1MINA Paule, umpostoli, (o nga tunywanga abantu, ku nge nga muntu, kodwa ngaye uJesu Kristu, noTixo uYise, owa m vusa kwabafileyo;)
2Nabazalwane bonke aba nami, kuwo amabandhla a seGalatia;
3A ku be kinina umusa nokutula oku vela kuTixo uBaba, neNkosi yetu uJesu Kristu,
4O wa zinikela ngezono zetu, ukuze a si kulule kulona lelizwe elibi ngokwentando ka Tixo uBaba wetu;
5A ku be kuye ubukosi ku ze ku be pakade. Ameni.
6Ngi ya mangala ngokuba ni hlubuke masinyane kangaka kuyena owa ni bizela emuseni ka Kristu, ni ye kwelinye ivangeli;
7Eli nge silo elinye; kepa ba kona aba ni katazayo, be funa ukulona ivangeli lika Kristu.
8Kodwa noma itina, noma ingelosi ya sezulwini, i ni shumayeza ivangeli, eli nge silo esi ni shumayeza lona, ma i lahlwe.
9Njengaloku kade si tyo, ngi ti na manje, Uma e kona o ni shumayeza ivangeli, eli nge silo eni lamkeleyo, ka lahlwe.
10Ngi ya konga abantu manje na? a ngi m kongi uTixo kupela na? Ngi ya funa ukudelisa abantu na? Uma ngi sa delisa abantu, a ngi siyo inceku ka Kristu.
11Kepa, bazalwane, ngi ya nazisa, ivangeli eli shunyayelwa imina, a si lo eli ngokwabantu;
12A ngi li piwanga abantu; a ngi li fundiswanga; nga li fundiswa ngokwambula kuka Jesu Kristu, kupela.
13Ni zwile ngokuhamba kwami kwa kuqala emidabukweni yabaJua, ukuti, nga li zingela ibandhla lika Tixo kakulu, nga li cita;
14Nga ba dhlula ngemidabuko yabaJuda abaningi aba itanga yami esizweni sa kiti, ngi kamelele kakulu emikubeni ya obaba.
15Kepake mhla kwa ku kuhle kuTixo, o wa ngahlukanisela esiswini sika mame wa ngi biza ngomusa.
16E tanda ukubonakalisa iNdodana yake pakati kwami, ukuze ngi i shumayele ezizweni, nga vuma kona lapo, a nga ze nga kuluma nenyama negazi;
17A ngi ku kupukelanga eJerusalema kubona aba be ngabapostoli pambili kwami; kodwa nga ya eArabia nga pinda nga buyela eDamaseku.
18Kwa ti emva kweminyaka emitatu, nga kupukela eJerusalema ukubona uPetro, nga hlala kuye izinsuku ezi ishumi nesihlanu.
19Kodwa a ngi bonanga omunye kubapostoli, uJakobe umnawe weNkosi kupela.
20Loku engi ni lobela kona, bhekani, ngi ya qinisa pambi kuka Tixo, a ngi qambi amanga.
21Ngasemva kwaloku nga ya emazweni a seSiria, na seKilikia;
22Nga hlala ngi ngaziwa ngobuso emabandhleni a seJudia a e kuKristu;
23Ba be se be zwile lokunje kodwa, ukuti, Lowo owa e kade e si zingela, u se shumayela ukukolwa, owa e kade e ku cita,
24Ba m dumisa uTixo ngami.