1NGOMNYAKA wamashumi amabili nesihlanu wokutunjwa kwetu, ngokuqala komnyaka, ngosuku lweshumi lwenyanga, ngomnyaka weshumi nane emva kokuba, umuzi wa be u tyayiwe, ngosuku lona lolo isandhla sika Jehova sa ba pezu kwami, wa ti wa ngi zisa lapo.
2Ngezibonakalo zikaTixo wa ngi zisa ezweni la seIsraeli, wa ngi hlalisa pezu kwentaba ende kakulu, na pezu kwayo kwa ba njengezako zomuzi ngaseningizimu.
3Wa ti wa ngi zisa kona, bhekake, umuntu isimo sake si njengesimo setusi, intambo yelineni ya ba sesandhleni sake, nohlanga lokulinganisa; wema yena esangweni.
4Lapo umuntu wa tyo kimi, ukuti, Ndodana yomuntu, bheka ngamehlo ako, u zwe ngezindhlebe zako, u beke inhliziyo yako kuko konke e ngi ku bonisa kuwe; ngokuba, ukuze ngi ku bonise u zisiwe lapa; tyela konke o ku bonayo kuyo indhlu ya seIsraeli.
5Bhekake udonga ngapandhle kwendhlu ekuzungezeni, na sesandhleni somuntu uhlanga lokulinganisa lu be izingalo ezitupa ngokwengalo nempama; wa ti wa linganisa ububanzi bodonga uhlanga lunye, nokupakama kwazo uhlanga lunye.
6Lapo we za kulo isango okubuka kwalo ku sendhleleni ya sempumalanga, wa kupuka ngezinyatelo zokukwela zalo, wa linganisa umgulugulu wesango uhlanga lunye ngobubanzi, nomgulugulu omunye uhlanga lunye ngobubanzi.
7La ti ikamelo ileli la be uhlanga lunye ngobude nohlanga lunye ngobubanzi, napakati kwamakamelo amancinyane izinhlanga ezi isihlanu; nomgulugulu wesango ngasendhlini yesango ngapakati u be uhlanga lunye.
8Wa linganisa nopahla lwesango ngapakati, uhlanga lunye.
9Wa ti wa linganisa nopahla lwesango izingalo ezishiyagalombili; nezinsika zalo izingalo ezimbili; ya ti indhlu yesango ya ba ngapakati.
10A ti amakamelo amancinyane esango e la bheka indhlela yempumalanga a be matatu ngalapo; isilinganiso sinye si be kuwo amatatu; nesilinganiso sinye kuzo izinsika ngalapa na ngalapa.
11Wa ti wa linganisa ububanzi bomkati wesango, izingalo ezi ishumi nobude besango, izingalo ezi ishumi nantatu.
12Futi umkaulo ngapakati kwamakamelo, ingalo inye nga lapa, nengalo inye umkaulo ngalapo; a ti amakamelo a ba izingalo ezi isitupa ngalapa, nezingalo ezi isitupa ngalapa.
13Wa ti wa linganisa isango ku suke opahlweni lwekamelo elinye ku fike opahlweni olunye, ububanzi bu be izingalo ezingamashumi amabili nesihlanu, umnyango pambi komnyango.
14Wenza futi izinsika e zi be izingalo ezingamashumi atatisitupa, ku nayo insika yetanga lesango ngokuzungeza.
15Na sebusweni besango lokungena kubo ubuso bendhlu yesango elingapakati, izingalo ezingamashumi amahlanu
16Za ba kona izibuko ezivaliweyo kuwo amakamelo na kuzo izinsika zawo ngapakati kwesango ekuzungezeni, na njalo kuzo izindhlu ezengamayo; nezibuko zi be ngapakati ekuzungezeni; na sensikeni a be kona amasundu.
17Lapo wa ngi ngenisa etangeni elingapandhle, bhekake, a be kona amakamelo nokugandaywa kwamatye enziwe kulo itanga ekuzungezeni, amakamelo a ngamashumi amatatu a be kuko ukugandaywa.
18Kwa ti ukugandaywa kwaseceleni lamasango malungana nobude bamasango, kwa be ku ukugandaywa okusezansi.
19Lapo wa linganisa ububanzi ku suke ebusweni besango elisezansi, kubo ubuso betanga elingapakati, ngapandhle bu be izingalo ezi ikulu empumalanga na senyakato.
20Nesango kulo itanga elingapandhle okubuka kwalo ku be sendhleleni yenyakato, wa linganisa ubude balo, nobubanzi balo.
21A ti amakamelo alo a ba matatu nga lapa, amatatu ngalapa; nezinsika zalo nezindhlu ezengamayo zalo zi be njengokulinganisa kwesango lokuqala; ubude balo bu be izingalo ezingamashumi amahlanu, nobubanzi bu be izingalo ezingamashumi amabili nesihlanu.
22Nezibuko zalo, nezindhlu ezengamayo zalo, namasundu alo ku be njengesilinganiso sesango okubuka kwalo ku be sendhleleni ya sempumalanga; ba ti ba kupukela kulo ngezinyatelo zokukwela ezi isikombisa, za ti izindhlu ezengamayo zi ba pambili kwabo.
23La ti isango letanga elingapakati la ba nga kulo isango e li bheke enyakato na sempumalanga; yena wa linganisa ku suke esangweni ku ze ku be sesangweni izingalo ezi ikulu.
24Lapo wa ngi yisa ngendhlela yaseningizimu, bhekake isango ngasendhleleni ya seningizimu; wa ti wa linganisa izinsika zalo, nezindhlu ezengamayo zalo njengezilinganiso lezo.
25Za ti za ba kona izibuko kulo, nasezindhlini ezengamayo ekuzungezeni, njengezibuko lezo; ubude bu be izingalo ezingamashumi amahlanu, nobubanzi bu be izingalo ezingamashumi amabili nesihlanu.
