uJehova, uTixo ka Israeli, ngezindhlu zalomuzi, na ngezindhlu zamakosi a seJuda, eza bidhlizwa ngezindonga na ngenkemba;
5Beza ukulwa namaKaldea, nokuzigcwalisa ngezidumbu zabantu, engi ba buleleyo ngokutukutela kwami, na ngolaka lwami, be ngi u fihlele lomuzi ubuso bami ngokona konke kwabo.
6Bheka, ngi ya u letela ukupila nokusinda, ngi ba sindise, ngi bambulele ukuvama kokutula neqiniso.
7Ngi ya kubuyisa izitunjwa za kubaJuda, nezitunjwa za kubaIsraeli, ngi bake njenga sekuqaleni.
8Ngi ba hlambulule ebubini bonke abonile kimi ngabo, ngi ba tetelele amacala onke abo abonile kimi ngawo.
9Ku ya kuba kimi igama lokutokoza, isibongo nodumo pambi kwezizwe zonke zomhlaba, ezi ya kuzwa okuhle konke engi kwenzayo kubo, zesabe, zi tutumele ngokuhle konke, na ngenhlanhla yonke, engi wenzela yona.
10U tyo uJehova, u ti, Ku lendawo eni ti ngayo, I citekile, ku nge ko abantu nezilwane, emizini ya seJuda na sezitalatini za seJerusalema, e citekile, i nge nabantu i nge nabakileyo i nge nazilwane ku ya kuzwakala.
11Izwi lokutokoza nezwi lokujabula, izwi lomyeni nezwi lomakoti, izwi labo aba ti, Bongani uJehova wamabandhla, ngokuba uJehova u lungile, ngokuba umusa wake u pakade, aba leta iminikelo yokubonga endhlini ka Jehova. Ngokuba ngi ya kubuyisa izitunjwa zezwe njenga sekuqaleni, u tyo uJehova.
12U tyo uJehova wemikosi, u ti, Ku ya kubuya ku be kona ku lendawo ecitekileyo, i nge nabantu nezilwane, na semizini yonke yayo, idhlelo labalusi, ba lalise imihlambi yabo.
13Emizini ya sentabeni, na semizini ya sesihlanjeni, na semizini ya seningizimu, na sezweni lika Benjamini, na semapandhleni a seJerusalema, na semizini ya seJuda, imihlambi i ya kubuya i dhlule pansi kwezandhla zake o i balayo, u tyo uJehova.
14Bheka, ku yeza izinsuku, u tyo uJehova, engi ya kuqinisa ngazo izwi elilungileyo engi li tyiloyo ngendhlu ka Israeli, na ngendhlu ka Juda.
15Ngalezozinsuku na ngalesosikati ngi ya kumhlumisela uDavida ihlumela lokulunga, u ya kwenza okufaneleyo nokulungileyo ezweni.
16Ngalezozinsuku uJuda u ya kusindiswa, neJerusalema li ya kuhlala kahle; li ya kubizwa ngokuti, uJehova ukulunga kwetu.
17Ngokuba u tyo uJehova, u ti, uDavida a ka yi kuswela umuntu wokuhlala esihlalweni sendhlu ka Israeli;
18Nabapristi, abaLevi, a ba yi kuswela umuntu pambi kwami wokunikela iminikelo yokutyiswa nokutyisa iminikelo yenyama, nokunikela imihlatyelo njalonjalo.
19Izwi lika Jehova la buya la fika kuJeremia, la ti,
20U tyo uJehova, u ti, Uma napula isivumelwano sami semini nesivumelwano sami sobusuku, ku ze ku nga bi ko imini nobusuku ngesikati sako,
21Kona ku ngapulwa isivumelwano sami noDavida, inceku yami, ukuba a nga bi nandodana yokubusa esihlalweni sake, kanye nabaLevi, abapristi aba ngi konzayo.
22Njengaloku umkosi wa sezulwini u nge balwe, nesihlabati solwandhle si nge linganiswe, kanjalo ngi ya kwandisa inzalo ka Davida, inceku yami, nabaLevi aba ngi konzayo.
23Izwi lika Jehova la buya la fika kuJeremia, la ti,
24A u qondanga ini aba ku tyiloyo lababantu, ukuti, Lezozindhlu ezimbili a be zi ketile uJehova, u zi lahlile? ku njalo ba delele abantu bami, ba ze ba nga bi isizwe pambi kwabo.
25U tyo uJehova u ti, Uma si nga bi ko isivumelwano sami nemini nobusuku, uma ngi nga dabulanga izimiso zezulu nomhlaba;
26Kona ngi ya kulahla inzalo ka Jakobe, noDavida inceku yami, ngi nga tabati kuyo inzalo yake ababusi benzalo ka Abrahama, noIsaka, noJakobe; ngokuba ngi ya kubuyisa izitunjwa za kubo, ngi ba haukele.