1LAPO wa ti kimi, Ndodana yomuntu, yidhla loku o ya ku ku fumana; yidhla leli songo, yiya wena u kulume kuyo indhlu ya seIsraeli.
2Nga se ngi kamisa umlomo wami, wa ngi dhlisa isongo lelo.
3Wa buya, wa ti kimi; Ndodana yomuntu, yenza isisu sako si dhle, namatumbu ako o gcwala lelisongo e ngi ku nike lona. Lapo nga li dhla; la ti la ba njengezinyosi ngobumnandi emlonyeni wami.
4Wa se e ti kimi, Ndodana yomuntu, hamba u ye kuyo indhlu ya seIsraeli, u kulume ngamazwi ami kubo.
5Ngokuba a u tunywa wena kubantu a bezindebe ezingahlolekiyo, na bolimi olukuni, kepa kuyo indhlu ya seIsraeli.
6Ku nga bi kubantu abaningi a bezindebe ezingahlolekiyo na bolimi olukuni, a bamazwi abo u nge wezwe; impela uma nga be ngi ku tumile ku bona, nga be be lalele kuwe.
7Kepa indhlu ya seIsraeli a i yi ku vuma ukulalela kuwe; ngokuba a i vumi ukulalela kimi: ngokuba bonke a bendhlu ya seIsraeli ba nqala ngebunzi, ba lukuni ngenhliziyo.
8Bheka ngenzile ubuso bako bu be nqala nga kubo ubuso babo, nebunzi lako li be nqala nga kulo ibunzi labo.
9Njengetye iadamanti, ku nqala ku netye lomlilo ngenzile ibunzi lako; u nga besabi, u ngetuki ngobuso babo, ngokuba ba yindhlu epambeneyo.
10Wa buya wa ti kimi, Ndodana yomuntu, onke amazwi e ngi ya ku wa kuluma kuwe, wamkele wona enhliziyweni yako, u wezwe ngezindhlebe zako.
11Futi hamba u ye kubo abatunjwa, kubo abantwana babantu bakwenu, u kulume kubona; u tyo kubo, ukuti, Njalo i tyo iNkosi uJehova; noma be zwa, noma be ngezwa.
12Lapo uMoya wa ngi pakamisa, wa ti ngezwa emva kwami inhlokomo yokuzamazisa okukulu, ya ti. Ku busisiwe ukukazimula kuka Jehova ku lendawo.
13Nenhlokomo yamapiko ezidalwa e za namata esinye esinye, nenhlokomo yamasondo nga ku zona, nenhlokomo yokuzamazisa okukulu.
14Lapo uMoya wa ngi pakamisa, wa ngi hola, nga ti nga ya ngi nyukumala ekuvuteni komoya wami; kepa isandhla sika Jehova sa ba namandhla pezu kwami.
15Nga se ngi za kuzo izitunjwa eTelabibi, bona a ba hlezi nga semfuleni uKebari, na lapo ba hlala kona nga hlala kona nami izinsuku ezi isikombisa pakati kwabo ngi dumala.
16Kwa ti ekupeleni kwezinsuku ezi isikombisa, la ba kona izwi lika Jehova kimi, li ti,
17Ndodana yomuntu, ngi kwenzile u be umlindi kuyo indhlu ya seIsraeli; ngako wo li zwa izwi emlonyeni wami, u ba yalele mina.
18Nxa ngi tyo komubi, ukuti, Wo fa ngokufa; kodwa a u m yalanga, a u kulumanga ukuyala omubi a suke endhleleni embi yake a ze a pile; lo omubi u ya kufa ekupambekeni kwake; kepa igazi lake ngo li biza esandhleni sako.
19Kanti wena uma u m yalile omubi, kodwa a ka penduki kubo ububi bake, na kuyo indhlela embi yake, yena u ya kufa ekupambekeni kwake; kepa wena u sindisile umpefumlo wako.
20Na lapo olungileyo e buya kuko ukulunga kwake, enze kabi, nxa ngi bekile isikubekiso pambi kwake, u ya kufa yena; ngokuba wena a u m yalanga, wo fa esonweni sake, futi okulungileyo kwake a kwenzileyo a ku yi ku kunjulwa; kepa igazi lake ngo li biza esandhleni sako.
21Kanti wena uma u yalile olungileyo ukuba a ngoni naye a ngoni, u ya kupila belu, ngokuba u yaliwe; nawe u sindisile umpefumlo wako.
22Kwa ti kwa ba pezu kwami lapo isandhla sika Jehova; wa se e ti kimi, Suka u ye etafeni, na lapo ngo kuluma nawe.
23Lapo nga suka, nga ya etafeni; bhekake, lapo kwema kona ukukazimula kuka Jehova, njengokukazimula e ngi ku bonileyo ngasemfuleni uKebari; nga ti nga wa ngobuso bami.
24Lapo uMoya wa ngena pakati kwami, wa ngi misa ezinyaweni zami, wa kuluma nami, wa tyo kimi ukuti; Yiya u zivalele endhlini yako.
25Kepa wena, Ndodana yomuntu bheka, ba ya kufaka izibopo pezu kwako, ba ku bope ngazo, ko ti u nga pumeli pakati kwabo.
26Ngi ya kuti ngenze ulimi lwako lu namatele kulo ulwanga lwako, ko ti u tule, a nga biko kubo umuntu oyalayo; ngokuba ba yindhlu epambeneyo bona.
27Kepa nxa ngi kuluma nawe, ngo kamisa umlomo wako; wena u ya kutyo kubo, ukuti, Njalo i tyo iNkosi uJehova, ngokuba ba indhlu epambeneyo bona.