26Za ti za ba kona izinyatelo zokukwela ezi isikombisa, futi izindhlu ezengamayo zi be pambili kwazo; li be namasundu kulo, elinye ngalapa nelinye ngalapa ezinsikeni zalo.
27La ba kona isango kulo itanga elingapakati ngendhlela ya seningizimu; wa ti wa linganisa ku suke esangweni ku ze ku be sesangweni ngendhlela ya seningizimu izingalo ezi ikulu.
28Lapo wa ngi zisa kulo itanga elingapakati kulo isango la seningizimu; wa se e linganisa isango la seningizimu njengezilinganiso lezi.
29Namakamelo alo, nezinsika zalo, nezindhlu ezengamayo zalo, njengezilinganiso lezi; za ti za ba kona izibuko kulo na kuzo izindhlu ezengamayo zalo ekuzungezeni; ubude bu be izingalo ezingamashumi amahlanu, nobubanzi bu be izingalo ezingamashumi amabili nesihlanu.
30Ba ti ubude bezindhlu ezengamayo ekuzungezeni ba ba izingalo ezingamshumi amahlanu, nobubanzi ba izingalo ezi isihlanu.
31Za ti izindhlu ezengamayo zalo za ba ngasetangeni elingapandhle; a ti amasundu a ba sezinsikeni zalo; nokukupuka kwalo ku be nezinyatelo zokukwela ezishiyagalombili.
32Lapo wa ngi zisa etangeni elingapakati ngasendhleleni ya sempumalanga wa linganisa isango njengezilinganiso lezi.
33Namakamelo alo, nezinsika zalo, nezindhlu ezengamayo zalo, njengezilinganiso lezi; za ti za ba kona izibuko kulo, na kuzo izindhlu ezengamayo zalo ekuzungezeni; ubude bu be izingalo ezingamashumi amahlanu, nobubanzi bu be izingalo ezingamashumi amabili nesihlanu.
34Za ti izindhlu ezengamayo zalo za ba ngasetangeni elingapandhle; futi a be kona amasundu ezinsikeni zalo ngalapa na ngalapa; nokukupuka kwalo ku be nezinyatelo zokukwela ezishiyagalombili.
35Lapo wa ngi zisa kulo isango la senyakato, wa linganisa njengezilinganiso lezi;
36Amakamelo alo, nezinsika zalo, nezindhlu ezengamayo zalo, nezibuko zalo ekuzungezeni; ubude bu be izingalo ezingamashumi amahlanu, nobubanzi bu be izingalo ezingamashumi amabili nesihlanu.
37Za ti izinsika zalo za zi ngasetangeni elingapandhle; futi amasundu a be sezinsikeni zalo ngalapa na ngalapa; nokukupuka kulo ku be nezinyatelo zokukwela ezishiyagalombili.
38A ti amakamelo nokungena kwawo a ba ngasezinsikeni zamasango, lapo ba hlanza kona umnikelo wokutyiswa.
39Endhlini yesango a be kona amatebula amabili ngalapa namatebula amabili ngalapa, ukuhlabela pezu kwawo umnikelo wokutyiswa nowesono nowecala.
40Na seceleni ngapandhle ekukupukeni kuko ukungena kwesango la senyakato a be kona amatebula amabili; naseceleni elinye e li sendhlini yesango a be kona amatebula amabili.
41Amatebula amane a be ngalapa, namatebula amane a be nga lapa ngaseceleni lesango; amatebula ashiyagalombili, lapo ba hlaba pezu kwawo.
42A ti amatebula amane omnikelo wokutyiswa a ba amatye abaziweyo, ubude bu be ingalo inye nenxenye, nobubanzi ku be ingalo inye nenxenye, nokupakama ku be ingalo inye; a ba beka pezu kwawo izikali a ba hlaba ngazo umnikelo wokutyiswa nohlatywayo.
43Nezigwegwe zempama inye zi misiwe ekuzungezeni ngapakati; na sematebuleni i be kona inyama yomnikelo.
44Kwa ti ngapandhle kwesango elingapakati a ba kona amakamelo abahlabeleli etangeni elingapakati e li seceleni kwesango la senyakato; kwa ti ukubuka kwawo kwa ba sendhleleni ya seningizimu; elinye li be seceleni lesango la sempumalanga, kwa ti ukubuka kwalo kwa ba sendhleleni yasenyakato.
45We se e tyo kimi, ukuti, Lelikamelo okubuka kwalo ku sendhleni ya seningizimu li elabateteleli, abagcini benkonzo yendhlu.
46Nalelikamelo okubuka kwalo ku sendhleleni ya senyakato li elabateteleli abagcini benkonzo belati; bona ba ngamadodana ka Zadoki, a pakati kwamadodana ka Levi aba sondela kuJehova ukukonza.
47Lapo wa linganisa itanga, ubude bu be izingalo ezi ikulu, nobubanzi bu be izingalo ezi ikulu, li nezinhlangoti ezine; la ti ilati la li ngapambili kwendhlu,
48Wa se e ngi zisa kuyo indhlu yesango lendhlu, wa linganisa insika yendhlu yesango, izingalo ezi isihlanu zi be nga lapa, nezingalo ezi isihlanu zi be ngalapa; ba ti ububanzi besango ba ba izingalo ezintatu ngalapa, nezingalo ezintatu ngalapa.
49Ubude bendhlu yesango bu be izingalo ezingamashumi amabili, nobubanzi bu be izingalo ezi ishumi nanye; wa ti wa ngi zisa kuzo izinyatelo zokukwela a ba kupukela ngazo kulo; za zi kona izinsika ngakwezinye esinye nga lapa nesinye nga lapa.