1FUTI wena, Ndodana yomuntu, tabata kuwe isitini, u si beke pambi kwako, u lobe pezu kwaso umuzi, o tiwa iJerusalema.
2Wo wu vimbezela, wake nga kuwo inqaba, u qonge udonga, u beke nga kuwo amabandhla, u beke nga kuwo ngapambili izinqama zokubeta.
3Futi tabata wena kuwe ipani lensimbi, u li beke li be udonga lwensimbi ngapakati kwako nomuzi; wo beka ubuso bako nga kuwo, wo ba nokuvimbezelwa wona, wena wo wu vimbezela; loku ku isiboniso kuyo indhlu ya seIsraeli.
4Futi ma u lale ngohlangoti lwako lobunxele, u beke ukupambeka kwendhlu ya seIsraeli pezu kwalo; njengokubalwa kwezinsuku o ya kulala ngazo kulo, wo pata ukona kwabo.
5Ngokuba se ngi fakile pezu kwako iminyaka yokupambeka kwabo, njengokubalwa kwezinsuku, izinsuku ezingamakulu amatatu namashumi ashiyagalolunye; njalo wo pata ukupambeka kwendhlu ya seIsraeli.
6Ko ti se u zi qedile zona, u lale o kwesibili ngohlangoti lwako lokunene, u pate ukupambeka kwendhlu ya seJuda izinsuku ezingamashumi amane; ngi bekile pezu kwako usuku lu be ngomnyaka.
7Futi wo beka ubuso bako nga kuko ukuvimbezelwa kweJerusalema, ko ti ku zibukulwe ingalo yako, wazise nga kulo.
8Bhekake, ngo beka izibopo pezu kwako, futi a u yi ku penduka ehlangotini ngohlangoti, u ze u qede izinsuku zokuvimbezela kwako.
9Futi tabata kuwe ukolweni nebale, nobontyisi, nezimbumba, namabele, nespelta, u wa beke esityeni si be sinye, u zenzele isinkwa ngawo, ngokokubala kwezinsuku o lala ngazo ngohlangoti, izinsuku ezingamakulu amatatu namashumi ashiyagalolunye wo dhla ngaso.
10Ko ti ukudhla kwako o ya ku ku dhla ku be ngesilinganiso, amashekeli amashumi amabili ngosuku; wo ku dhla ngesikati na ngesikati.
11Namanzi wo wa puza ngesilinganiso, inxenye yesitupa yehini; ngezikati na ngezikati wo puza.
12Wo si dhla njengesinkwa sebale, u si peke emehlweni abo, ngendhle eli puma kumuntu.
13Wa buya wa ti uJehova, Ku njalo abantwana ba seIsraeli ba ya ku si dhla isinkwa sabo esingcolileyo pakati kwezizwe, lapo ngi ba kapezela kona.
14Nga se ngi ti, Au Nkosi Jehova! bheka, umpefumlo wami a u zanga u ngcoliswe; kwa sebutyeni bami nakaloku a ngi dhlanga ingcuba, nenyama ehebuliweyo; nenyama enukayo a i ngenanga emlonyeni wami.
15Lapo wa ti kimi, Bheka, se ngi nikile umquba esikundhleni sendhle lomuntu, wo ti u lungise isinkwa sako ngawo.
16Wa buya wa ti kimi, Ndodana yomuntu, bheka, mina ngo nqamula uqobo lokudhla eJerusalema; ba ya kuti ba dhle isinkwa ngesilinganiso, ngokukatala ba puze amanzi ngesilinganiso ngokudumala.
17Ba ze ba swele ukudhla, namanzi, ba dumale umuntu nomuntu, ba zace ezipambekweni zabo.