1NGALOLOLUSUKU leligama li ya kuhlatyelelwa ezweni la seJuda lokuti si nawo umuzi o namandhla, noTixo u ya kumisela insindiso i be izindonga nezinqaba.
2Vulani amasango, ukuze isizwe esilungileyo nesinamatela eqinisweni si ngene.
3U ya kumondhla ngokutula okupeleleyo yena onhliziyo yake i namatele kuwena; ngokuba u yetemba kuwena.
4Tembani njalo njalo kuJehova; ngokuba kuJehova ku kona amandhla a nga peliyo
5Ngokuba u ya behlisa aba hlezi pezulu; umuzi o sempakameni, u wehlisela pansi, u wehlisela na semhlabatini; u wu leta na sotulini.
6Unyawo lu ya ku wu nyatela, izinyawo zabampofu nabadingayo.
7Indhlela yabalungileyo i lungile; wena o dhlula bonke ngokulunga, u ya i hlela indhlela yabalungileyo.
8Yebo Jehova ezindhleleni zezabelo zako si ku lindile, imfihlakalo yompefumulo wetu i segameni lako, na sekukumbuleni wena.
9Ngompefumulo wami ngi ku nxanele ebusuku; yebo ngomoya wami o pakati kwami, ngo ku funa ekuseni; ngokuba lapo izabelo zako zi semhlabeni, abantu bomhlaba ba ya kufunda ukulunga.
10Noma omubi e patwa ngobuhle noko a ka i ku ku funda ukulunga; ezweni lokulunga u ya kwenza okubi, a nga bu bheki ubukosi buka Jehova.
11Jehova lapo isandhla sako si pakeme a ba i ku ku bheka: kodwa ba ya kubona ba jabe ngomona a ba nawo ngabantu bako; yebo, umlilo wezita zako u ya ku ba gwinya.
12Jehova u ya ku si misela ukutula, ngokuba wena u yenzile yonke imisebenzi yetu e kitina.
13Jehova Tixo wetu amanye amakosi ngapandhle kwako a be busa pezu kwetu; kodwa ngawe wedwa si za kukuluma ngegama lako.
14Ba file, a ba i ku pila; ba nokufa a ba i ku vuka, ngako u ba hambele wa ba bulala, nenkumbulo yonke ngabo wa i qeda.
15U sandisile isizwe, Jehova u sandisile isizwe; u dumile wena; u si susele kude ekugcineni komhlaba.
16Jehova ekuhlupekeni kwabo ba ku hambela, ba kipa umtandazo lapo ukutyaya kwako ku pezu kwabo.
17Njengesifazana si miti, si seduze nokubeleta, si nobuhlungu, si kala si sezinsekeni zaso, be si njaloke nati emehlweni ako Jehova.
18Nati sa kulelwa, sa nobuhlungu, sa zala o kwangati umoya nje, a senzanga nakanye ukukulula emhlabeni; futi a ba wanga abantu bomhlaba.
19Abafileyo bako ba ya kupila, ba ya kuvuka kanye nesidumbu sami. Vukani ni hlabelele nina eni hleziyo otulini; ngokuba umbete wenu u fana nombete wemiti, nomhlaba u ya kukipa abafileyo bawo.
20Wozani, bantu bami, ngenani ezindhlini zenu, ni zi valele ngapakati; ni zi tukuse isikatyana, ku ze ku dhlule lokukucanuka.
21Ngokuba, bheka, uJehova u ya puma endaweni yake ukutyaya abantu bomhlaba ngenxa yobubi babo: umhlaba u ya kuveza igazi lawo, u nga be u sa ba sibekela ababuleweyo bawo.