1KONA wa hlabelela uDebora noBaraki indodana ka Abinoami ngalolosuku, ba ti.
2Ngokuhola kwabaholeli kwaIsraeli, ngokuzinikela kwabantu, bongani uTixo.
3Yizwani, nina makosi; lalelani, nina zikulu; mina ngi ya kuhlabelela kuJehova, ngi ya kugwaba kuJehova, uTixo ka Israeli.
4Jehova, ekupumeni kwako eSira, ekusukeni kwako ezweni la kwaEdomi, umhlaba wa zamazama, nezulu la tonsa, yebo amafu a tonsa amanzi.
5Izintaba za tutumela pambi kuka Jehova, leliSinai pambi kuka Jehova, uTixo ka Israeli.
6Ezinsukwini zika Shamgari, indodana ka Anati, ezinsukwini zika Jaeli, izindhlela za shiywa, izihambi za hamba ngezindhlela ezimazombezombe.
7Kwa pela ababusi kwaIsraeli, ba pela nga za nga vuka mina Debora, nga vuka ngi unina kwaIsraeli.
8Ba be ketile otixo abatya; ngako kwa ku kona impi emasangweni abo; kwa bonwa ini isihlangu nomkonto kuzo izinkulungwane ezimashumi amane za kwaIsraeli.
9Inhliziyo yami ya i nabahluli ba kwaIsraeli, aba zinikelayo ba sebantwini; bongani uJehova.
10Nina bakwelayo izimbongolo ezimhlope, nina bahlalayo emacansini, nani bahambayo endhleleni, hlabelelani.
11Ezindaweni zomsindo wabemicibityolo emitonjeni, ba ya tusa kona ukulunga kuka Jehova, ukulunga kokubusa kwake kwaIsraeli, kona abantu baka Jehova ba ya kwehlela emasangweni.
12Vuka, vuka, Debora, vuka, vuka, u qambe igama; Suka, Baraki, u hambe nabatunjiweyo bako, wena ndodana ka Abinoami.
13Kona abaseleyo behlela kwabanamandhla, abantu baka Jehova behlela nami kumaqawe.
14Kwa vela kuEfraimi uhlanga lwabalwayo noAmaleki, emva kwako uBenjamini ebantwini bako, abahluli ba vela kuMakiri, na kuZebuloni abapata uti lombali.
15Nezikulu za kwaIsakari za zi kona noDebora, yebo, uIsakari wa e isisekelo sika Baraki; wa ziponsa emfuleni emva kwake; kepa nga semfuleni ka Rubeni kwa ku kona ukuceba okukulu kwenhliziyo.
16Wa hlalelani nga sezibayeni u lalela amavenge emihlambi; nga semifuleni ka Rubeni kwa ku kona ukucinga okukulu kwenhliziyo.
17uGiladi wa hlala pesheya kweJordani; noDani wa hlalelani nga semikunjini; uAsheri wema ngasoqwini lolwandhle, wa hlala kahle nga sematekwini ake.
18Kepa uZebuloni noNaftali, abantu aba zidela ezindaweni ezipakemeyo.
19Amakosi eza, a lwa; kona amakosi a seKenani a lwa eTanaki nga semanzini a seMegido; a ba i tabatanga inzuzo yemali.
20Kwa liwa ezulwini, izinkanyezi ezindhleleni zazo za lwa noSisera.
21Umfula weKishoni wa ba kukula, umfula wokusiza umfula weKishoni. Mpefumlo wami, nyatela ngamandhla.
22Kona izinselo zamahashi za tyaya pansi ngokubaleka, ukubaleka kwamaqawe a wa kweleyo.
23Tukani iMerozi, ya tyo ingelosi ka Jehova, tukani kakulu abantu balo, ngokuba a bezanga ukumsiza uJehova, ukumsiza uJehova ukulwa namaqawe.
24Wo busiswa kwabesifazana uJaeli umka Heberu umKeni, wo busiswa kwabesifazana botente.
25Wa cela amanzi, wa m nika ubisi, wa leta amasi ngesitya senkosi.
26Wa tabata isikonkonkwane ngesandhla, nesando sezisebenzi ngesandhla sokunene; wa m tyaya uSisera, wa gwaza ikanda, wa m hlaba, wa m betela esikaleni sendhlebe.
27Nga sezinyaweni zake wa zi fingqa, wa wa, wa lala; nga sezinyaweni zake wa zifingqa, wa wa, e sa zifingqa wa wa, ebulewe.
28Unina ka Sisera wa bheka esibukweni, wa memeza entubeni, wa ti, Inqola yake i libalelani ukuza? amasondo ezinqola zake a libaziswa ini?
29Amakosazana ake aqondileyo a pendula, yebo, wa zipendula;
30A ba yi kutola ini, ba zabele impango, ku be ilowo abelwe intombi, noma zimbili; uSisera impango yezingubo ezi nemibala, impango yezingubo ezi nemibala, zi feketisiwe, ileyontamo yabapangiweyo yabelwe ingubo e nemibala, ezimbili ezifeketisiweyo.
31Kanjalo ma zi bube izita zonke zako, Jehova; kepa abamtandayo a ba be njengokupuma kwelanga emandhleni alo; Izwe la hlala li tule iminyaka emashumi amane.