1KWA ku kona indhlala ezweni, ngapandhle kwendhlala yokuqala e ya i kona emihleni ka Abrahama. uIsaka wa ya eGerari, kuAbimeleki, inkosi yamaFilisiti.
2Wa bonakala kuye uJehova, wa ti, U ngehleli Egipite; yaka ezweni engi za kukutyela lona:
3Hlala ezweni leli, ngi ya kuba nawe, ngi ku busise: ngokuba kuwe na kuyo inzalo yako ngi ya kunikela onke lamazwe, ngi ya kuqinisa isifungo, enga si funga kuAbrahama uyihlo;
4Ngi ya kwandisa inzalo yako, i be ngangezinkanyezi zezulu, ngi ya kunikela inzalo yako onke lawamazwe; na ngenzalo yako zi ya kubusiswa izizwe zonke zomhlaba;
5Ngokuba uAbrahama wezwa izwi lami, wa lalela ukutyo kwami, nemiyalo yami nezimemezelo zami, nemiteto yami.
6uIsaka waka eGerari.
7Kwa ti abantu ba leyondawo ba m buza ngomkake; wa ti, U udade wetu; ngokuba wesaba ukuti, Umkami, wa ti, funa abantu ba lendawo ba ngi bulale ngenxa kaRebeka; ngokuba wa e muhle, e bukeka.
8Kwa ti e se hlezi kona isikati eside, uAbimeleki, inkosi yamaFilisiti, wa kangela e sesibukweni, wa buka, bheka uIsaka wa e feketa noRebeka umkake.
9uAbimeleki wa m biza uIsaka, wa ti, Bheka, u umkako impela: wa tyoloni, ukuti U udade wenu na? Wa ti uIsaka kuye, Ngokuba nga ti, funa ngi fe ngenxa yake.
10Wa ti uAbimeleki, ku ini loku o kwenzileyo kitina na? kwa cityu ukuba umuntu a lale nomkako, u be u si bangele icala.
11uAbimeleki wa yala abantu bonke, e ti, Yena o za kumpata kabi lomuntu nomkake u ya kubulawa nokubulawa.
12uIsaka wa lima ezweni lelo, wa zuza ngalowonyaka kwa ba ngekulu: uJehova wa m busisa.
13Lomuntu wa kula njalo wa kula wa za wa ba mkulu impela:
14Wa e nemfuyo yezimvu nemfuyo yezinkomo, nezinceku eziningi: amaFilisiti a ba nomona ngaye.
15Imitombo yonke eza zi i mbile izinceku zika yise, emihleni ka Abrahama uyise amaFilisiti a be i gqibile, e i gcwalise ngomhlabati.
16Wa ti uAbimeleki kuIsaka, Suka kitina; ngokuba u sihlula kakulu.
17uIsaka wesuka kona, waka emfundeni ya seGerari, wa hlala kona.
18uIsaka wemba futi imitombo yamanzi, aba be i mbile emihleni ka Abrahama uyise; ngokuba amaFilisiti a be i gqibile ngasemva kokufa kuka Abrahama: wa i biza ngamagama a wa qambayo uyise.
19Izinceku zika Isaka za zimba emfundeni, za fumana kona umtombo wamanzi a petuzayo.
20Kwa ti abalusi ba seGerari ba xabana nabalusi baka Isaka, ba ti, A wetu amanzi: wa qamba igama lomtombo iEseki; ngokuba ba xabana naye.
21Ba buya bemba omunye umtombo; ba xabana nangawo: wa qamba igama lawo iSitna.
22Wesuka kona, wa buya wemba omunye umtombo; a ba nga xabanga ngawo: wa qamba igama lawo iRehoboti: wa ti, Ngokuba uJehova u se si kulisile kaloku, si ya kuzala ezweni.
23Wa kupuka kona, wa ya eBeresheba.
24Ngalobobusuku uJehova wa bonakala kuye, wa ti, Ngi nguTixo ka Abrahama uyihlo: u ngesabi, ngokuba ngi nawe, ngi ya kukubusisa, ngi yandise inzalo yako ngenxa ka Abrahama inceku yami,
25Wa laka kona ilati, wa bonga igama lika Jehova, wa misa kona itente lake; nakona izinceku zika Isaka zemba umtombo.
26Kwa ti uAbimeleki wa ya kuye e vela eGerari, noAhuzatu, isihlobo sake, noFikoli induna yempi yake.
27Wa ti uIsaka kubo, Ni zeleni kimi, loku ni ngi zondayo, ni ngi xotyile kini?
28Ba ti, Sa bona nokubona, ukuba u nawe uJehova: sa ti Ma si be kona isifungo pakati kwetu, tina nawe, a senze isivumelwano nawe sokuti,
29U nga senzeli okubi, loku si nga ku hlupanga, loku si kwenzele okuhle kupela, sa ku mukisa kahle: kaloku u busisiwe uJehova.
30Wa benzela ukudhla, ba dhla, ba puza.
31Ba vuka ekuseni ba fungisana: uIsaka wa ba mukisa, be muka kahle kuye.
32Kwa ti ngalolosuku izinceku zika Isaka zeza za m tyela ngomtombo ezi be zi u mbile, za ti kuye, si tolile amanzi.
33Wa u biza ngokuti, iSheba: ngako igama lomuzi li tiwa, iBeresheba, ku ze ku be namhla.
34uEsau wa e neminyaka e mashumi amane, wa tabata umfazi, uJuditi, indodakazi ka Beri umHiti, no Bashemati, indodakazi ka Elone umHiti: Aba be umunyu enhliziyweni ka Isaka noRebeka.