1U TYO loku uJehova, gcinani ukwahlulela, nenze ukulunga: ngokuba insindiso yami i seduze, nokulunga kwami ku bonakale.
2U busisiwe umuntu owenzayo loku, nendodana yomuntu ebambelelayo ku kona; o gcinayo isabata e nga loni, no si bambayo isandhla sake ebubini bonke.
3U nga vumi futi ukuba indodana yesihambi e zihlanganise noJehova, i kulume, i ti, uJehova u ngahlukanisile nempela kubantu bake: noteniweyo a ti, Bheka, ngi ngumuti owomileyo.
4Ngokuba u tyo loku uJehova kubo abateniweyo abagcinayo amasabata ami, nabaketa izinto ezi ngi jabulisayo mina, nababambayo isivumelwano sami;
5Ngo nika na kubona endhlini yami, na ngapakati kwezindonga zami indawo negama eli wa dhlulayo amagama amadodana namadodakazi: ngo ba nika igama elingapeliyo, eli nga yi ku nqunywa.
6Futi amadodana esihambi azihlanganisa noJehova, ukumkonza, nokulitanda igama lika Jehova, ukuba izinceku zake, i lowo na lowo o li gcinayo isabata e nga loni, nosibambayo isivumelwano sami;
7Ngo ba leta nabo entabeni yami ingcwele, ngi ba jabulise endhlini yami yomtandazo: imihlatyelo yabo yo kwamukeleka kulo ilati lami; ngokuba indhlu yami yo bizwa i tiwe indhlu yomtandazo yabantu bonke.
8uJehova uTixo obutayo abalahliweyo baka Israeli u ti, Ngo m butela nabanye futi, ngapandhle kwabo a se be butiwe.
9Nina nonke zilwane za sendhle, wozani ni pange, yebo, nina nonke zilwane zehlati.
10Abalindi bake ba izimpumpute: bonke ka ba nakwazi, ba izinja ezi izimungulu, a ba nakukonkota; ba lele ubutongo pansi, be tanda ubutongo.
11Yebo, ba izinja ezihahayo ezi nga sutiyo, ba ngabalusi bezimvu aba nge nakwazi: ba bheka bonke kweyabo indhlela, ilowo kweyake inzuzo, e suka kweyake indawo.
12Ba ti bona, Wozani, ngi ya kuleta iwaini, si zigcwalise ngopuzo olunamandhla: ingomuso li be njenga namuhla, li be liningi kakulu ku naloku.