1LAPO wa ngi buyisa kuwo umnyango wendhlu; bhekake amanzi a puma pansi komgulugulu wendhlu ngasempumalanga; ngokuba ubuso bendhlu ba buka empumalanga, futi amanzi a hlika ngapansi, ngasohlangotini lokunene lwendhlu, ngaseningizimu kwelati.
2Wa ti wa ngi pumisa ngendhlela yesango la sempumalanga, wa ngi zungelezisa ngendhlela engapandhle, kulo isango elingapandhle ngendhlela ukubuka kwayo ku sempumalanga; bhekake, amanzi a consa ngasohlangotini lokunene.
3Umuntu e sa hamba ngasempumalanga e nentambo esandhleni sake, wa linganisa izingalo ezi inkulungwane, wa ngi welisa emanzini; amanzi a be semaqakaleni.
4Lapo wa linganisa ezi inkulungwane, wa ngi welisa emanzini; amanzi a be semadoleni. Wa pinda wa linganisa ezi inkulungwane, wa ngi welisa; amanzi a be sokalweni.
5Wa pinda wa linganisa ezi inkulungwane; kwa ba umfula e be ngi nge wu wele: ngokuba amanzi a e kulile ku amanzi okuhlanjwa, umfula o be u nge welwe.
6Lapo wa ti kimi. U bonile loku, Ndodana yomuntu na? Wa se e ngi hambisa, wa ngi buyisela odongeni lomfula.
7Bhekake, ekubuyeleni kwami odongeni lomfula, i bi kona imiti eminingi kakulu ngalapa nangalapa.
8Lapo wa ti kimi, Lawamanzi a pumela ekuzungezeni kwasempumalanga, a yeukela ehlane, a ya elwandhle; ko ti wona e pumiselwe elwandhle, amanzi a ya kwelatywa.
9Ko ti ku be kona ukuba imipefumlo yonke epilayo e kalayo kuzo zonke izindawo lapo imifula i fika kona yo pila: futi zo ba kona izinhlanzi eziningi kakulu, ngokuba lawamanzi e za kona; zo ti zelatywe, zi pile zonke lapo umfula u za kona.
10Ko ti ku be kona abalobi ba me ngakuwo ku suke En-gedi ku ze ku sEn-eglaimi; zi ya kuba izindawo zokweneka amaneta; izinhlanzi zabo zo ba ngohlobo, njengezinhlanzi zolwandhle olukulu, eziningi kakulu.
11Izindawo ezi nodaka, namacibi a ka yi kwelatywa, o nikwa kusaoti.
12Futi ngasemfuleni ogwini lwawo ngalapa nangalapo, yo mila imiti yonke yokudhla, ihlamvu layo a li yi ku buna, nezinhlamvu zayo, a zi yi ku qedwa; yo hlanza ezintya ngezinyanga zayo, ngokuba amanzi ayo a puma kuyo indawo e ingcwele; futi izitelo zayo zo ba ukudhla, neqabunga layo li be umuti.
13Njalo i tyo iNkosi uJehova; Yiwona umkaulo, e ni ya kudhla izwe ngawo emindenini eyishumi nambili ya seIsraeli: uJosefa wo ba nezinxenye ezimbili.
14Futi ni ya kudhla lona, umuntu njengomfo wabo, e nga pakamisela lona isandhla sami ukulinika kubo oyihlo; lona izwe lo ni wela li be ifa.
15Iwona umkaulo wezwe eceleni la senyakato ku suke elwandhle olukulu ngendhlela ya seHetiloni, ukuza eZedadi;
16iHamati neBerotha neSibraimi e li pakati komkaulo wa seDamaseku, nomkaulo wa seHamati; iHazar-hatikoni, e li ngasemkaulweni wa seHaurani.
17Futi umkaulo ku suke elwandhle wo ba iHazar-enani, nomkaulo wa seDamaseku, nenyakato ngasenyakato, nomkaulo wa seHamati. Lona li yicala la senyakato.
18Futi icala la sempumalanga no li linganisa pakati kweHaurani neDamaseku, na pakati kweGiladi nezwe la seIsraeli ngaseJoredani, ku suke emikaulweni ku ze ku selwandhle lwa sempumalanga. Lona li yicala la sempumalanga.
19Futi icala la seningizimu ngaseTemani ku suke eTamai ku ze ku be semanzini a seMeriba eKadeshi umfunla o ya elwandhle olukulu; Lona li yicala la seTemani ngaseningizimu.
20Futi icala la sentyonalanga lo ba ulwandhle olukulu ku suke emkaulweni ku ze ku fike ngapambi kweHamati; Kona li yicala la sentyonalanga.
21Njalo ni ya kuzahlukanisela lelilizwe njengemindeni ya seIsraeli.
22Ku ya kuti, ni li dhlise ngenkato li be inzuzo kini, nabafokazi a ba hlezi pakati kwenu, a ba zo zala amadodana pakati kwenu; bona ba ya kuba kini njengomuntu wezwe pakati kwamadodana a seIsraeli; bona ba ya kudhla ngenkato kanye nani inzuzo pakati kwemindeni ya seIsraeli.
23Ku ti emindenini lapo owezizwe u hlezi kona pakati kwayo, lapo no m nika inzuzo yake, i tyo iNkosi uJehova.