1KWA ti kwa ba kona izwi likaJehova kimi, lokuti.
2Ndodana yomuntu, kuluma kumadodana abantu bako, u tyo kubo, Uma ngi zisa inkemba pezu kwalo izwe; noma abantu bezwe ba tabate umuntu wa semikaulweni yabo, ba m beke a be umlindi ku bona.
3Noma se e bona inkemba i za pezu kwezwe, a kalise itilongo, a xwayise abantu;
4Noma yena o zwayo u yezwa ukukala kwetilongo, kodwa e nga xwayi; uma i fika inkemba, i m suse; igazi lake li ya kuba ekanda lake.
5Wezwa ukukala kwetilongo, a xwayanga, igazi lake li ya kuba kuye. Kanti yena o xwayayo wo sindisa umpefumlo wake.
6Ku ti umlindi uma e bona inkemba i za, e nga kalisi itilongo, be nga xwayiswa abantu, i fike inkemba i suse umuntu ku bona, umpefumlo lowo u ya suswa ekupambekweni kwawo, kepa igazi lawo ngo li biza esandhleni somlindi.
7Njalo wena Ndodana yomuntu ngi ku bekile u be umlindi kuyo indhlu ya seIsraeli, wo ti u zwe izwi emlonyeni wami, u ba xwayisele mina.
8Lapo ngi tyo komubi, ukuti, Mubi wo fa ngokufa; kepa u nga kulumi wena ukuxwayisa omubi a shiye indhlela yake; lowomubi wo fa ekupambekeni kwake, kepa igazi lake ngo li biza esandhleni sako.
9Kanti wena uma u xwayisile omubi ukuba a penduke endhlelni yake; kodwa, uma e nga penduki ekuhambeni kwake, yena wo fa ekupambekeni kwake, kepa wena u sindisile umpefumlo wako.
10Futi, wena Ndodana yomuntu kuluma kuyo indhlu ya seIsraeli; Njalo ni ya tyo, ukuti, Uma ukupambeka kwetu, nezono zetu zi be pezu kwetu, tina si zace ku zona, si ya kupila kanjani po na?
11Yityo ku bona, ukuti, Kupila kwami, i tyo iNkosi uJehova a ngi tokozi ekufeni komubi; kodwa ekubuyeni komubi endhleleni yake a pile; pendukani ni penduke ezindhleleni zenu ezimbi, ngokuba ni ya kufa ngani, Ndhlu ya seIsraeli?
12Futi, wena Ndodana yomuntu, yityo kumadodana abantu bako, Ukulunga kolungileyo a ku yi ku m sindisa ngosuku lokupambeka kwake: futi okubi komubi a ka yi ku wiswa pansi iko ngosuku lokubuya kwake ebubini bake; futi olungileyo a ka yi ku ba namandhla ukupila ngako ukulunga ngosuku lokona kwake.
13Lapo ngi tyo kolungileyo, ukuti, yena wo pila ngokupila; uma e temba yena kuko ukulunga kwake, enze okubi, ukulunga konke kwake, a ku yi ku kunjulwa: kepa wo fa ebubini a benzileyo, wo fa kubo.
14Na lapo ngi tyo komubi, Wena wo fa ngokufa; uma e buya esonweni sake enze ukwahlulela nokulunga.
15Uma omubi e buyise isibambiso, e koka okwamukiweyo, e hambe emitetweni yokupila, e ngenzi okubi; wo pila ngokupila, a ka yi ku fa.
16A ku yi ku kunjulwa nga kuye nesi sodwa sezono zake a zenzileyo; wenzile ukwahlulela nokulunga; wo pila ngokupila.
17Kepa amadodana abantu bako a tyo, ukuti, Indhlela yeNkosi a i lingani, kodwa bena izindhlela zabo a zi lingani.
18Ekubuyeni kolungileyo ekulungeni kwake enze okubi, wo fa kuko.
19Kanti ekubuyeni komubi ebubini bake, enze ukwahlulela nokulunga, wo pila ngako.
20Kepa ni tyo ukuti, A i lingani indhlela yeNkosi. Ndhlu ya seIsraeli, ngo nahlula ilomuntu njengezindhlela zake.
21Kwa tike ngomnyaka weshumi nambili, ngenyanga yeshumi ngosuku lwesihlanu lokutunjwa kwetu, weza kimi umuntu o sindileyo eJerusalema, wa ti, Umuzi se u tyayiwe.
22Kwa ti isandhla sika Jehova sa ba pezu kwami kusihlwa, ngapambi kokufika kosindileyo; sa vula umlomo wami, wa ze wa fika ekuseni; wa se u vulekile umlomo wami nga ngi nga tuli futi.
23Kwa ti kwa ba kona kimi izwi lika Jehova, lokuti.
24Ndodana yomuntu, bona a ba hlezi ezincitakalweni lezo zomhlabati wa seIsraeli ba kuluma, be ti, uAbahama wa e munye, wa ba nezwe; kepa tina si ngabaningi; izwe li piwe ki tina li be ifa.
25Ngako yityo kubo, Njalo i tyo iNkosi uJehova, Ni ya dhla negazi, ni pakamisela ezitombeni amehlo enu, ni palaze igazi; no ba nezwe nina na?
26Ni yema pezu kwenkemba yenu, nenze okunengekayo, ni ngcolise ilomuntu umka mgane wake; no ba nezwe nina na?
27Wo kuluma njalo ku bona, Njalo i tyo iNkosi uJehova; Kupila kwami, impela bona a ba sezincitakalweni ba za ku wa ngenkemba, naye o sebusweni bomhlabati ngo m nika kuzo izilo zi m dhle, nabo ba sezinqabeni, na semagedengwini ba ya kufa ngokufa.
28Ngo ti ngenze izwe li be ihlane incitakalo, ku pele ubukosi bamandhla alo; izintaba za seIsraeli zona zo ba ihlane, ku nga biko odabulayo.
29Ba ya kwazi ukuba ngi nguJehova, lapo ngi bekile izwe li be ihlane, incitakalo, ngako ukunengeka konke a ba kwenzileyo.
30Ku ti, wena Ndodana yomuntu, abantwana babantu bako ba kuluma ngawe ngasezindongeni, na ngaseminyango yezindhlu: bona ba kuluma omunye komunye ilomuntu kumfo wabo, be ti, Wozani manje, ni zwe ukuba li yini izwi e li pume kuye uJehova.
31Ba ti ba ye za kuwe ngokokuza kwabantu, ba hlale pambi kwako njengabantu bami, be zwe amazwi ako, kanti a ba yi kwenza wona; ngokuba bona benza ngomlomo wabo okutandekayo, kodwa inhliziyo yabo i landela inzuzo embi.
32Bhekake, wena u ku bona njengesihlabelelo esitandekileyo somunye o nezwi elihle, nolungile ukubeta ogubwini: ngokuba ba ye zwa amazwi ako, kanti a benzi wona.
33Kepa lapo ku fikile loku, (bheka ku ye za!) lapo ba ya kwazi ukuba umazisi u be pakati kwabo.