1LEZI zi izizwe a zi yekayo uJehova, ukuba a linge abakaIsraeli ngazo, (bonke abakaIsraeli aba be ngazi ukulwa konke kwa seKenani;
2Kupela ukuze izizukulwana zabaka Israeli zi kwazi, zi fundiswe ukulwa, ukulwa eza zi nga kwazi ngapambili;)
3Amakosi amahlanu amaFilisti. namaKenani onke, namaSidoni, namaHivi, akileyo entabeni yeLebenoni, ku suka entabeni yeBalhermoni ku ze ku fike eHamati.
4Za zi kona ukuba abakaIsraeli ba lingwe ngazo ukuze kwaziwe ukuba ba za kulalela imiyalo ka Jehova, a ba yala oyise ngayo, ngesandhla sika Mosi.
5Abaka Israeli ba hlala pakati kwamaKenani, namaHiti, namaAmori, namaPerizi, namaHivi, namaJebusi;
6Ba tabata izintombi zabo, zi be omkabo, ba nika amadodana abo izintombi zabo, ba konza otixo babo.
7Abaka Israeli benza okubi pambi kuka Jehova, ba kohlwa uJehova uTixo wabo, ba konza uBali noAshera.
8uJehova wa tukutelela abakaIsraeli, wa ba nikela esandhleni sika Kushanrishataimi, inkosi ya seMesopotamia; abaka Israeli ba m konza uKushanrishataimi iminyaka eshiyagalombili.
9Abaka Israeli ba kala kuJehova, uJehova wa ba vusela abaka Israeli umsindisi, wa ba sindisa, uOtnieli indodana ka Kenazi, umnawe ka Kalebi.
10Umoya ka Jehova wa e pezu kwake, wahlula abaka Israeli, wa hlasela; uJehova wa nikela uKushanrishataimi, inkosi ya seMesopotamia, esandhleni sake; isandhla sake sa ba namandhla pezu kuka Kushanrishataimi.
11Izwe la hlala li tule iminyaka emashumi amane; uOtnieli indodana ka Kenazi wa fa.
12Abaka Israeli ba pinda benza okubi pambi kuka Jehova; uJehova wa m quba uEgloni inkosi yamaMoabi ukulwa nabakaIsraeli, ngokuba ba benzile okubi pambi kuka Jehova.
13Wesuka wa hlangana nabaka Amoni nabaka Amaleki, wa ya wa tyaya abaka Israeli, ba nqoba umuzi wemitemari.
14Abaka Israeli ba m konza uEgloni inkosi yamaMoabi iminyaka e ishumi na shiyagalombili.
15Abaka Israeli ba kala kuJehova, uJehova wa ba vusela umsindisi, uEhudi, indodana ka Gera, umBenjamini, umuntu o inxele; abaka Israeli ba tuma isipo ngaye kuEgloni inkosi yamaMoabi.
16uEhudi wa zenzela inkemba, e bukali ezinhlangoti zombili, ubude bayo ba bu ikubiti; wa i bopa pansi kwengubo yake etangeni lokunene.
17Wa yisa isipo kuEgloni inkosi yamaMoabi; uEgloni wa e ngumuntu okulupeleyo.
18Kwa ti e se qedile ukumnika isipo, wa mukisa abantu aba be si twele isipo.
19Kepa yena wa buya ePesilimi eli nga seGilgali, wa ti, Nkosi ngi nendaba engi ya kukubikela yona ngasese; Wa ti, A ku tule. Kona bonke aba bemi naye ba puma.
20uEhudi wa sondela kuye; wa e hlezi endhlini epezulu epolileyo; uEhudi wa ti, Ngi nendaba ka Tixo kuwe. Kona wesuka esihlalweni.
21uEhudi wa selula isandhla sake sokohlo, wa tabata inkemba etangeni lake lokunene, wa m gwaza esiswini ngayo;
22Isandhla sayo sa ngena nenkemba, amafuta a hlangana enkembeni, ngokuba ka i kipanga inkemba esiswini, ya puma esinqeni.
23uEhudi wa pumela ebalkonini, wa vala izicaba zendhlu e pezulu emva kwake, wa zi hlutulela.
24Nxa e se pumile yena, izinceku zake ze za, za cinga, bheka, izicaba zendhlu e pezulu za zi hlutululwe, za ti, Impela u yembesa izinyawo zake endhlini yake epolileyo.
25Ba hlala ba ze ba jaba; bheka, izicaba zendhlu epezulu a zi vulwanga muntu; ngako ba tabata isihlutulelo ba zi vula; bheka, inkosi yabo ya i wile pansi i file.
26Kepa uFhudi wa baleka, be sa libala, wa e se dhlulile ePesilimi, wa balekela eSira.
27Kwa ti ekufikeni kwake, wa tyaya itilongo ezintabeni za kwaEfraimi, abaka Israeli behla, naye ezintabeni, e hamba pambi kwabo.
28Wa ti kubo, Tyetyani emva kwami, ngokuba uJehova u nikele izita zenu amaMoabi esandhleni senu. Behla emva kwake, ba vimba emazibukweni a seJordani, nga seMoabi, a ba vumanga ukuba ku wele muntu.
29Ba bulala amaMoabi ngalesosikati, ku nga ti abantu aba izingulungwane ezi ishumi, abakulupeleyo bonke, be ngamaqawe bonke, a ka sindanga umuntu.
30Kwa njalo amaMoabi a nqotywa abaka Israeli ngalolosuku; izwe la hlala li tule iminyaka emashumi ashiyagalolunye.
31Na semva kwake wa e kona uShamgari indodana ka Anati; yena wa bulala amaFilisti amakulu a isitupa ngoti lwezinkabi, naye wa sindisa abaka Israeli.