1YEHLA, u hlale otulini, wena ntombi ka Babulona, hlala emhlabatini: a siko isihlalo sobukosi, wena ntombi yamaKaldi: ngokuba a u sa yi u bizwa ngokuti u butakataka.
2Bambani amatye, ni gaye impupu: wambule ikanda, u veze izito, ku bonakal
3Ubuze benu bu ya kuvela obala, yebo, ihlazo lenu li bonakale: ngi ya kupindisa, ngi nga hlangani nawe njengendoda.
4Kepa igama lomsindisi wetu li nguJehova wamabandhla, o ingcwele ka Israeli.
5Hlala u tule, u zifake ebumnyameni, wena ntombi yamaKaldi: ngokuba a u sa i ku bizwa ngokuti, Inkosikazi yemibuso.
6Nga ba tukutelela abantu bami, nga li ngcolisa ifa lami, nga ba nika esandhleni sako: nawe a u benzelanga umusa; nabadala wa ba sindisa kakulu ngejokwe lako.
7Wa ti wena, Ngo ba inkosikazi njalo njalo: u nga zi cabangeli lezi zinto enhliziyweni yako, u nga ku kumbuli nokugcina kwazo.
8Manjeke yizwa loku, wena o ziponsileyo enjabulweni, no hlezi ngokungakatali; o ti enhliziyweni, ngi kona, ngi ngedwa; a ngi i ku hlalisa o kwedikazi, nokufelwa abantwana a ngi i ku ku bona.
9Kodwa loku kokubili ko ni fikela ngosuku lunye, ukufelwa abantwana, nobudikazi: ku ya kunifikela ngokupeleleyo ngenxa yobuningi bobubi benu, nobungoma benu.
10Ngokuba u tembile ebubini baka: wa ti, A ngi bonwa muntu. Ukuhlakanipa nokwazi kwako, ku konile; wa ti enhliziyweni yako, ngi kona, akako omunye ngapandhle kwami.
11Ngako ububi bu ya kukufikela; u nga boni na lapo bu puma kona: u fikelwe izinhlupeko; u nga be u sa ba namandhla nokuzisusa: nencitakalo i ku fikele masinyane, ongayaziyo.
12Yimake nemilingo yako, nobuningi bobunusi bako, o sebenze ngabo kwa sebutyeni; ku bonakaleke uma u ya kusizeka, nokuba u ya kupelela iloko na?
13U katele ngobuningi bamacebo ako. Ma ba suke manje aba bheka izulu, nezinkanyezi, naba bala ngenyanga, beme ba ku sindise ku loku oku ya kukufikela.
14Bheka, ba ya kuba njengezimpande; umlilo u zityise; a ba yi ku zikulula emandhleni elangabi: li nga biko ilahle lokota, nomlilo woku wu hlalela.
15Ba be njalo kuwena bona o sebenze nabo, ebutyeni bako, abatengi bako; ba zule i lowo kwe yake indawo; u nga sindiswa muntu.