1IZWI lesigodi ngesiboniso. U nani na? ukuba u kupukele kanyekanye pezu kwezindhlu na?
2Wena o gcwele ukwenanela, umuzi ohlokomayo, umuzi ojabulayo; aba fileyo benu a ba bulawanga ngenkemba, ka ba file empini.
3Zonke izikulu zenu zi balekile kanyekanye, ba botyiwe ngabemicibityelo, bonke aba tolwa, kuwena ba botyiwe ndawonye, aba baleka be vela kude.
4Ngakoke mina nga ti, musani uku ngi bheka mina; ngi ya kukala ngamandhla, musani uku ngi duduza, ngenxa yokucitakala kwentombi yabantu bami.
5Ngokuba ku ngusuku lwenhlupeko, nolokunyatelwa pansi, nolwenkatazo ngoJehova uTixo wamabandhla, esigodini sesibonakaliso, ukwapula izindonga nokukala ezintabeni.
6iElami la pata umkonto kanye nabantu bezincwele nabamahashi, neKiri lambule isihlangu.
7Ko ti, izigodi ezitandekayo zako, zi gcwale izincwele, nabamahashi ba zi misele udwendwe, esangweni.
8Wa ku susa ukusibekelwa kweJuda wa bheka ngalolosuku kuzo izihlangu zendhlu yehlati.
9Ni bonile futi ukudilika komuzi ka Davida, ukuti kuningi; na wa buta amanzi ecibi eli nga senzansi.
10Ni zi balile izindhlu za seJerusalema, nezindhlu ni zi wisile ukuze ni qinise udonga.
11Ni wenzile futi umsele emkatini wezindonga ezimbili, ukuze a hambe amanzi ecibi elidala; kodwa a ni bhekanga kumenzi wako, a ni m hlonipanga owa kwenzayo kade.
12Na nga lolosuku uJehova uTixo wamabandhla wa bizela ukukala, nokuola, nobumpandhla, nokubinca amasaka:
13Bhekake intokozo nenjabulo, ukubulawa kwezinkabi, nokwezimvu, ukudhla inyama, nokupuza iwaini: ma si dhle, si puze; ngokuba si ya kufa ngomuso.
14Kwa bonakaliswa ezindhlebeni zami ngoJehova wamabandhla, Impela lobububi a bu i ku suswa kinina ni ze ni fe, u tyo uJehova uTixo wamabandhla.
15U tike uJehova uTixo wamabandhla, Hamba u ye ku lesi sihlobo, kuShebna, o pezu kwendhlu u ti.
16U nani lapa na? u nobani lapa na? ukuba u ze u zibazele ituna lapa na? noziqopela ikaya esiweni na?
17Bheka uJehova, u ya kukutyinga ngokutyinga kwendoda a ku songe impela.
18Impela u ya kukusongisisa, a ku u tyingise kwesigaqa ezweni elikulu; u fe lapo, na lapo izincwele zodumo lwako zi ya kuba ihlazo lendhlu yenkosi yako.
19Ngi ku xotye esikundhleni sako, ngi ku wise nasekumeni kwako.
20Ko ti nga lololusuku, ngi ya kubiza inceku yami uEliakimi indodana ka Hilkia.
21Ngi m gqokise ngengubo yako, ngi m qinise ngesibopo sako, ngi nike ubukosi bako esandhleni sake; u ya kuba uyise kwaba seJerusalema, na kwa bendhlu ka Juda.
22Nesihlutulelo sendhlu ka Davida, ngi ya ku si beka pezu kwehlombe lake; a vule yena, ku nga vali muntu; a vale yena, ku nga vuli muntu.
23Ngi m qinisise kwesipikili endaweni elungileyo; a be isihlalo sobukosi esikanyayo endhlini ka yise.
24Ba panyeke pezu kwake lonke udumo lwendhlu ka yise, abantwana, nenzalo, izitya zonke ezincane, nezitya zonke ezikulu.
25Ngalolosuku u tyo uJehova wamabandhla isipikili esi betelweyo endaweni eqinileyo so suswa, si nqunywe, si we; nomtwalo o ngapezu kwaso wo nqunywa; ngokuba u tyilo uJehova.