1KWA ti abaprofeti, uHagai umprofeti, noZekeria indodana ka Ido, ba ya ba profeta kubaJuda aba seJudia na seJerusalema, ngegama lika Tixo wabaIsraeli, ku bona.
2Kona kwa suka uZerubabeli indodana ka Shealtiele, noJeshua indodana ka Jozadake, ba qala ukwaka indhlu ka Tixo e seJerusalema; kwa ba kona nabo abaprofeti baka Tixo be ba siza.
3Ngaleso sikati kweza kubo uTatnai inkosi e nganeno komfula, noShetarboznai, nabahlanganyele nabo, ba tyo kubo, ukuti, Kwa menyezelwa ubani kinina ukwaka lendhlu nokuqeda lolu donga?
4Kona sa tyo kubo ukuti; Obani amagama abantu aba yaka lendhlu?
5Kodwa iso lika Tixo wabo be li pezu kwamalunga abaJuda, ba be nga ba tiyile, kwa za kwa fika leyondaba kuDarisu; kona ba pendula ngencwadi ngaleyonto.
6Ukubalwa kwencwadi aba i tumayo kuDarisu inkosi, uTatnai inkosi e nganeno komfula, noShetarboznai nabahlanganyele naye, abaAfarsake aba nganeno komfula;
7Ba tuma incwadi kuye, okwa lotywa kuyo ngokuti; A ku be ukutula konke kuDarisu.
8A kwaziwe enkosini ukuti, sa ya ezweni la seJudia, endhlini ka Tixo omkulu; yakiwa ngamatye amakulu, imiti i fakwa ezindongeni; ku setyenzwa ngokukutala lomsebenzi, u ya lunga ezandhleni zabo.
9Kona sa buza lawa malunga, sa tyo kuwo ukuti, Kwa menyezelwa ubani kinina umteto, ukuba nake leyondhlu, ni qede lezi zindonga?
10Sa ba buza namagama abo, ukuba si ku tyele, ukuba si bale amagama abantu aba izikulu kubo.
11Ba si pendula ngokuti, Si izinceku zika Tixo wa sezulwini na semhlabeni, si yaka indhlu eyakiwa ngapambili leminyaka eminingi, ya yaka ya i qeda inkosi enkulu yabaIsraeli.
12Kepa obaba betu se be m tukutelisile uTixo wa sezulwini, wa ba nikela esandhleni sika Nebubukadnezari inkosi ya seBabulona, umKaldi, wa i cita leyondhlu, wa ba tumba, wa ba yisa abantu eBabulona.
13Kodwa ngomnyaka wokuqala ka Kuresi inkosi ya seBabulona, uKuresi inkosi wa memezela umteto wokuba kwakiwe lendhlu ka Tixo.
14Futi izitya zegolide nezesiliva zendhlu ka Tixo, e za kitywa uNebukadnezari etempeleni eli seJerusalema, wa zi yisa etempeleni la seBabulona, lezo uKuresi inkosi wa zi kipa etempeleni la seBabulona, wa zi nika komunye ogama lake li nguSheshebazare, a be m bekile induna.
15Wa ti kuye, Tabata lezi zitya, u ye, u zi yise etempeleni eli seJerusalema, indhlu ka Tixo ma yakiwe endaweni yayo.
16Kona wa fika uSheshebazare lowo, wa beka isisekelo sendhlu ka Tixo e seJerusalema; ya i sakiwa iloku ku ze ku be manje, kepa a i ka peleli.
17Uma ku lungile enkosini a ke ku hlolwe endhlini yemfuyo yenkosi, e kona eBabulona, ukuba kwa menyezelwa umteto uKuresi inkosi wokuba kwakiwe lendhlu ka Tixo e seJerusalema, inkosi ma i tume kitina intando yayo nga lomsebenzi.