1UKUKOLWA ku ukwetemba okubhekwayo, ku ukubona okungabonwayo.
2Ba tuswa ngako oyise.
3Ngokukolwa si ya bona, ukuti, amazwe a datyulwa ngezwi lika Tixo, kwa za kwa ti, izinto ezibonwayo a zenziwanga ngezinto ezibonakalayo.
4Ngokukolwa uAbela wa nikela kuTixo umnikelo omuhle ku noka Kani, wa vunyelwa ngako, kwa tiwa, u lungile, uTixo e vumela iminikelo yake; na ngako, noma e file, u sa kuluma.
5Ngokukolwa uEnoke wa tatyatwa, a nga ku zwa ukufa; ka be e sa bonwa, ngokuba uTixo wa ba e m tabatile; e nga ka tatyatwa wa vunyelwa, kwa tiwa, u lungile kuTixo.
6Kepa ngapandhle kokukolwa ku nge ke kwenziwa okulungileyo kuye; ngokuba ozayo kuTixo, nga e kolwa, ukuti, u kona, nokuti, u ya kubavuza abamfunayo.
7Ngokukolwa uNoa, e yaliwe uTixo ngezinto e be zi nga ka bonwa, e m esaba, wa waka umkumbi ku ze ku sindiswe indhlu yake; wa lahla izwe ngako, wabelwa ukulunga oku ngokukolwa.
8Ngokukolwa uAbrahama, wa lalela, e biziwe ukuba a pume a ye endaweni, a be za kuyamkeliswa, i be ifa lake; wa puma e ngazi lapa e ya kona.
9Ngokukolwa wa hlala ezweni lokutenjiswa, li se elabezizwe, e hlala kotente noIsaka noJakobe, aba ngabahlanganyeli kanye naye ba lokukutenjiswa.
10Ngokuba wa e hlalela umuzi o nezisekelo, owakiwa wenziwa uTixo.
11Ngokukolwa naye uSara wamkeliswa amandhla okukulelwa, se si dhlulile isikati, loku wa ti, u qinisile o wa tembisayo.
12Ngako kwa vela kuye e munye, naye e se file ngokuzala, aba njengezinkanyezi ngobuningi, be ngangesihlabati esi sogwini lolwandhle, esi nge nakubalwa.
13Ba fa labo bonke, be koliwe, be nga kwamkeliswanga okwa tenjiswayo; ba ku bona ku kude, ba tokoziswa iko, ba vuma ba ti, ba ngabangaziwayo nabahambayo emhlabeni.
14Aba tyoyo okunjalo ba bonisa ukuti, ba li funa izwe.
15Ngokuba uma be be li kumbula izwe aba puma kulo, ba be nokubuyela kulo.
16Kepa ba be tanda izwe ela sezulwini; elihle ku nalelo, ngako uTixo ka namahloni ngabo, nokuba a biziwe ngokutiwa uTixo wabo; ngokuba u ba lungisele umuzi.
17Ngokukolwa uAbrahama e lingwa, wa m nikela uIsaka; yena o wa tenjiswayo wa m nikela umntwana wake, e zelwe e yedwa.
18O kwa tyiwo ngaye ukuti Inzalo yako i ya kubizwa ngaye uIsaka
19Wa ti, uTixo u namandhla okumvusa na kwabafileyo; nembala wa m zuza kona ngokulinganisa.
20Ngokukolwa uIsaka wa busisa uJakobe noEsau ngezinto ezizayo.
21Ngokukolwa uJakobe, e se za kufa, wa busisa amadodana ka Josefa omabili; wa kuleka e ncika esikandeni senduku yake.
22Ngokukolwa uJosefa, e se za kufa wa kuluma ngokupuma kwabantwana baka Israeli; wa yala ngamatambo ake.
23Ngokukolwa uMosi, e se zelwe, wa fihlwa abazali bake izinyanga ezintatu, ngokuba be m bona e umntwana omuhle; a ba wesabanga umyalo wenkosi.
24Ngokukolwa uMosi, e se kulile; wa nqaba ukuba a tiwe indodana yendodakazi ka Faro;
25Wa keta ukuhlupeka kanye nabantu baka Tixo, ku nokutokoza isikati ezonweni;
26Wa ti, ukutukiswa okuka Kristu ku imfuyo enkulu ku nomcebo wonke wa sEgipite; ngokuba wa bheka umvuzo.
27Ngokukolwa wesuka Egipite, e ngesabi ulaka lwenkosi; wa e nesineke, kungati u ya m bona o nga bonwayo.
28Ngokukolwa wa gcina ipasika nokufafaza ngegazi, ukuba o wa bulala amazibulo a nga ba tinti bona.
29Ngokukolwa ba dabula elwandhle olubomvu, kungati emhlabatini; aba sEgipite, be linga, loko ba minza.
30Ngokukolwa ugange lwa seJeriko lwa wa lu haqiwe izinsuku ezi isikombisa.
31Ngokukolwa uRahabi isifebe ka fanga kanye nabangakolwanga, e se zamkele izinhloli ngobuhle.
32Ngi za kutini futi? a kwanele isikati sokuba ngi landise ngoGidioni, noBaraki, noSamsoni, noJefta, noDavida, noSamueli, nabaprofeti;
33Ngokukolwa, labo ba nqoba imibuso, ba sebenza ukulunga, ba zuza okwatenjiswayo, ba vimba imilomo yezingonyama,
34Ba cima amandhla omlilo, ba pepa usiko lwenkemba, ba be namandhla aba butakataka, ba iziqwaga ekulweni, bahlula impi yabezizwe.
35Abesifazana bamkeliswa abafileyo babo be vukile; abanye ba tyaywa esondweni, be nga vumi ukukululwa, ukuze ba zuze ukuvuka okulungileyo;
36Abanye ba lingwa ngokuhlekiswa na ngokutyaywa, yebo na ngokubotywa, na ngokufakwa etilongweni.
37Ba kandwa ngamatye, ba nqunywa ngesaha, ba lingwa, ba fe be bulawa ngenkemba, ba ndinda bembete izikumba zezimvu nezezimbuzi; ba swela, ba hlutywa, ba patwa kabi;
38Eli nga ba fanele izwe; ba zula ehlane, na sezintabeni, na semihumeni, na semigodini yomhlaba.
39Labo bonke, aba tuswayo ngokukolwa kwabo, a ba kwamkeliswanga okwa tenjiswayo;
40uTixo u senzele okudhlulayo, ku ze ku ti ba nga peleli ngapandhle kwetu.