1LE i yincwadi yenzalo ka Adamu. Msukwana uTixo e dabula uAdamu, wa benza abantu ngomfanekiso ka Tixo.
2Umlisa nesifazana wa benza, wa ba busisa, wa qamba igama labo abantu, msukwana be datyulwayo.
3uAdamu wa hamba iminyaka e ikulu namashumi amatatu wa zala indodana e fana naye, e m fuza, wa biza igama layo uSeti.
4Izinsuku zika Adamu ngasemva kokuzalwa kuka Seti za zi iminyaka e ngamakulu a shiyagalombili: wa zala amadodana namadodakazi:
5Izinsuku zonke zokuhamba kuka Adamu za zi iminyaka e ngamakulu a shiyagalolunye namashumi amatatu: wa fa.
6uSeti wa hamba iminyaka e ikulu nesihlanu, wa zala uEnose:
7Ngasemva kokuzalwa kuka Enose, uSeti wa hamba iminyaka ya ba amakulu a shiyagalombili nesikombisa, wa zala amadodana namododakazi.
8Izinsuku zonke zika Seti za zi iminyaka e ngamakulu a shiyagalolunye neshumi nambili: wa fa.
9uEnose wa hamba iminyaka e ngamashumi a shiyagalolunye, wa zala uKenani.
10Ngasemva kokuzalwa kuka Kenani uEnose wa hamba iminyaka ya ba amakulu a shiyagalombili neshumi nesihlanu, wa zala amadodana namadodakazi:
11Izinsuku zonke zika Enose za zi iminyaka e ngamakulu a shiyagalolunye nesihlanu: wa fa.
12uKenani wa hamba iminyaka e ngamashumi a kombisa, wa zala uMahalalele.
13Ngasemva kokuzalwa kuka Mahalalele uKenani wa hlala iminyaka e ngamakulu a shiyagalombili namashumi amane, wa zala amadodana namadodakazi.
14Izinsuku zonke zika Kenani za zi iminyaka e ngamakulu a shiyagalolunye neshumi: wa fa.
15uMahalalele wa hamba iminyaka e ngamashumi a tatisitupa nesihlanu, wa zala uJarede.
16Ngasemva kokuzalwa kuka Jarede uMahalalele wa hamba iminyaka e ngamakulu ashiyagalombili namashumi amatatu, wa zala amadodana namadodakazi:
17Izinsuku zonke zika Mahalalele za zi iminyaka e ngamakulu a shiyagalombili namashumi a shiyagalolunye a nesihlanu: wa fa.
18uJarede wa hamba iminyaka e ikulu namashumi a tatisitupa nambili, wa zala uEnoke:
19Ngasemva kokuzalwa kuka Enoke uJarede wa hlala iminyaka ya ba makulu a shiyagalombili, wa zala amadodana namadodazi:
20Izinsuku zonke zika Jarede za zi iminyaka e ngamakulu a shiyagalolunye namashumi a tatisitupa nambili: wa fa.
21uEnoke wa hamba iminyaka e ngamashumi a tatisitupa a nesihlamu, wa zala uMetusela.
22Ngasemva kokuzalwa kuka Metusela, uEnoke wa hamba noTixo iminyaka e ngamakulu amatatu, wa zala amadodana namadodakazi:
23Izinsuku zonke zika Enoke za zi iminyaka e ngamakulu amatatu namashumi a tatisitupa nesihlanu:
24uEnoke wa hamba noTixo: wa e nga se ko; ngokuba uTixo wa m tabata.
25uMetusela wa hamba iminyaka e ikulu namashumi a shiyagalombili nesikombisa, wa zala uLameka:
26Ngasemva kokuzalwa kuka Lameka uMetusela wa hamba iminyaka ya ba amakulu a kombisa namashumi a shiyagalombili nambili, wa zala amadodana namadodakazi.
27Izinsuku zonke zika Metusela za zi iminyaka e ngamakulu a shiyagalolunye namashumi a tatisitupa nashiyangalolunye: wa fa.
28uLameka wa hamba iminyaka e ikulu namashumi a shiyagalombili nambili, wa zala indodana:
29Wa qamba igama layo uNoa, e ti, Lowo u ya kusisiza emisebenzini yetu, nasekuhlupekeni kwezandhla zetu, ngenxa yomhlabati uTixo a u tukileyo.
30Ngasemva kokuzalwa kuka Noa uLameka wa hamba iminyaka e ngamakulu amahlanu namashumi a shiyagalolunye nesihlanu, wa zala amadodana namadodakazi:
31Izinsuku zonke zika Lameka za zi iminyaka e ngamakulu a kombisa namashumi a kombisa nesikombisa: wa fa.
32uNoa wa e neminyaka e ngamakulu amahlanu: uNoa wa zala uShemi, noHamu, noJafete.