1UMTWALO weBabulona o wa bonwa uIsaya indodana ka Amozi.
2Pakamisani indwangu yesibonakaliso entabeni enkulu, ni ba pakamisele izwi, ni nikine izandhla, ukuze ba ngene emasangweni ezikulu.
3Ngi ba yalile abaingcwele bami, ngi ba bizile futi abakulu bami ngenxa yolaka lwami, bona abajabula ngobukulu bami.
4Umsindo wesixuku ezintabeni, kwangati abantu abaningi; umsindo omkulu wemibuso yezizwe zi butene; uJehova wamabandhla u ya buta ibandhla lokulwa.
5Ba vela ezweni elikude, ekugcineni kwezulu, uJehova, nezikali zokutukutela kwake, ukubulala izwe lonke.
6Bubulani; ngokuba usuku luka Jehova lu fikile, lu ya kufika njengesibubiso sika Simakade.
7Ngako zonke izandhla zi ya kudangala, nezinhliziyo zonke zabantu zi ya kuncibilika:
8Ba ya kwesaba, ba fikelwe ubuhlungu nohlupo, ba be nobuhlungu obu njengobesifazana si beleta; ba bekane ngokumangala; ubuso babo bu be njengamalangabi.
9Bheka, usuku luka Jehova lu yeza, lu nonya ngokutukutela okukulu, ukulicita izwe; u ya kubulala izoni kulona.
10Ngokuba izinkanyezi zezulu nokukanya kwazo, a zi i kubakanyisa bona; ilanga li ya ku ba mnyama ekuhambeni kwalo, nenyanga a i yi ku kipa ukukanya kwayo.
11Ngi ya kuwutyaya umhlaba ngenxa yobubi bawo, nababi ngenxa yobubi babo; ngenze ubuhle babazidhlayo bu pele, ngi wise pansi ukuziqenya kwabesabekayo.
12Ngenze umuntu a be igugu ku negolide elihle, umuntu ku ngolide eli igugu la seOfire.
13Ngako ngi ya kulizamazamisa izulu, nomhlaba u ya kusuka endaweni yawo, olakeni luka Jehova wamabandhla, na ngosuku lokutukutela okukulu kwake.
14Ku ya kuba njengenyamazane e xotyiweyo, na njengemvu e nga xotywa muntu; ilowo u ya kubuyela kubantu bake, ba balekele bonke ezweni labo.
15O tolwayo u ya kugwazwa; naye o hlangene nabo u ya kuwa ngenkemba.
16Abantwana babo futi ba sakazwe ngapambi kwamehlo abo; izindhlu zabo zi ya kucitwa, nabafazi babo boniwe.
17Bheka, ngi ya kuvusa amaMidia nga kubona, aba nga yi kulinaka isiliva; negolide a ba i kujabula ngalo.
18Imicibityelo yabo i ya kuzisakaza izinsizwa, ba nga i dabukeli nenzalo yabo; iso labo a li i kusindisa abantwana.
19NeBabulona, udumo lwemibuso, ubuhle benkazimulo yamaKaldi, ku ya kuba njenga lapo uTixo wa wisa pansi iSodoma neGomora.
20A li yi kwakiwa nakanye, a ku yi kuhlaliwa kona na sezizukulwaneni, ngezukulwane; neArabia a li yi kumisa kona; nabalusi bezimvu a ba yi kusibiya isibaya kona.
21Kodwa izilwane za sendhle zi ya kulala kona; nezindhlu zazo zi ya kugcwala okwesabekayo; ku ya kuhlala izikova kona, nezinunu zi sine kona.
22Nezilwane zeziqingi zi kale ezindhlini zazo ezicitekileyo, ku hlale izinyoka ezindhlini zazo ezinhle; nesikati salo se si seduze: nezinsuku zalo a zi yi kwandiswa.