1NGOKUBA, bheka, uJehova, uJehova wamabandhla, u ya susa eJerusalema, na kuJuda insika nodondolo, insika yonke e isinkwa, nensika yonke e amanzi,
2Umuntu omkulu, nomuntu wempi, umabi, nomprofeti, noqondayo, nomdala.
3Induna yabamashumi a isihlanu, nomuntu olungileyo, ummeli nomaki ohlakanipileyo, nomlobi oqondileyo.
4Ngi ya kuveza abantwana ba be amakosi abo, nezingane zi ya ku ba busa.
5Nabantu ba ya kuhlutywa, ilowo ngalowo, nalowo ngowakelene naye; umntwana u ya kuziqenya ngakomdala, nomubi ngakolungileyo.
6Lapo umuntu u ya kubamba umfo wabo wendhlu ka yise, a ti, Wena u nezingubo, yiba umbusi wetu, na lokukuciteka ku be ngapansi kwesandhla sako.
7Ngalolusuku u ya kufunga, a ti, A ngi yi kuba umelapi, ngokuba endhlini yami a kuko isinkwa nezingubo; u nga ngenzi ngi be umbusi wabantu.
8Ngokuba iJerusalema li citakele, noJuda u wile; ngokuba izilimi zabo nezenzo zabo zi pambene noJehova ukucunula amehlo obungcwele bake.
9Ukubonakala kobuso babo ku ya ba fakazela; nabo ba ya vuma ukuti isono sabo si njengeSodoma, a ba tukusi loko. Wo empefumlweni wabo! ngokuba ba zikokele ngokubi.
10Yityoni kwabaingcwele ukuba ku ya kuba kuhle ku bona; ngokuba ba ya kudhla izitelo zezenzo zabo.
11Wo kwababi! ku ya kuba kubi nabo; ngokuba inkokelo yezandhla zabo i ya kunikwa bona.
12Kwa bamike abantu, abahlupi babo ba ya kuba abantwana, ba buswe abesifazana. O bantu bami, bona abahiholayo be nonisa, ba bulala indhlela yemigwaqo yenu.
13uJehova uyena ukunimela, uyena ukwaba abantu.
14uJehova u ya kungena ekwabeni nabadala abantu bake, namakosi abo; ngokuba nina ni si qedile isivini; impango yabampofu i sezindhlini zenu.
15U tyo uJehova uTixo wamabandhla, ku ngani ni ba tyaye abantu bami ngokubahlepula na? ni gaye ubuso babampofu na?
16Futi uJehova u ti, ngokuba amadodakazi a seZioni a ya ziqenya, a hamba ngezintamo ezeluliweyo, namehlo a lufipa, a hamba e tebezela, e kenceza na ngezinyawo zawo.
17Ngako uJehova u ya kutyaya ngezilonda ukakayi lwekanda lamadodakazi a seZioni, noJehova u ya kutola okufihlwayo kwawo.
18Ngalolosuku uJehova u ya kususa ubuqawe bezihlobiso ezikencezayo zezinyawo zawo, nezinwele zawo, namasongo awo a njengenyanga.
19Amakatanga, nezigqizo, nezikazimulo,
20Izigqoko, nezihlobiso zemilenze, nemiqele, neziyinga, nezinviliba.
21Amasongo, nezihlobiso zekala,
22Nezivato zokuketa, nezingapezulu, namashali, nezikonkwane zezinwele,
23Nezibuko, nendwangu eyalukekile, namafasikote, nezilembu zokugubuzela.
24Ko ti, endaweni yamaka amnandi ku ya kuba kona ukunuka: na sendaweni yebande ukuhxebuka; na sendaweni yezinwele ezilungisiweyo ku be impanhla; na sendaweni yeziyinga ku be ingubo yamasaka; na sendaweni yobuhle ku be ukutyisa.
25Amadoda enu a ya kuwa ngenkemba, nabakulu benu empini,
26Namasango alo (iZioni) a ya kukala a lile, na ngezinhlupeko zalo li ya kuhlala pansi emhlabatini.