1NGAKO yimani ni qine ekukululekeni uKristu a si kulula kuko ni nga buyi ni botyelwe ejokweni lobugqili.
2Bhekani, mina Paule ngi ti kinina, uma ni soka, uKristu a ka yi ku ni siza ngaluto.
3Futi ngi ya qinisa ngi ti kubantu bonke abasokayo, ba necala lokuba ba gcine umteto wonke.
4Nahlukene noKristu, nina eni tetelelwa ngomteto; ni wile, ni nge ko emuseni.
5Ngokuba tina ngaye uMoya si bhekela itemba lokutetelelwa ngokukolwa.
6KuKristu Jesu ukusoka a ku sizi luto, nokungasoki; kodwa ukukolwa okusebenza ngotando.
7Be ni gijima kahle; na kalinywa ubani, ukuba ni nga laleli iqiniso?
8Lokukwetemba a ku ngaye o ni bizayo.
9Imvubelo e incozana i kukumalisa inhlama yonke.
10Ngi ya netemba ngeNkosi, ngi ti a ni yi kuqonda okunye; kepa o ni katazayo u ya kutweswa icala, noma e ngubani.
11Kepa mina, bazalwane, uma ngi sa shumayela ukusoka, ngi sa zingelelwani na? kona ukuzondeka kwesipambano ku pelile.
12Sengati nga se ba nqunywe aba ni nyakazisayo.
13Ngokuba, bazalwane, ni bizelwe ekukululekeni; kodwa a siko ukukululeka kokuba ituba enyameni; kepa konzanani ngotando.
14Umteto wonke u pelele ngezwi linye elokuti, Wo tanda owakelene naye njengokuba u zitandayo.
15Kepake uma ni lumana ni dhlane, xwayani ukuba ni nga qedani.
16Ngi tyo, hambani ngokuka Moya, kona a ni yi kwenza inkanuko yenyama.
17Ngokuba inyama i kanuka oku pambene noMoya, uMoya u kanuka oku pambene nenyama, lezi zi yemelana, ukuba ni ngenzi loku eni ku tandayo.
18Kodwa uma ni holwa uMoya, a ni se pansi komteto.
19Kepa imisebenzi yenyama i sobala, i le, ukupinga, ukuhlobonga, ubunuku, ubufebe;
20Ukubonga izitombe, ukukunkula, inzondo, inkani, ukupikisana, ulaka, ukubanga, ukuxabana, ukwahlukana,
21Umona, ukubulala, ukudakwa, nokubensa, nako oku njengaloku; engi sandulela ukunityela ngako, njengokuba nga ni tyela pambili, ukuti abenza okunje, a ba yi kulidhla ifa lombuso ka Tixo.
22Kepa izitelo zika Moya zi ukutanda, ukujabula, ukutula, ukubekezela, ubunene, ukulunga, ukukolwa,
23Ukuva, ukuzitiba; a ku ko umteto o pambene nako okunje.
24Kepa aba ka Kristu ba betele inyama kanye nokuhuheka nezinkanuko.
25Uma si pila ngoMoya, a si hambe ngoMoya.
26A si nga zikukumezi, si ze si pikelane inkani, si felane umona.