1KWA ti emva kwaloku, ekubuseni kuka Artasasta inkosi ya sePersia, uEzra indodana ka Seraia, indodana ka Azaria, indodana ka Hilkia.
2Indodana ka Shaluma, indodana ka Zadoki, indodana ka Ahitubi.
3Indodana ka Amaria, indodana ka Azaria, indodana ka Meraioti.
4Indodana ka Zerahia, indodana ka Uzi, indodana ka Buki.
5Indodana ka Abishua, indodana ka Finehasi, indodana ka Eleazari, indodana ka Aroni umpristi omkulu;
6uEzra lowo wa kupuka eBabulona; wa e umbali o hlakanipileyo emtetweni ka Mosi, a u nikiweyo nguJehova uTixo wabaIsraeli; inkosi ya m nika konke a ku celayo, si se pezu kwake isandhla sika Jehova uTixo wake.
7Kwa kupuka aba kubantwana bakaIsraeli, nabapristi, nabaLevi, nabahlabeleli, nabalindiminyango, nabaNetini, ba ya eJerusalema ngomnyaka wesikombisa ka Artasasta inkosi.
8Weza eJerusalema ngenyanga yesitupa, oku ngowomnyaka wesikombisa wenkosi.
9Ngokuba ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala, wa qala ukukupuka eBabulona, na ngosuku lokuqala lwenyanga yesihlanu, wa fika eJerusalema, si se pezu kwake isandhla esilungileyo sika Tixo wake.
10Ngokuba uEzra wa be e i bekile inhliziyo yake ukufuna umteto ka Jehova, nokuwenza, nokufundisa kubaIsraeli izimiso nemiyalo.
11Loku ku ukubalwa kwencwadi, inkosi uArtasasta ya i nika kuEzra umpristi, umbali, umbali wamazwi emiyalo kaJehova, nowezimiso zake kubaIsraeli.
12uArtasasta inkosi yamakosi, kuEzra umpristi, umbali womteto ka Tixo wa sezulwini, o peleleyo, nokunjalo.
13Ngi memezele umteto wokuba bonke embusweni wami kubantu bakwaIsraeli, nabapristi babo, nabaLevi abatanda ukuya eJerusalema, ba hambe nawe.
14Loku u tunywa inkosi nompakati wayo aba isikombisa, ukubuza indaba ya seJudia ne ya seJerusalema, ngomteto ka Tixo wako o nawo;
15Nokuyisa isiliva negolide, inkosi nompakati aba li nikele ngesihle kuTixo wabaIsraeli, ondhlu yake i seJerusalema,
16Nalo lonke isiliva negolide o nga li fumana ezweni lonke la seBabulona, kanye nomnikelo wesihle wabantu nabapristi, aba nikelayo ngesihle indhlu ka Tixo e seJerusalema;
17Ukuba u tyetye u tenge nga lemali izinkabi, nezinqama, namaundhlu neminikelo yokudhla yazo, neminikelo yokupuza yazo, u ku nikela elatini lendhlu ka Tixo wako e seJerusalema.
18Loko okuhle kuwe na kubafo wenu ukwenza ngelinye isiliva negolide eliseleyo, a ke ni kwenze ngokwentando ka Tixo wenu.
19Izitya o zi nikelwe umsebenzi wendhlu ka Tixo wako, zi buyisele pambi kuka Tixo wa seJerusalema.
20Okunye o ku swelekileyo endhlini ka Tixo wako, oku fanele ukunika, ku nike okwasendhlini yemfuyo yenkosi.
21Mina Artasasta inkosi, ngi memezele umteto kinina nonke abalonda imfuyo e nga pesheya komfula, wokuba konke, uEzra umpristi, umbali womteto ka Tixo wa sezulwini, a za ku kubiza kinina, a kwenziwe masinyane.
22Ku be amatalenta esiliva a ikulu, namakore okolweni a ikulu, namabate ewaini, a ikulu, namabate amafuta a ikulu, nosaoti o ngabalwayo.
23Konke oku memezelwa uTixo wa sezulwini a kwenzelwe indhlu ka Tixo wa sezulwini ngokukutala, funa ulaka lu vukele umbuso wenkosi namadodana ayo.
24Si ya nazisa ukuti; abapristi nabaLevi, nabahlabeleli, nabalindiminyango, nabaNetini, nabakouzi ba lendhlu ka Tixo, a ku vunyelwa ukumtelisa namunye kubo inkokelo, nomnikelo, nesiteliso.
25Wena Ezra, ngokuhlakanipa kuka Tixo wako, o nako, misa izinduna, nabahluli aba za kwahlula abantu bonke aba ngapesheya komfula, bonke aba yazi imiteto ka Tixo wako; u ba fundise abangayaziyo.
26Lowo o nga yi kuwenza umteto ka Tixo wako; nomteto wenkosi, ma a lahlwe masinyane, noma ku be ukubulawa, noma ukuxotywa, noma ukudhliwa imfuyo yake, noma ukubotywa.
27A ka busiswe uJehova uTixo wa obaba betu o ku bekileyo okunjalo enhliziyweni yenkosi ukuba a yenze i bukeke indhlu ka Jehova e seJerusalema.
28Wa ngi zuzela umusa pambi kwenkosi nompakati wayo, na pambi kwezikulu zonke zenkosi ezi namandhla. Nga qiniswa si se pezu kwami isandhla sika Jehova uTixo wami, nga buta izikulu kubaIsraeli, ukuba zi kupuke nami.