1KWA ti kwa ba kona kimi izwi lika Jehova, lokuti.
2Ndodana yomuntu, yazisa nga kubo abalusi ba seIsraeli; wazise u tyo ku bona, ukuti, Njalo i tyo iNkosi uJehova kubo abalusi; Maye kubalusi ba seIsraeli a ba zifunzayo! a ngi ti abalusi nga be funze izimvu na?
3Ni ya dhla amafuta; ni vate uboya, ni hlabe ezinonileyo, kepa a ni funzi izimvu.
4Ezitambileyo a ni zi qinisanga, a ni pilisanga egulayo, a ni bopanga enyeleyo, a ni buyisanga exotyiweyo, a ni funisisanga elahlekileyo; kepa ni zi busile ngamandhla na ngohlupo.
5Za ti za hlakazwa ngokuba wa e ngeko umalusi; za ba ukudhla kuzo zonke izilo zomhlabati, za hlakazeka zona.
6Izimvu zami zeduka ezintabeni zonke, na pezu kwemimango yonke; yebo izimvu zami za hlakazwa ebusweni bezwe lonke, kwa ti, kwa ku ngeko ofunisisayo, no funayo.
7Ngako balusi, yizwani izwi lika Jehova;
8Kupila kwami, i tyo iNkosi uJehova, imbala ngokuba izimvu zami za ba impango, futi, izimvu zami za ba ukudhla kuzo zonke izilo zomhlabati, ku nga bi ko umalusi, futi abalusi bami a ba funisisanga izimvu zami, kepa abalusi ba zifunza, be nga funzi izimvu zami:
9Ngako balusi, yizwani izwi lika Jehova.
10Njalo i tyo iNkosi uJehova; Bheka mina ngi nga kubo abalusi; futi ngo biza izimvu zami esandhleni sabo, ngi ba yekise ukufunza izimvu; bona abalusi a ba zo zifunza futi; ngokuba ngo sindisa izimvu zami emlonyeni wabo, zi nga bi ukudhla ku bona.
11Ngokuba njalo i tyo iNkosi uJehova, bheka mina ngo funisisa izimvu zami, ngi zi bekelele.
12Njengokubekelela komalusi umhlambi wake ngosuku e se kona ngalo pakati kwezimvu zake ezihlakazekileyo; njalo ngo bekelela izimvu zami, ngi zi suse kuzo zonke izindawo lapo zi hlakazekele kona ngosuku lwamafu nobumnyama.
13Ngi ya kuti ngi zi pumise kubantu, ngi zi bute kuwo amazwe, ngi zi zise emhlabatini wabo, ngi zi funze ezintabeni za seIsraeli, nga sezimfundeni, nasezindaweni zonke ezakiweyo zezwe.
14Ngo zi funza edhlelweni elihle, nasezintabeni ezipakamileyo za seIsraeli ko ba kona inhlalo yazo; lapo zo cambalala enhlalweni enhle, na sedhlelweni elivundileyo zi ya kwaluka kona pezu kwezintaba seIsraeli.
15Mina ngo funza izimvu zami, ngi zenze zi lale pansi, i tyo iNkosi uJehova.
16Ngo funisisa okulahlekileyo, ngi buyise okuxotyiweyo, ngi bope okunyeleyo, ngi qinise okugulayo; kepa ngo cita okunonileyo nokunamandhla; ngi zi funze ngokwahlulela.
17Kepa nina, Zimvu zami, njalo i tyo iNkosi uJehova; Bheka mina, ngi ya kwahlula pakati kwesilwane nesilwane, pakati kwezinqama nezimpongo.
18Ku yinto encane kini ukuba, ni dhlile idhlelo elihle, no nyatela pansi insalo yedhlelo lenu futi ngezinyawo zenu na? nokuba ni puzile kuwo amanzi ahlangeneyo, no dunga wona aseleyo futi ngezinyawo zenu na?
19Kodwa izimvu zami zi ya dhla okunyatelweyo ngezinyawo zenu; zi puze okudungiweyo ngezinyawo zenu.
20Ngako njalo i tyo iNkosi uJehova kuzo; Bheka mina ngi ya kwahlula pakati kwemvu enonileyo nemvu ezacileyo.
21Ngokuba ni qubile ngohlangoti nangehlombe, ni tyayile ezigulayo zonke ngezimpondo zenu ni ze na zi hlakazela ngapandhle;
22Ngako ngo sindisa izimvu zami, a zi yi ku ba impango futi; ngo ti ngahlule pakati kwesilwane nesilwane.
23Ngi ya kuti ngi mise pezu kwazo umalusi munye, yena wo zi funza, ngi ti inceku yami uDavida; yena wo zi funza, a be umalusi wazo.
24Futi mina Jehova ngo ba uTixo kuzo, inceku yami uDavida wo ba isikulu pakati kwazo; mina Jehova ngi tyilo.
25Futi ngi ya kwenza nazo uvumelwano lokuhlala kahle, ngi qede izilo ezibi ezweni; zona zi zo hlala ehlane ngokwetemba, zi lale emahlatini.
26Futi ngi ya kwenza zona, nezindawo ezi haqa intaba yami zi busiswe; ngo ti, ngehlise imvula ngesikati sayo; ku be kona izihlambi zokubusisa.
27Ko ti umuti womhlabati u tele ukudhla kwawo, nomhlaba u tele isitelo sawo, zona zo ba nokwetemba emhlabatini, zi ya kwazi ukuba mina ngi nguJehova uma ngapula izibonda zeyokwe lazo, ngi zi sindise esandhleni sabo aba zikonzayo ngazo.
28Zona a zi yi ku ba futi impango kuzo izizwe, nezilo zezwe a zi yi ku zi dhla; kepa zo hlala ngokwetemba, ku ngeko o ku zetusayo.
29Ngo ti ngi vusele zona ihlumela elidumileyo, futi a zi yi ku ba ezi suswa ngendhlala ezweni, zi nga twali futi amahloni ezizwe.
30Zona zi ya kwazi ukuba mina Jehova uTixo wazo ngi kuzo, nokuba zona zi ngabantu bami, indhlu ya seIsraeli, i tyo iNkosi uJehova.
31Nina ni izimvu zami, ni izimvu zedhlelo lami, ni ngabantu, mina ngi nguTixo wenu, i tyo iNkosi uJehova.