1SE zi pelile lezi zinto, kwe za kimi izikulu za ti; Abantu baka Israeli, nabapristi nabaLevi, ka bahlukani nabantu ba semazweni, ba hamba ngemikuba yabo emibi, yamaKanani, nabaHiti, namaPerizi, namaJebusi, nabaAmori, nabaMoabi, nabaEgipite, namaAmori.
2Ngokuba be zitabatele, bona namadodana abo, amantombazana abo, a be ngomkabo, i ti inzalo engcwele i xubene nabantu ba semazweni; yebo, isandhla sezikulu namakosi si dhlule esonweni leso.
3Ku te ngi se zwa lendaba, nga hxebula isivato sami nengubo yami, nga zi hlutula izinwele zekanda lami, nesilevu sami, nga hlala pansi ngi mangele.
4Kwa butanela kimi bonke aba tutumela ngamazwi ka Tixo wabaIsraeli ngokona kwabatunjiweyo; nga hlala ngi mangele kwa za kwa ba isikati somnikelo wokuhlwa.
5Ngesikati somnikelo wakusihlwa nga suka ekuzileni kwami; se ngi hxebulile isivato sami nengubo yami, nga guqa ngamadolo ami, nga zolula izandhla zami kuJehova uTixo wami.
6Nga ti, Tixo wami, ngi jabile, ngi nezinhloni ukuba ngi pakamisele ubuso bami kuwe, Tixo wami; ngokuba izono zetu zandile ngapezu kwamakanda etu, namacala etu a kulile a ze a fika ezulwini.
7Ku suka ezinsukwini za obaba, ku ze ku be namhla, si nesono esikulu; ngamacala etu, sa nikelwa, tina, namakosi etu, nabapristi betu, esandhleni samakosi a semazweni, ezinkembeni, ekutunjweni, na sekupangweni, na sekujabeni njengokuba ku njalo na namhla.
8Kepa kaloku ngesikatyana u kona umusa o vela kuJehova uTixo wetu ukusishiyela abasindileyo, nokusinika isipikili endaweni engcwele yake, ukuba uTixo wetu a kanyise amehlo etu, a si nike ukupila oku incozana ekubotyweni kwetu.
9Ngokuba sa si izigqili, kepa uTixo wetu ka si shiyanga ekubotyweni, kepa u si zuzele umusa pambi kwamakosi a sePersia, ukuba a si nike ukupila si vuse indhlu ka Tixo wetu, si mise ukucitakala kwayo, a si nike udonga eJudia na seJerusalema.
10Se si ya kutini, Tixo wetu, emva kwaloku; loku si shiyile imiyalo yako?
11Owa i yalayo ngezinceku zako abaprofeti, wa ti; Lelizwe eni ya kulo ukulifuya, li izwe elingcolileyo, li nokungcola kwabantu, ba semazweni, li nemikuba yabo emibi e li gcwalisileyo, ngokungcola kwabo, kwa qala komunye umkaulo, kwa za kwa fika komunye.
12Ma ni nga niki amantombazana enu kumadodana abo, njalo amadodana enu ni nga wa tabateli amatombazana abo, ni nga funi ukutula kwabo nenhlanhla yabo, ku ze ku be nini, ukuba ni be namandhla, ni dhle ubuhle bezwe ni li shiye, li be ifa labantwana benu ku ze ku be nini.
13Ngasemva kwako konke oku fikile pezu kwetu ngemisebenzi yetu emibi, na ngecala letu elikulu, loku, wena, Tixo wetu, u si hlaulisile okuncane ku nezono zetu, wa si pa ukusinda okungaka;
14Si nga buya si yapule imiyalo yako, si ganane nabantu ba lemikuba emibi na? nga u nga tukuteli nati, u ze u si qede, ku be ku nga bi ko nosalayo nosindayo na?
15Jehova, Tixo wabaIsraeli, u lungile wena, kepa si sele, si sindile, njengokuba ku njalo namhla; bheka, si pambi kwako, si nezono zetu; kepa a ku ko ukuma pambi kwako ngaloku.