1LAPO wa ngi yisa etangeni elingapandhle, ngendhlela e bheka ngasenyakato; wa ngi zisa ekamelweni e li nga pambili kwendawo ehlukanisiweyo, e li be pambili kwendhlu ya senyakato.
2Ebusweni bobude bezingalo ezi ikulu u be kona umnyango wa senyakato, futi ubude bu be izingalo ezingamashumi amahlanu.
3Nga pambili kwezingalo ezingamashumi amabili kulo itanga elingapakati, na nga pambili kokugandaya o ku be setangeni elingapandhle, izindhlu ezengamayo zi be sebusweni bezindhlu ezengamayo ngezinhla ezintatu ezinye pezu kwezinye.
4Na ngapambili kwamakamelo kwa ba kona indhlela yezingalo ezi ishumi ngobubanzi ngapakati, indhlela yengalo inye; neminyango yawo ngasenyakato.
5Kwa ti amakamelo angapezulu a finyela; ngokuba izindhlu ezengamayo zi be zinkulu ku nazo ezingapansi, na kuzo ezingapakati kwendhlu.
6Ngokuba amakamelo a be nezinhla ezintatu ezinye pezu kwezinye, kepa za zi ngeko izinsika kuwo a pezulu njengezinsika zamatanga; ngako a finyezwa kunawo a ngapansi, na ku nawo a ngapakati ku suke emhlabatini.
7Lwa ti udonga o be lu ngapandhle malungana namakamelo ngendhlela yetanga elingapandhle, ngapambi kwamakamelo, ubude balo bu be izingalo ezingamashumi amahlanu.
8Ngokuba ubude bamakamelo a be setangeni elingapandhle bu be izingalo ezingamashumi amahlanu, bhekake, ngapambi kwetempeli ku be izingalo ezi ikulu.
9Ku te ngapansi kwamakamelo lawa, kwa ba kona ukungena kwa sempumalanga, ekungeneni komuntu kuwo e vele etangeni elingapandhle.
10Amakamelo a be ebubanzini bodonga lwetanga ngendhlela ya sempumalanga, ngapambi kwendawo ehlukanisiweyo, na ngapambili kwendhlu.
11Ku te indhlela ngapambi kwawo i be njengesimo samakamelo a be sendhleleni ngasenyakato, njengobude bawo, na njengobubanzi bawo; nokupuma kwawo konke ku be njengemikuba yawo, na njengeminyango yawo.
12Na njengeminyango yamakamelo a be sendhleni ya seningizimu, u be njalo umnyango ekandeni lendhlela, indhlela ngapambi kodonga olu seduze nendhlela ya sempumalanga ekungeneni kuwo.
13Lapo wa ti kimi, Amakamelo a senyakato, namakamelo a seningizimu, a nga pambi kwendawo ehlukanisiweyo, wona a ngamakamelo a ingcwele, lapo abateteleli a ba sondela kuJehova be ya ku dhla kona loku oku ingcwele kokuingcwele; lapo ba zo hlalisa kona loko oku ingcwele koku ingcwele, ukuti, umnikelo wokudhla, no wezono, no wamacala; ngokuba indawo i ingcwele.
14Lapo abateteleli be ngena, a ba yi ku puma endaweni e ingcwele kulo itanga elingapandhle, na lapo ba ya ku hlalisa izambato zabo a ba konza pakati ngazo; ngokuba ba ingcwele bona; bo faka izambato ezinye, ba sondele kuko o ku kubantu.
15Lapo e se qedile ukulinganisa indhlu engapakati, wa ngi pumisa ngendhlela yesango obuso balo bu sendhleleni ya sempumalanga, wa yi linganisa ekuzungezeni.
16Wa linganisa uhlangoti lwa sempumalanga ngohlanga lokulinganisa, izinhlanga ezingamakulu amahlanu, ngohlanga lokulinganisa ekuzungezeni.
17Wa linganisa uhlangoti lwa senyakato izinhlanga ezingamakulu amahlanu, ngohlanga lokulinganisa ekuzungezeni.
18Uhlangoti lwa seningizimu wa lu linganisa, izinhlanga ezingamakulu amahlanu, ngohlanga lokulinganisa.
19Wa penduka ohlangotini lwa sentyonalanga, wa linganisa izinhlanga ezingamakulu amahlanu ngohlanga lokulinganisa.
20Ngezinhlangoti ezine wa yi linganisa; udonga lu be kuwo ekuzungezeni, ubude bu be izinhlanga ezingamakulu amahlanu, ukuhlukanisa pakati koku ingcwele nokungahlanzekile.