1VUKA, u kanye; ngokuba ukukanya kwako ku fikile, nodumo luka Jehova lu vuke pezu kwako.
2Ngokuba, bheka, ubumnyama bu ya kuwusibekela umhlaba, nobumnyama obukulu abantu: kodwa uJehova u ya kukuvukela, nodumo lwake lu bonakale pezu kwako.
3Nabezizwe ba fikele ukukanya kwako, namakosi ngokukanya kokuvuka kwako.
4Vusa amehlo ako ngakona, u bone: ba butana bonke, ba fikela wena: amadodana ako a ya kuvela kude, namadodakazi ako a ya kondhliwa ngasecaleni kwako.
5U boneke wena, u hlangane ndawonye, inhliziyo yako yesabe, i kule; ngokuba ubuningi bolwandhle bo kolwa kuwe, izixuku zabezizwe zi ku fikele.
6Ubuningi bamakamelo bu ku sibekele izimbongolo za kwaMidiani noEfa; bonke aba kwa Sheba ba ya kufika: ba lete igolide nempepo: ba bonakalise izibusiso zika Jehova.
7Yonke imihlambi ya kwaKedari i ya kubutanela wena, izinqama za kwaNebaiote zi kulume kuwe: zo fika ngokutanda pezu kwelati lako, nami ngo dumisa indhlu yodumo lwami.
8Obani laba aba ndizayo njengefu na, na njengamajuba ezindhlini zawo na?
9Impela iziqingi zo ngi hlalela, imikumbi ya kwaTarshishi kuqala, uku wa leta amadodana ako e kude, isiliva negolide labo kanye nabo, kulo igama lika Jehova uTixo wako, na ko ingcwele ka Israeli, ngokuba u ku dumisile wena.
10Amadodana ezihambi a zake izindonga zako, namakosi abo a ku kulumele: ngokuba ngolaka lwami nga ku tyaya, kodwa ngomusa wami nga ku dabukela.
11Ngako amasango ako a vuleke njalo; a nga valwa emini na sebusuku; ukuze abantu ba ku letele ibandhla labezizwe, nokuba amakosi abo a letwe.
12Ngokuba isizwe nombuso o nga kuvumiyo u ya kufa; yebo, lezo zizwe zi qedwe impela.
13Udumo luka Lebanoni lu ya kukufikela, umuti wefire nomberoshi, nomtidhari, nomkoba kanye kanye, ukuyenzanhle indawo yendhlu engcwele; ngenze futi indawo yezinyawo zami i benhle.
14Namadodana abo aba ku hlupileyo a fike kuwe e ku kotamela: nabo bonke aba be ku dela ba kotame ezinyaweni zako; ba ku bize ngokuti, Umuzi ka Jehova, iZioni lo ingcwele ka Israeli.
15Nokuba wena wa delwa wa zondwa, a kwa bako muntu o dabulayo kuwe, ngi ya kukwenza u be ubuhle obuma njalo, injabulo yezizukulwane eziningi.
16U ncele futi ubisi lwabezizwe, u ncele ebeleni lamakosi; wazi ukuti mina Jehova ngi ngumsindisi nomkululi wako, o namandhla ka Jakobe.
17Endaweni yetusi ngi lete igolide, na ngensimbi ngi lete isiliva, na ngomuti itusi, na ngamatye insimbi: Ngenze futi izinduna zako zi be nokutula, nababusi bako ukulunga.
18Ububi bu nga be bu sezwakala ezweni lako, nencitakalo nokucita osebeni lwako; u bize izindonga zako ngokuti insindiso, namasango ako ukubonga.
19U nga be u sa kanyiswa ilanga emini; nenyanga i nga ku kanyiseli: kodwa uJehova a be kuwe ukukanya okungapeliyo, noTixo wako udumo lwako.
20Ilanga lako li nga be li sa tyona: nenyanga yako i nga be i sa zifihla: ngokuba uJehova a be ukukanya kwako okungapeliyo, nezinsuku zokulila kwako zi pele.
21Nabantu bako ba be abalungileyo bodwa: ba fuye izwe ku ze ku be pakade, igatya lensimu yami, umsebenzi wezandhla zami ukuze ngi dunyiswe.
22Omcane kakulu a be inkulungwane, nomcane u ya kuba isizwe esinamandhla: mina Jehova ngi ya kukutyetyisa ngesikati sami.