1EKWELAPENI kwami uIsraeli, ububi ba seEfraimi ba zibukulwa nokubi kwa seSamaria; ngokuba ba sebenza amanga; futi isela li ya ngena, nabapangi ba hlubule ngapandhle.
2Kepa a ba ti ezinhliziyweni zabo ukuba ngi ya kumbula konke okubi kwabo; kaloku ukwenza kwabo ku ba haqile, ba ngapambi kobuso bami.
3Ngokubi kwabo ba ya jabulisa inkosi, nezikulu ngamanga abo.
4Bonke ba izipingi, njengeziko elipenjwa umpeki, e peza ukutyisa se e xovile inhlama i ze i vubelwe.
5Ngomhla wenkosi yetu izikulu za yi gulisa ngamagaba ewaini; ya selula isandhla sayo nabahlekisayo;
6Ngokuba ba sondezile inhliziyo yabo njengeziko ekucameleni kwabo; umpeki wabo u ya lala ebusuku bonke; ekuseni ku ya tya njengomlilo o nelangabi.
7Bona bonke ba ya vuta njengeziko, futi ba dhle abahluli babo; amakosi onke abo a wile; a kako ku bona o bizela mina.
8uEfraimi u zixubanisile nabantu; uEfraimi u isinkwa esi nga penduliwe.
9Abezizwe ba dhlile amandhla ake, kepa yena a kazi; futi izinwele ezimpunga zi hlakazekile pezu kwake, kepa a kazi.
10Futi ukuzidhla kwa seIsraeli ku ya fakazela obala; kepa a ba buyeli kuJehova uTixo wabo, a ba m funi ngenxa ya loku konke.
11Kepa uEfraimi u njengejuba eli nobuula e li nge nangqondo: ba ya kalela iEgipite, ba hambela eAsiria.
12Njengaloku ba hambela, njalo ngo leneka ineta lami pezu kwabo; ngo behlisa njengezinyoni zezulu; ngo ba tyaya njenga loku umhlangano wabo u ku zwileyo.
13Maye kubo ngokuba ba ngi balekele, ukucitwa ma ku be kubo! ngokuba bonile nga kimi; nokuba ngi ba hlaulele kanti ba kulumile amanga ngakimi.
14A ba kalelanga mina ngenhliziyo, nxa be kala ezinkukweni zabo; ba zibutanela ukolweni newaini elitya, ba deda kimi.
15Nokuba ngi bopile, ngi qinisile izingalo zabo, kanti ba ceba okubi nga kimi.
16Ba ya buyela kongapakamileyo: ba njengomcibityelo okohlisayo; izikulu zabo zi ya kuwa ngenkemba ngolaka lolimi lwabo; loku ko ba ukuhlekiswa kwabo elizweni la sEgipite.