1A KU me njalo ukutandana.
2Ni nga kohlwa ukupata kahle abangenisayo; ngaloko abanye bamkela izingelosi be ngazelele.
3Ba kumbuleni ababotyiweyo, kungati ni botyiwe kanye nabo; ba kumbuleni naba petwe kabi, njengokufanele aba semzimbeni.
4Ukuganwa ku lungile kubo bonke; nombede o nge nacala, kepa izihlobongi nezipingi, uTixo u ya kuzilahla.
5Ngokuhamba kwenu a ni nga fisi imali; yenamani ngeni nako; ngokuba u tyilo, wa ti, A ngi sa yi kukuyeka, a ngi sa yi kukushiya.
6Ku njaloke si mi isibindi si ti, O ngi sizayo u iNkosi, a ngi yi kwesaba; a ngenzani kimi umuntu.
7Ba kumbuleni abafundisi benu, aba ni shumayeza izwi lika Tixo; ni qonde ukupela kokuhamba kwabo, ni lingise ukukolwa kwabo;
8uJesu Kristu uyena izolo, na namhla, na pakade:
9Ni ngeduswa imikuba ngemikuba, e ngaziwayo; ngokuba ku fanele inhliziyo i qiniswe ngomusa, i nga qiniswa ngokudhla, oku nga sizanga aba hamba ngako.
10Si nelati tina, aba nga vunyelwe ukudhla kulo aba konza kuye utente.
11Izidumbu za lezozilwane, igazi lazo ela yiswa umpristi omkulu endaweni engcwele, ngenxa yezono, za tyiswa ngapandhle kwekamu.
12Ngako naye uJesu, ukuze a ba hlanze abantu ngegazi lake, wa fa ngapandhle kwesango.
13A si pumele kuye ngapandhle kwekamu, si twale ihlazo lake.
14Ngokuba lapa a si namuzi omiyo; si ya u funa ozayo.
15Ngako a si nikele njalonjalo kuTixo ngaye umnikelo wokubonga, oku ukuti, isitelo sezindebe, zi vuma igama lake.
16Ni nga kohlwa ubunene nokusiza, ngokuba iminikelo enje i lungile kuTixo.
17Lalelani abafundisi benu, ni be pansi kwabo; ngokuba be linda imipefumlo yenu, njengaba za kulandiswa; ukuze benze loko ngokujabula, be nga bi nalusizi; ngokuba ku nga ni sizi loko.
18Si kulekeleni; ngokuba si yetemba, si ti, si nenhliziyo enhle, si tanda ukuhamba kahle ngako konke.
19Ngi ni ncenga kakulu ukuba nenze loko, ngi ze ngi buyiselwe kini masinyane.
20uTixo wokutula, o wa kupula kwabafileyo iNkosi yetu uJesu, uMalusi omkulu wezimvu ngegazi lesivumelwano esipakade,
21A nenze ni pelele emisebenzini yonke elungileyo, ni ze nenze intando yake, enza kini okulungileyo ebusweni bake ngaye uJesu Kristu; a ku be kuye ubukosi ku ze ku be pakade. Ameni.
22Ngi ya ni ncenga, bazalwane, ni lamkele lelizwi lokuyala; ngokuba ngi lobile amazwana kimi.
23Yazini ukuti, uTimote u tunyiwe; uma e buya masinyane, si ya kunibona kanye naye.
24Ngi konzele kubo bonke abafundisi benu, na kubo bonke abangcwele. Aba seItalia ba konza kini.
25Umusa a u be kinina nonke. Ameni.