1NGI funwa ibona aba be nga ngi celanga: ngi tolakele kubona aba be nga ngi funi: Nga ti, Bheka mina, bheka mina, kuso isizwe e be si nga bizwa ngegama lami.
2Ngi zelulile izandhla zami lonke usuku kubantu abahlubukileyo, aba hamba ngendhlela engalungile, ngemicabango yabo;
3Abantu aba ngi vukela njalo ngolaka eduze; aba hlabela emasimini, naba tyisa impepo pezu kwamalati esitini;
4Aba hlala ematuneni, bake ezintabeni, abadhla inyama yezingulube, nomhluzi wezinto ezinengekayo u sezityeni zabo.
5Aba ti, Yima wedwa, u nga sondeli kimina; ngokuba ngi ngcwele ku nawe. Loku ku ngumusi ekaleni lami, umlilo otyayo lonke usuku.
6Bheka, ku lotyiwe ngapambi kwami: A ngi i ku tula, kodwa ngi pindise, yebo ngi pindisele ezifubeni zabo.
7U tyo uJehova ukuti, Izono zenu kanye nezono za oyihlo, aba tyisileyo impepo ezintabeni, be ngi tuka ezintatyaneni: ngakoke ngo ba linganisa ezifubeni ngomsebenzi wabo wokuqala.
8U tyo loku uJehova ukuti, Njengewaini elitya li tolwa esixukutwini, omunye a ti, U nga si bulali; ngokuba isibusiso si kuso: ngo kwenze njalo ezincekwini zami, ukuze ngi nga zi bulali zonke.
9Ngi ya kuveza inzalo kuJakobe, na kuJuda umudhli wefa ezintabeni zami: nabaketiweyo bami ba ya ku li dhla, nezinceku zami zake kona.
10iSharoni li ya kuba isibaya semihlambi, nesigodi sa kwaAkori indawo yokulala imihlambi yabantu bami aba ngi funileyo.
11Kodwa inina abamdelayo uJehova, ni kohlwa intaba yami e ingcwele, ni lungisela lesosixuku isitebe, ni benzela na labo umnikelo wokupuza.
12Ngako ngo ni misela inkemba, ni kotame nonke ekugwazeni: ngokuba lapo ngi bizayo, a ni pendukanga; nga kuluma, ka ni lalelanga: kodwa nenza ububi ngapambi kwamehlo ami, na keta kona e ngi nga ku tandiyo.
13Ngako u tyo uJehova uTixo, Bheka, izinceku zami zi ya kudhla, kodwa ni lambe nina: izinceku zami zi puze, kodwa nina nome: izinceku zami zi jabule, kodwa nina ni jabe:
14Bheka, izinceku zami zo hlabelela ngenjabulo yenhliziyo, kodwa nina ni kale ngenhlupeko yenhliziyo, ni bubule ngokukatazeka komoya.
15Ni li shiye igama lenu li be isituko kwabaketiweyo bami: ngokuba uJehova uTixo u ya kukubulala, a bize izinceku zake ngelinye igama:
16Ukuze yena o zibusisayo emhlabeni a zibusise kuTixo weqiniso; naye o fungayo emhlabeni a funge ngoTixo weqiniso; ngokuba izinhlupeko zakuqala zi kohlakele, na ngokuba zi tukusiwe emehlweni ami.
17Ngokuba, bheka, ngi ya lenza izulu elitya nomhlaba omutya: okwakuqala ku ngabe ku sa kunjulwa, ku catyangwe ngako.
18Kodwa jabulani ni tokoze njalo njalo ngako e ngi kwenzayo: ngokuba, bheka, ngi yenza injabulo eJerusalema, nabantu balo intokozo.
19Ngi jabule ngeJerusalema, ngi tokoze ngabantu bami: ku nga bi ku sezwakala izwi lokulila ku lona, nezwi lokukala.
20Ku nga bi ku sa ba biko ingane yezinsuku, nexegu eli nga zi gcwalisile izinsuku zalo; ngokuba ingane i ya kufa i ikulu iminyaka yayo: kodwa isoni si neminyaka e ikulu si tukwe.
21Ba zake izindhlu, ba hlale kuzona; ba tyale izivini, ba dhle izitelo zazo.
22A ba i kwaka ku hlale omunye: a ba i ku tyala, ku dhle omunye; ngokuba njengezinsuku zomuti, zi njalo ne zabantu bami, nabagcotyiweyo bami ba jabule ngesikati eside umsebenzi wezandhla zabo.
23A ba yi ku sebenzela ize, ba veze inhlupeko; ngokuba ba inzalo yababusisiweyo baka Jehova, nenzalo yabo kanye nabo.
24Ko ti be nga ka bizi, ngi pendule; na lapo be sa kuluma, ngi zwe.
25I dhle ndawonye impisi necwane, ibubesi li dhle utyani njengenkabi: notuli lu be ukudhla kwenyoka. A zi i ku limaza zi bulale kuyo yonke intaba yami e ingcwele, u tyo uJehova.