1AI, nina nonke bomileyo, wozani emanzini, naye o nge namali; woza, tenga, u dhle; yebo, woza, tenga iwaini nobisi i nge ko imali nenani.
2Ni i citelani imali kuko oku nge iso isinkwa na? namandhla enu kuko oku nga delisiyo na? ngi laleleni kahle, ni dhle loko okuhle, nompefumlo wenu u jabule emafuteni.
3Lulamisani izindhlebe zenu, ni ze kimi; yizwani, nompefumlo wenu u ya kupila; nami ngenze isivumelwano esingapeliyo kinina, umusa ka Davida oqinisekileyo.
4Bheka, ngi m nikile a be ufakazi kubantu, umholi, nombusi kubantu.
5Bheka, u ya kubiza isizwe o nga saziyo, nezizwe e be zi nga kwazi zo kugijimela ngenxa ka Jehova uTixo wako, na ngenxa yo ingcwele ka Israeli; ngokuba u ku dumisile wena.
6Funani uJehova e se nokutolwa, mbizeni e se seduze:
7Omubi ma ka i shiye indhlela yake, no nga lungile imicabango yake: ma ka buyele kuJehova, naye u ya kuba nomusa kuyena; na kuTixo wetu ngokuba u ya kuyekela ngokukulu.
8Ngokuba imicabango yami a si yenu, nezami izindhlela a si zenu, u tyo uJehova.
9Ngokuba njengamazulu e pezu komhlaba, njalo ezami izindhlela zi pezu kwezenu, neyami imicabango i pezu kweyenu.
10Ngokuba njengokwehla kwemvula, nongqoqwane ezulwini, i nga buyeli kona, kodwa i matisa umhlaba, i wenze ukuba u tele, ukuze u nike ohlwanyelayo imbeu, nesinkwa kodhlayo:
11Ko ba njaloke izwi lami eli puma emlonyeni wami: a li i ku buyelaze kimi, kodwa li ya kukuqeda e ngi ku tandayo, li buse ngayo into e ngi li tumele yona.
12Ngokuba ni ya kupuma ngenjabulo, ni holwe ngokutula: izintaba nezintatyana zo pumisela izihlabelelo ngapambi kwako, nemiti yonke yamasimu i tyaye izandhla zayo.
13Endaweni yameva ko mila umuti wefire, nasendaweni yegatya ko vela umuti wemurtle: ku be igama kuJehova, isibonakaliso esingapeliyo esi nga yi ku nqunywa.