1NGAKO, loku se si kona isitembiso sokungena ekupumuleni kwake, a si xwaye, ku nga bi ko wa kini o nga finyeleliyo kuko.
2Ngokuba nati si shunyayezwe izindaba ezinhle njengabo, kepa izwi aba li zwayo a li ba sizanga bona, li nga hlanganiswa nokukolwa kwaba li zwayo.
3Ngokuba tina esikolwayo, si ya ngena ekupumuleni kwake, njengokutyo kwake, ukuti, Nga za nga funga ekutukuteleni kwami, nga ti, a ba so ze ba ngena ekupumuleni kwami; kepa imisebenzi yake ya fezwa ekusekelweni komhlaba.
4Ngokuba u tyilo endaweni etile ngosuku lwesikombisa, e ti, uTixo wa pumula ngosuku lwesikombisa emisebenzini yonke yake;
5Na ku lendawo u ti, A ba yi ku ngena ekupumuleni kwami.
6Ngako, loku ukungena kuko ku ba salela abanye, na loku aba ku shunyayezwa kuqala a ba ngenanga ngokungakolwa.
7U buya u nqume usuku, u tyo ngoDavida ukuti, Namhla, emva kwesikati esingaka njengokutyiwo ukuti, Namhla, uma ni ya kulizwa izwi lake, ni nga zenzi lukuni izinhliziyo zenu.
8Uma uJoshua wa be e ba nikile ukupumula, wa e nga kulumanga ngolunye usuku emva kwa loko.
9Ngakoke ku ba salela abantu baka Tixo ukupumula.
10Ngokuba lowo o ngenileyo ekupumuleni kwake; u pumulile naye emisebenzini yake, njengoTixo kweyake.
11Ngako a si zame ukungena ku lokokupumula, a nga ze a we umuntu nga lesosiboniso sokungakolwa.
12Ngokuba izwi lika Tixo li pilile, li namandhla, li bukali ku nezinkemba zonke ezi sika ngezinhlangoti zombili; li hlaba ku ze kwahlukaniswe umpefumlo nomoya; amalungu nomkantya; li zwisisa ukucabanga nokuzindhla kwenhliziyo.
13A ku konto e datyuliweyo, e nga bonwayo uye; konke kwambuliwe, ku penyiwe emehlweni ake, esi ya kulanda kuye.
14Ngako, loku si nomPristi omkulu kakulu, o dhlulele ezulwini, uJesu iNdodana ka Tixo, a si bambelele ekukolweni kwetu.
15Ngokuba a si naye umpristi omkulu o nge si haukele ubutakataka; kepa u lingisiwe okwetu ngako konke; e nge nasono.
16Ngako a si sondele esihlalweni somusa, si mi sibindi, ukuba samkeliswe isihau, si tole umusa wokusiza ngesikati esifaneleyo.