1NGALOKU nga si qapelisisa esi ku zwileyo, funa mhlaumbe seduke.
2Ngokuba uma izwi ela shunyayelwa izingelosi la li qiniseka, uma ukupambuka konke, nokungalaleli kwa pindiselwa ngokufaneleyo;
3Tina si ya kupepa kanjani uma si dela ukusindiswa okungaka na? okwa qala ukushunyayelwa iNkosi, kwa qiniswa kitina ilabo abezwayo,
4Naye uTixo e qinisa kanye nabo ngezibonakaliso, na ngemimangaliso, na ngemisebenzi emikulu eminingi, na ngokwabelwa kuka Moya o ingcwele ngokwentando yake.
5Kepa izwe eli zayo, esi shumayela ngalo, a ka li hlelanga pansi kwezingelosi.
6Kodwa kwa qiniswa endaweni etile, ku tiwa. U ini umuntu, ukuba u m kumbule na? i ini indodana yomuntu, ukuba u i bheke na?
7Wa m enza mncinyane ngokuincozana ku nezingelosi, wa m hlobisa ngomqele wobukosi nowodumo; wa m misa pezu kwemisebenzi yezandhla zako;
8Wa ku hlela konke pansi kwezinyawo zake. E sa hlela konke pansi kwake a ka shiyanga luto, olu nga hlelwanga pansi kwake. Kepa manje a si ka boni konke ku hlelwe pansi kwake.
9Kepa si ya m bona uJesu o wenziwa mncinyane ngokuincozana ku nezingelosi, e hlotyiswe ngomqele wobukosi nowodumo, ngokuhlupeka ukufa; ukuba ngomusa ka Tixo a ku zwe ukufa ngenxa yabo bonke.
10Ngokuba kwa ku m fanele yena a kwenzelwa konke, yena okwenziwa uye konke, e se zisa abantwana abaningi ebukosini, ukuba a m pelelise ngokuhlupeka yena o umdai wokusindiswa kwabo.
11Ngokuba ohlanzayo nabahlanzwayo ba ngaba munye bonke; ngaloku ka nazinhloni ngokubabiza ukuti, abazalwane:
12E ti, Ngi ya kushumayela igama lako kubazalwane bami; ngi ya kukubonga pakati kwebandhla.
13Ku tyiwo nokuti, Ngi ya kumetemba; nokuti, Nangu, mina nabantwana uTixo a ngi nike bona.
14Ngakoke, loku abantwana ba hlanganyela inyama negazi, naye wa hlanganyela kona loku; ukuze ngokufa a cite yena o namandhla okufa, uSatani;
15A ba kulule labo, aba botyiweyo ukukonza, ngokwesaba ukufa, nxa be kona.
16Loku pela e nga zi sizi izingelosi, u i siza inzalo ka Abrahama.
17Ngaloku kwa m fanela a be njengabazalwane bake, ngako konke; ukuze a be umPristi omkulu ohaukelayo, notembekayo, ngokuka Tixo, a ze a ba hlaulele abantu ngezono zabo.
18Ngokuba, loku e hlupekile yena e lingwa, a nga ba siza abalingwayo.