1NJALO i tyo iNkosi uJehova, ukuti, Isango letanga elingapakati, eli buka ngasempumalanga li ya kuvalwa izinsuku ezi isitupa zokusebenza; kepa ngosuku lwesabata li zo vulwa, na ngosuku lwenyanga etwasayo lo vulwa.
2Ko ti isikulu si ngene ngendhlela yendhlu ya lelisango ngapandhle, si me ngasensikeni yesango, futi abateteleli ba ya kwenza umnikelo wokutyiswa waso, no wezibongo waso, sona so kotama emgulugulwini wesango; lapo so puma; kepa isango a li yi ku valwa ku ze ku be kusihlwa.
3Futi abantu bezwe ba zo kuleka emnyango walelisango pambi kuka Jehova, ngamasabata, na ngezinyanga ezitwasayo.
4Ko ti umnikelo wokutyiswa isikulu si ya ku wu nikela kuJehova ngosuku lwesabata u be izimvana zamaduna ezi isitupa ezi nge nacala, nenqama e nge nacala.
5Nomnikelo wokudhla wo ba indinganiso kuyo inqama, na kuzo izimvana umnikelo wokudhla wo ba isipo sesandhla saso, namafuta ihini kuyo indinganiso.
6Na ngosuku lwenyanga etwasayo wo ba inkunzi itole lenkomo engenacala, nezimvana ezi isitupa, nenqama; zi nga soleki.
7Sona si ya kwenza umnikelo wokudhla, indinganiso kuyo inkunzi, nendinganiso kuyo inqama, na ngezimvana njengaloko isandhla saso si nga tabata, namafuta ihini kuyo indinganiso.
8Na sekungeneni kwesikulu, so ngena ngendhlela yendhlu yesango leso, so puma na ngendhlela yayo.
9Kodwa ekungeneni kwabantu bezwe pambi kuka Jehova ngemizuzu, yena o ngena ngendhlela yesango la senyakato ukukotama wo puma nagendhlela yesango la seningizimu; no ngena ngendhlela yesango la seningizimu wo puma ngendhlela yesango la senyakato; a ka yi ku buya ngendhlela ya lelosango a ngena ngalo, kanti wo puma ngapambili kwalo.
10Naso isikulu esi pakati kwabo so ngena ekungeneni kwabo, so puma nasekupumeni kwabo.
11Ko ti emibutweni na semizuzwini umnikelo wokudhla u be indinganiso kuyo inkunzi, nendinganiso kuyo inqama, na kuzo izimvana isipo sesandhla saso, namafuta ihini kuyo indinganiso.
12Na lapo isikulu si ya kwenza umnikelo wokutya ngenhliziyo, noko mhlaumbe umnikelo wezibongo ngenhliziyo kuJehova, umuntu wo si vulela isango eli buka ngasempumalanga, sona so wenza umnikelo waso wokutyiswa, neminikelo yezibongo njengaloko senza ngosuku lwesabata; lapo so puma; umuntu wo vala isango futi emva kokupuma kwaso.
13Futi wo yenza imvana yomnyaka munye e nge nacala i be umnikelo wokutyiswa ngemihla kuJehova; kusasa nakusasa wo yenza.
14Nomnikelo wokudhla wo wenza ukusa nokusa, inxenye kwezi isitupa kuyo indinganiso, namafuta inxenye kwezi isitupa kulo ihini, ukufafaza kanye nempupu; umnikelo wokudhla kuJehova o umteto wa pakade.
15Bona ba ya kwenza imvana, nomnikelo wokudhla, namafuta kusasa na kusasa i be umnikelo wokutyisa okunjalo.
16Njalo i tyo iNkosi uJehova ukuti; Uma isikulu si nike isipo komunye wamadodana aso, ifa laso li ya kuba kuwo amadodana inzuzo yawo ngokudhla ifa.
17Kepa uma si nike isipo sefa laso kuye omunye wezinceku zaso, sona si ya kuba e sake ku ze ku be umnyaka wenkululo; lapo so buyela kuso isikulu, kodwa ifa lake li ya kuba e lamadodana ake.
18Isikulu a si yi ku tabata kuwo amafa abantu ukubamuka ngenzuzo yabo, kodwa so dhlisa amadodana aso amafa kuwo amafa aso; ukuze abantu bami ba nga hlakazwa yilo kuyo inzuzo yake.
19Lapo wa ngi zisa ekungeneni oku sohlangotini lwesango kuwo amakamelo ayingcwele a kubo abateteleli, okubuka kwawo ku senyakato; bhekake i be kona indawo ngasemuva ngasentyonalanga.
20Lapo wa ti kimi, Yile indawo lapo abateteleli be ya kubilisa kona umnikelo wecala, nowokona, lapo ba ya kupeka kona umnikelo wokudhla; ukuze ba nga wu pumiseli etangeni eli ngapandhle, ukwenza abantu ba be ngcwele.
21Lapo wa ngi pumisela etangeni eli ngapandhle, wa ngi dhlulisa amagumbi amane etanga; bhekake, itanga egumbini letanga netanga egumbini letanga.
22Emagumbini amane etanga a be kona amatanga avalelweyo izingalo ezingamashumi amane ngobude, nezingamashumi amatatu ngobubanzi; isilinganiso sinye si be ku lamagumbi amane.
23Lwa ti lwa ba kona udonga ekuzungezeni kuwo, ekuzungezeni kuwo lwamane, lwenziwe nezindawo zokubilisa pansi kwezindonga ekuzungezeni.
24Lapo wa ti kimi, Yile indhlu yababilisayo, lapo abakonzi bendhlu be ya kubilisa kona umnikelo wabantu.