1UTIXO wa m busisa uNoa namadodana ake, wa ti kubo, Zalani, nande, ni gcwalise umhlaba.
2Ni ya kuba nesitunzi, nesatywe izilwane zonke zomhlaba, nezinyoni zonke zezulu, nako konke okuhambayo emhlabeni, nezinhlanzi zonke zolwandhle: zi nikelwe esandhleni senu.
3Izilwane zonke ezizwayo zi ya kuba ukudhla kwenu; se ngi ni pile konke njengemiti eluhlaza.
4Kodwa inyama e zwayo, e negazi layo, a ni yi kudhla yona.
5Igazi lenu, elokupila kwenu, ngi qinisile, ngi ya kulibiza, esandhleni sezilwane zonke ngi ya kulibiza, na sesandhleni sabantu; ngi ya kubiza ukupila kwabantu, o komunye esandhleni somunye.
6Yena o palaza igazi lomuntu, igazi lake li ya kucitwa umuntu; ngokuba ngomfanekiso ka Tixo wa benza abantu.
7Zalani nina, nande; vamani emhlabeni, ni be baningi kuwo.
8uTixo wa kuluma kuNoa na kumadodana ake a naye, e ti,
9Bhekani, ngi ya qinisa isivumelwano sami nani, nenzalo yenu ngasemva kwenu:
10Nezilwane zonke ezizwayo ezi nani, izinyoni, nezinkomo, nezilwane zonke zomhlaba ezi nani; zonke ezi puma emkunjini ku ze ku be ezilwaneni zonke zomhlaba.
11Ngi ya kuqinisa isivumelwano sami nani; a ku sa yi kubujiswa futi inyama yonke ngamanzi ka zamcolo; a ka sa yi kuza futi uzamcolo ukuba a cite izwe.
12Wa ti uTixo, Loku ku yisibonakaliso sesivumelwano, e ngi si misayo pakati kwami nani, nezinto zonke ezizwayo ezi nani, kuze ku be ezizukulwaneni zonke.
13Ngi ya misa utingo lwami efwini, lu be isibonakaliso sesivumelwano pakati kwami nezwe.
14Ku za kuti, nxa ngi zisa ifu pezu komhlaba, utingo lu za kubonakala efwini:
15Ngi ya kusikumbula isivumelwano sami esi pakati kwami nani, nezinto zonke ezizwayo; amanzi a ka sa yi kuba uzamcolo wokububisa inyama yonke.
16Utingo lu ya kuba efwini: ngi ya kulubheka, ngi kumbule isivumelwano esi pakade, esi pakati kuka Tixo nezinto zonke ezizwayo zenyama yonke e semhlabeni.
17Wa ti uTixo ku Noa, Loku kuyisibonakaliso sesivumelwano, e ngi si misileyo pakati kwami nenyama yonke e semhlabeni.
18Amadodana ka Noa, a puma emkunjini, a e nguShemi, noHamu, noJafete: uHamu wa e nguyise ka Kenani.
19Lawa amatatu a e ngamadodana ka Noa: ba vela kuwo aba semhlabeni wonke, be zihlakazekela.
20uNoa wa qala wa ba umlimi womhlabati, wa tyala isivini.
21Wa puza iwaini, wa dakwa; wa lala bunou etenteni lake.
22uHamu, uyise ka Kenani, wa bona ubunqunu buka yise, wa ba tyela abafo wabo bobabili be ngapandhle.
23uShemi noJafete ba tabata ingubo, ba i beka emahlombe abo bobabili, ba hlehla nyovane, ba bu sibekela ubunqunu buka yise; ubuso babo bu bheka emva, a ba bonanga ubunqunu buka yise.
24uNoa wa vuka ekudakweni, wezwa loko, e bi kwenzile kuye indodana yake encinyane.
25Wa ti, U tukiwe uKenani, u ya kuba isigqili sezigqili kubafo wabo.
26Wa ti futi, U busisiwe uJehova uTixo ka Shemi; uKenani u ya kuba isigqili sake.
27uTixo u ya kumkulisa uJafete, a hlale ematenteni ka Shemi; uKenani u ya kuba isigqili sake.
28Ngasemva kuka zamcolo uNoa wa hamba iminyaka ya ba makulu matatu namashumi amahlanu.
29Izinsuku zonke zika Noa za zi iminyaka e makulu a shiyagalolunye namashumi mashumi amahlanu.