1INDHLALA ya inkulu ezweni.
2Kwa ti se be qedile amabele aba wa tutayo Egipite, wa ti uyise kubo, Buyelani ni si tengele ukudhla oku incozana.
3Wa tyo kuye uJuda ukuti, Lowo muntu wa qinisa nokuqinisa e ti, A ni yi kububona ubuso bami uma e nge ko kini umfo wenu.
4Nxa u tuma nati umfo wetu, si za kwehla si ku tengele ukudhla:
5Kepa nxa u nga m tumi, a si yi kwehla: ngokuba lowo muntu wa ti kitina, A ni yi kububona ubuso bami uma e nge ko kini umfo wenu.
6Wa ti uIsraeli, Na ngenzeleni okubi ngokumtyela lowo muntu ukuti, u kona umfo wenu na?
7Ba ti, Lowo muntu wa buzisisa indaba yetu neyezihlobo zetu, e ti, U se kona uyihlo na? ni nomfo wenu omunye na? sa m tyela njenga lawomazwi: sa sazi ngani ukuba u za kuti, Yehlisani umfo wenu, na?
8Wa ti uJuda kuIsraeli uyise, Tuma umfana nami, kona si ya kusuka si hambe; ukuba si pile si nga fi, tina, nawe, nabantwana betu.
9Ngi ya kumqinisa; u ya kumbiza esandhleni sami: nxa ngi nga m buyiseli kuwe, ngi m beke ebusweni bako, ma ngi be necala ku ze ku be nini:
10Ngokuba uma sa si nga libalanga nga se si buyile kabili.
11Wa ti uIsraeli uyise kubo, Uma ku njalo, yenzani loku; tabatani izitelo ezinhle zezwe, ni zi fake emihlantini yenu, ni m ehlisele lowo muntu isipo, inhlaka encozana, nezinyosi ezi incozana, amaka, nemure, namapisetako.
12Ni pate esandhleni senu imali enezelwa kabili; na leyo imali eya buyiselwa emilonyeni yamasaka enu, ni i buyisele; ingabe kwa pambekwa:
13Ni m tabate umfo wenu, ni suke, ni buyele ku lowo muntu:
14uTixo uSomandhla a ka nenzele umusa ebusweni ba lowo muntu, ukuba a buyise umfo wenu omunye kanye noBenjamini. Uma ngamukwa, ngi ya kwamukwa.
15A ti amadoda a tabata lesosipo, nemali enezelwe kabili a i tabata ngesandhla sabo noBenjamini; e suka, ehla a ya Egipite, e ma pambi kuka Josefa.
16uJosefa se e m bonile uBenjamini e kona nabo, wa ti encekwini yendhlu yake, Ngenisa laba bantu endhlini, u hlabe, u lungise ngokuba laba bantu ba za ku dhla nami emini.
17Inceku yenza njengokutyo kuka Josefa; inceku ya ba ngenisa abantu endhlini ka Josefa.
18Abantu besaba, ngokuba ba ngeniswa endhlini ka Josefa; ba ti, si ngeniswa ngenxa yemali eya buyiselwa emasakeni etu kuqala, ukuze ehlele pezu kwetu, a ziwise pezu kwetu, a si tabate, tina nezinjomane zetu, si be izigqili.
19Ba sondela encekwini yendhlu ka Josefa, ba kuluma nayo ngasemnyango wendhlu,
20Ba ti, Nkosi, sehla kuqala ukutenga ukudhla:
21Kwa ti se si fikile endhlini yabahambi, sa tukulula amasaka etu bheka, imali yabo bonke ya i semilonyeni yamasaka abo, imali yetu njengokulinganisa kwayo: si i buyisile ngesandhla setu.
22Sehle nenye imali esandhleni setu yokutenga ukudhla: a sazi ukuba imali yetu ya fakwa ubani emasakeni etu.
23Ya ti, Ma ni tokoze, ni ngesabi: uTixo wenu, uTixo wa oyihlo wa ni nika imali emasakeni enu; be ngi nayo imali yenu. Ya pumesa uSimeoni ya m leta kubo.
24Inceku ya ngenisa abantu endhlini ka Josefa, ya ba pa amanzi, ba geza izinyawo zabo; ya zi pa izimbongolo zabo ukudhla.
25Ba lungisa isipo e nga fiki uJosefa emini: ngokuba ba be zwile ukuti, ba ya kudhla ukudhla kona.
26Kwa ti uJosefa se e ngenile endhlini, ba ngenisa kuye endhlini isipo, esa si sesandhleni sabo, ba m kotamela.
27Wa buza ukuba ba tokozile, wa ti, U hlezi kahle uyihlo na, ixegu ena kuluma ngalo? U se kona na?
28Ba ti, Inceku yako, ubaba, i hlezi kahle, i se kona. Ba kotama, ba kuleka.
29Wa pakamisa amehlo ake, wa bona uBenjamini, umfo wabo, indodana ka nina, wa ti, Umne wenu lo, ena kuluma ngaye kimi na? Wa ti, uTixo a ka be nomusa kuwe, ndodana yami.
30uJosefa wa tyetya, ngokuba imibilini yake ya tya ngomne wake: wa funa indawo yokukala; wa ngena endhlini yake, wa kala kona.
31Wa hlanza ubuso bake, wa puma, wa zibamba, wa ti, Letani ukudhla.
32Ba m nika yena e yedwa, nabo be bodwa, naba sEgipite, aba dhla naye, be bodwa: ngokuba abasEgipite ba be nge dhle namaHeberu; ngokuba loko ku nengeka kubo abasEgipite.
33Ba hlala ebusweni bake, izibulo njengokuzalwa kwalo, nomncinyane njengokwelamane kwalo: abantu ba mangalana.
34Wa babela okwa ku pambi kwake: kepa uBenjamini wa piwa kahlanu ku nabo bonke. Ba puza ba tokoza naye.