1YITYONI kubane wenu, Ami; na kodade wenu Ruhama.
2Pikani nonyoko, pikani; ngokuba a ka siye umkami, nami a ngi siyo indoda yake: ma ka suse ukupinga kwake ebusweni bake, nokuhexeza kwake ngapakati kwamabele ake;
3Funa, ngi m hlubule a hambaze, ngi m mise njenga sosukwini a zalwa ngalo; ngi menze a be njengehlane, ngi m beke njengezwe elomileyo, ngi m bulale ngokoma.
4Futi a ngi yi ku haukela abantwana bake; ngokuba ba ngabantwana bokupingwa bona.
5Ngokuba unina wabo wa e pinga; yena o ba mitayo u hlazisile; ngokuba yena wa tyo ngokuti; Ngo landela abatandi bami, a ba ngi nika isinkwa sami, namanzi ami, noboya bami bezimvu, neflaksi lami, namafuta ami, nokupuza kwami.
6Ngako bheka mina ngo vimbela indhlela yako ngameva, ngake udonga ukuze a nga fumani imendo yake.
7Ko ti a landela abatandi bake, kepa a ka yi kuhlangana nabo, wo ba funa kepa a ka yi kuba fumana; Lapo u ya kuti, Ngo hamba ngi buyele kuyo indoda yami yokuqala; ngokuba kwa ku kuhle kimi lapo ku na kaloku.
8Ngokuba wa e ngazi ukuba nga m nika ukolweni, newaini elitya, namafuta, nga vamisa kuye nesiliva negolide, a benza uBali ngalo.
9Ngako ngo buya ngi suse ukolweni wami ngesikati sake, newaini elitya lami ngomzuzu walo, ngi m amuke uboya bami, neflaksi lami lokusibekela ubuze bake.
10Kaloku ngo lambula ihlazo lake emehlweni abatandi bake, umuntu a ka yi ku m sindisa esandhleni sami.
11Ngi ya kupezisa konke ukwenama kwake, namadili ake, nezinyanga zake ezitwasileyo, namasabata ake, nemibuto yonke yake.
12Ngo cita nezinwazi zake nemikiwane yake a tyilo ngayo yena, ukuti, I izipiwo zami aba ngi nikile zona abatandi bami; kepa ngi ya kuyenza i be ihlati, izilo za sendhle zi yi dhle.
13Ngo ti ngi pinde pezu kwake izinsuku zika Balimi, o wa ba tyisela impepo ngazo yena, wa hloba ngamajikazi ake nemigexo yake, wa landela abatandi bake, wa ngi kohlwa, u tyo uJehova.
14Ngako bheka ngo m vumisa, ngi m yise ehlane, ngi kulume ngokwenhliziyo yake.
15Ngo m nika amasimu ake esinwazi kwa lapo, nesihlambo sa seAkori si be umnyango wokutemba: na lapo wo hlabelela njenga sezinsukwini zobutya bake, na njenga sosukwini lokukupuka kwake e vele ezweni la sEgipite.
16Ku ya kuti nga lomhla, u tyo uJehova, u ngi bize, Ndoda yami, u nga ngi bizi, Nkosi yami.
17Ngo susa namagama ka Balimi emlonyeni wake, a ka sa yi ku kunjulwa ngegama lawo.
18Na nga lomhla ngo benzela uvumelwano nezilwane za sendhle, nezinyoni zezulu, nezilo ezikasayo zomhlabati; ngowapula umcibityelo nenkemba nokulwa ku suke emhlabeni, ngi ba lalise ngokwetemba.
19Ngo ku misela mina ku ze ku be pakade, ngi ku misela mina ngokulunga na ngokwahlula, na ngomusa na ngomhau.
20Ngi ya kukumisela mina ngokukoliseka; wena u ya kumazi uJehova.
21Ku ya kuti nga lomhla ngi lalele, ku tyo uJehova, ngo lalela izulu lona lo lalela izwe.
22Izwe lo lalela ukolweni, newaini elitya, namafuta; wona wo lalela uJezreli.
23Futi ngo li hlwanyelela mina emhlabeni ngi li haukele, e li be li nga haukelwa; ngi ya kutyo kubo aba be ngesibo abantu, ngokuti; Ni ngabantu bami; ba ya kutyo ngokuti, Tixo wetu.