1UMTWALO weEgipite. Bheka uJehova u kwele pezu kwefu eli gijima ngamandhla, u ya kufika Egipite; nezitombe za sEgipite zi ya kututumela uyena, nenhliziyo ya sEgipite i ya ku ncibilika ngapakati kwalo.
2Ngi ya kuvuselana bona aba sEgipite; ilowo a lwe nomfo wabo, na lowo nowakelene naye; umuzi nomuzi, umbuso nombuso.
3Nenhliziyo ya sEgipite i ya kutamba ngapakati kwa loko, ngi ya kubulala nemiteto yakona; ba ya kugijimela izitombe, nabaungi, nemilozikazana na sezanusi.
4AbasEgipite ngi ya ku ba nikela esandhleni senkosi e nonya; nenkosi esabekayo i ya ku busa pezu kwabo, u tyo uJehova, uJehova, wamabandhla.
5Namanzi a ya kupela elwandhle, nomfula u ya ku citeka, wome.
6Ba ya ku i holela kude imifula; nemifulana yezivikelo i citeke yome; ku bune nomhlanga nekwani.
7Umhlanga ngasemifulaneni, na ngasezizalweni zemifulana, nako konke oku tyaliweyo ngasemifulaneni ku ya kubuna, ku xotywe, ku nga be ku sa biko.
8Abadobi bezinhlanzi ba ya kulila, nabo aba doba emifulaneni ba kale, nabeneka amaneta emanzini ba pele amandhla.
9Nabo aba sebenza uzi oluhle, nabaluka amaneta ba jabe.
10Izetembiso zabo zapuke, bonke abenza amacibi ezinhlanzi.
11Impela amakosi eZoani a iziula, izelulekiso zabahlakanipileyo baka Faro se zi ize; ni tyo ngani nina kuFaro, ukuti, mina ngi indodana yohlakanipileyo, indodana yamakosi adhlulileyo na?
12Ba pi na? a pi amadoda ahlakanipileyo na? ma ba ni tyele manje, ba bazise oku ya kwenziwa uJehova wamabandhla pezu kwEgipite.
13Amakosi a seZoani a se iziula, amakosi a seNofi a kohlisiwe; a li kohlisile iEgipite, nabakulu bezizwe za kona.
14uJehova u xubile umoya opambeneyo kubona, ba ledukisile iEgipite emisebenzini yalo, njengesidakwa si tengezela, si hlanzile.
15iEgipite a li yi kuba namsebenzi, ongenziwa ikanda, noma umsila, noma igatya, noma incema.
16Ngalololusuku iEgipite li ya kuba njengabesifazana, li ya kwesaba li tutumele ngenxa yokuzamazama kwesandhla sika Jehova wamabandhla, a si zamazamisa pezu kwalo.
17Nezwe la seJuda li ya kuba isesabiso Egipite, no kuluma ngalo u ya kwesaba, ngenxa yokuyala kuka Jehova wamabandhla a qiniseka ngako ngalo.
18Ngalololusuku imizi e isihlanu ya sEgipite i ya kukuluma ulimi lweKanani, zi funge ngoJehova wamabandhla; omunye u ya ku bizwa ngokuti, umuzi wencitakalo.
19Ngalololusuku ku ya kuba kona ilati kuJehova ngapakati kwezwe la sEgipite; nenqaba i be kona kuJehova nga sosebeni.
20Ku ya kuba isibonakaliso nofakazi kuJehova wamabandhla ezweni la sEgipite; ngokuba ba ya kukala kuJehova ngenxa yabahlupi, naye u ya ku ba tumela umsindisi omkulu, u ya kuba sindisa.
21uJehova u ya kwazeka Egipite, nabasEgipite ba ya ku mazi uJehova ngalololusuku, ba hlabe, ba nikele; yebo ba ya kufunga isifungo kuJehova, ba senza.
22uJehova a tyaye Egipite; a tyaye a li polise, nabo ba buyele kuJehova, nabo ba m ncenge, a ba polise.
23Ngalololusuku ku ya kuba kona umgwaqo omkulu u puma Egipite u ya eAsiria, nowa se Asiria a ngene Egipite nabasEgipite ba ye eAsiria, naba sEgipite ba sebenze kanye naba seAsiria.
24Ngalololusuku iIsraeli li ya kuba elesitatu kanye neEgipite neAsiria, li be isibusiso ngapakati kwezwe;
25uJehova wamabandhla a ba busisi, a ti Li busisiwe Egipite abantu bami, neAsiria umsebenzi wezandhla zami, neIsraeli ifa lami.