1UJEHOVA wa kumbula uSara njengokutyo kwake, wenza uJehova kuSara njengezwi lake.
2uSara wa kulelwa, wa m zalela uAbrahama indodana e se mdala, ngesikati esitile, uTixo a be si tyilo kuye.
3uAbrahama wa qamba igama lendodana yake e be m zalelwe, a be m zalele yona uSara, ukuti uIsaka.
4uAbrahama wa m soka uIsaka indodana yake i si nezinsuku ezishiyagalombili, njengaloko e be m yalile uTixo.
5uAbrahama wa e neminyaka e ikulu, msukwana e m zalelwa uIsaka indodana yake.
6Wa ti uSara, uTixo u ngenzile ukuba ngi hleke, bonke abezwayo ba ya kuhleka nami.
7Wa ti, Ubani o be nga tyo kuAbrahama ukuti, uSara u ya kuncelisa abantwana na? ngokuba ngi m zalele indodana e se mdala.
8Umntwana wa kula, wa lunyulwa: uAbrahama wenza isidhlo esikulu msukwana e lunyulwa uIsaka.
9uSara wa bona indodana ka Hagari wa sEgipite a be i zalele uAbrahama, i hleka.
10Wa ti kuAbrahama, Si xotye lesisigqilikazi nendodana yaso: ngokuba indodana ya lesisigqilikazi a i yi kudhla ifa kanye nendodana yami, uIsaka.
11Loko kwa ba nqala kakulu kuAbrahama ngenxa yendodana yake.
12Wa ti uTixo kuAbrahama, A ku nga bi nqala kuwe ngenxa yomfana na ngenxa yesigqilikazi sako; kuko konke a ku tyilo uSara kuwe lalela izwi lake; ngokuba ngaye uIsaka i ya kubizwa inzalo yako.
13Nayo indodana yesigqilikazi, ngi za kuyenza i be isizwe, ngokuba i inzalo yako.
14uAbrahama wa vuka ekuseni, wa tabata ukudhla, nesigubu samanzi, wa si nika uHagari, e si beka ehlombe lake, nomntwana, wa m mukisa: wemuka, wa zula ehlane la seBeresheba.
15Amanzi a pela esigujini, wa m beka umntwana pansi komuti.
16Wa ya wa hlala ngapambi kwake, ku katyana kungati ibanga lokuponsa umcibityelo: ngokuba wa ti, Ma ngi nga boni ukufa komntwana. Wa hlala ngapambili, wa kala wa dazuluka.
17uTixo wezwa izwi lomntwana; isitunywa sika Tixo sa memeza uHagari, si sezulwini, sa ti kuye, Hagari, u nani na? u ngesabi; ngokuba uTixo u zwile izwi lomntwana lapo e kona.
18Suka, u pakamise umntwana, u m bambe ngesandhla sako; ngokuba ngi ya kumenza a be isizwe esikulu.
19uTixo wa vula amehlo ake, wa bona umtombo wamanzi, wa ya wa gcwalisa isigubu ngamanzi, wa m puzisa umntwana.
20uTixo wa e nomntwana, wa kula, wa hlala ehlane, wa pata umcibityelo.
21Wa hlala ehlane la seParani: unina wa m tabatela umfazi ezweni la sEgipite.
22Kwa ti ngalesosikati, uAbimeleki, noFikole induna yempi yake, ba kuluma kuAbrahama, be ti, uTixo u nawe ngako konke o kwenzayo:
23A ku funge kimi kona lapo uTixo ukuti, a ku yi kungikohlisa, mina, nenzalo yami: kepa njengomusa engi kwenzele wona, u ya kungenzela wona, nezwe o be u hlezi kulo.
24Wa ti uAbrahama, Ngi ya kufunga.
25uAbrahama wa m sola uAbimeleki ngomtombo wamanzi, e be zi wu pangile izinceku zika Abimeleki.
26Wa ti uAbimeleki, A ngazi ukuba kwenziwa ubani loko: a u ngi tyelanga wena, nami angi zwanga ku ze ku be namhla.
27uAbrahama wa tabata izimvu nezinkomo, wa zi pa uAbimeleki, benza isivumelwano bobabili.
28uAbrahama wa beka amavukazana a isikombisa omhlambi odwa.
29Wa ti uAbimeleki kuAbrahama, Lawa amavukazana a isikombisa o wa bekile odwa a yini na?
30Wa ti, Lawa amavukazana a isikombisa u ya kuwa tabata esandhleni sami a be ufakazi wami ukuti, ngi wumbile lomtombo.
31Ngaloko wa qamba lendawo iBeresheba: ngokuba ba funga kona bobabili.
32Njaloke, ba senza isivumelwano eBeresheba: kona wesuka uAbimeleki, noFikole induna yempi yake, ba buyela ezweni lamaFilisti.
33uAbrahama wa tyala ihlati eBeresheba, wa li bonga kona igama lika Jehova, uTixo o hleziyo pakade.
34uAbrahama wa hlala ezweni lamaFilisti izinsuku za ba zi ningi.