1IZWI, ngeTire. Bubulani nina mikumbi ya seTarshishi; ngokuba li citekile, a iko nendhlu, nokungena ka kuko; ku bonakaliswe kubona nga bezwe leKitimi.
2Tulani, nina bantu besiqingi; nina eninotisiwe ngabatengi ba seZidoni aba wela ulwandhle.
3Ngamanzi amakulu ku fike kulo izitelo zeSihori, isivuno somfula, si ngukuvuna kwalo; si indawo yentengo kwa bezizwe.
4Jaba, wena Zidoni ngokuba lu kulumile ulwandhle, namandhla alo, lu ti, a ngi miti, a ngi ba zali abantwana, a ngi zondhli izinsizwa, a ngi kulisi nantombi.
5Njengenkulumo ya sEgipite, njalo ba ya ku dabuka kakulu ngokuzwa kwabo ngeTire.
6Welani ni ye eTarshishi; bubulani, nina bantu besiqingi.
7Iwo lomuzi wenu otokozayo, ubudala bawo bu ngobesikati esikade na? izinyawo zawo zi za ku wu yisa kude ukuhlala kona.
8Ubani oku cebileyo loku ngeTire na? umuzi onotileyo, abatengi bawo be ngamakosi, nabatenga kubo be ngabadumileyo bomhlaba na?
9uJehova wamabandhla u yena oku kulumeleyo, ukucita ukuzidhla kodumo lonke, nokuze ba deleke bonke abadumileyo bomhlaba.
10Dhlula ezweni lako njengomfula, wena ntombi ya seTarshishi: a ku seko mandhla.
11Welula isandhla sake pezu kolwandhle, wa zamazamisa imibuso: uJehova u wu nikile umuzi wabatengi isiyalezelo, ukubidhliza izinqaba zakona.
12Wa ti, a u sa yi ku jabula, wena ntombi ehlutywayo, ntombi ya seZidoni: vuka u welele eKitimi: na lapo a u yi ku ku tola ukupumula.
13Bheka izwe lamaKaldi; sa si ngeko lesi sizwe, si nga kenzelwa bona aba be hlezi ehlane nga ba seAsiria; ba zi misa izinqaba za kona, ba vusa nezindhlu zamakosi; wa ku cita yena konke loko.
14Bubulani, nina mikumbi ya seTarshishi; ngokuba amandhla enu a citekile.
15Ko ti ngalolosuku, iTire li ya ku kohlakala iminyaka e ngamashumi a isikombisa, njengeminyaka yenkosi inye; nangasemva kweminyaka engamashumi a isikombisa iTire li ya ku hlabelela isihlabelelo sonondhliwa.
16Tata ugumbu, u hambe emzini, wena nondhliwa o kade u kohlakele; gwaba kahle, u hlabelele izihlabelelo eziningi, ukuze u kunjulwe.
17Ko ti ngasemva kweminyaka engamashumi a isikombisa, uJehova u ya kuya eTire, nalo li buyele ekuzuzeni kwalo ukuba unondhliwa, lenze ubufebe nemibuso yomhlaba lapo kwakiwe kona.
18Nentengo yalo, nenzuzo yalo, ku be inzuzo kaJehova, a ku i ku bekwa, ku godhlwe, ngokuba leyo nzuzo i ya kuba okwabo aba hlala ngapambi kuka Jehova, ukuze ba sute, ba gqoke kahle.