1KWA ti kwa ba kona izwi lika Jehova kimi, lokuti.
2Ndodana yomuntu, yityo kuyo inkosi ya seTire ukuti, Njalo i tyo iNkosi uJehova; Ngokuba inhliziyo yako i ya zipakamisa, u tyo, ukuti, Ngi ngutixo, ngi hlezi esihlalweni sika Tixo, enhliziyweni yezilwandhle, kodwa wena u ngumuntu, a u siye uTixo, kepa u misile inhliziyo yako njengenhliziyo ka Tixo.
3Bheka u hlakanipile wena kuDanyeli; a ba nge site imifihlakalo kuwe nayodwa.
4Ngokuhlakanipa kwako na ngokuqonda kwako u zenzele ingcebo, u tabatile igolide nesiliva ezinyangweni zako.
5Ngokuvama kokuhlakanipa kwako, na ngokutenga kwako wandisile ingcebo, futi inhliziyo yako i pakamile ngengcebo yako.
6Ngako njalo i tyo iNkosi uJehova; Ngokuba u misile inhliziyo yako njengenhliziyo ka Tixo;
7Ngako, bheka mina ngo zisa abafo pezu kwako abasabekayo bezizwe; bo ti ba koke izinkemba zabo ngakubo ubuhle bokuhlakanipa kwako, ba ngcolise ukukazimula kwako.
8Ba ya kukwehlisela emgodini, wo fa ukufa kwabahlatyiweyo enhliziyweni yezilwandhle.
9U sa ya kutyo ini ebusweni bake o ku bulalayo ngi nguTixo? Kodwa wo ba umuntu wena, u nga siye uTixo esandhleni so ku bulalayo.
10Wo fa ukufa kwabangasokiweyo, ngesandhla sabafo: ngokuba mina ngi ku kulumile, i tyo iNkosi uJehova.
11Kwa ti kwa ba kona izwi lika Jehova kimi, lokuti;
12Ndodana yomuntu, pakamisa isililo pezu kwenkosi ya seTire, u tyo kuyo, Njalo i tyo iNkosi uJehova, U ya gqiba inhlanganiso e gcwele ukuhlakanipa, e pelele ngobuhle.
13U bu seEdene ensimini kaTixo; amatye amahle onke a be isibekelo sako, iodemi, ipiteda, iyahalomi, itarshishi, ishohamu, iyashefe nesafiri, inopeke ibarekati, negolide; umsebenzi womabontya wako nemityingo yako wa lungiswa kuwe ngosuku lokwenza kwako.
14Wena u yikerube eligcotyiweyo elizisibekelayo; nga ku beka mina; wa ba sentabeni eyingcwele kaTixo, wa zihambela pakati kwamatye omlilo.
15Wa u lungile ezindhleleni zonke zako ku suke osukwini o wa datyulwa ngalo, kwa za kwa funyanwa okubi pezu kwako,
16Ngokuvama kwentengo yako ba gcwalisile ngapakati kwako ngohlupo, wonile wena; ngo ku lahla njengongahlanzekile entabeni kaTixo; ngi ya kuti ngi ku bulale wena kerubi elizisibekelayo ku suke pakati kwamatye omlilo.
17Inhliziyo yako ya zipakamisa ngobuhle bako, u ngcolisile ukuhlakanipa kwako ngokukazimula kwako; ngo ku ponsa emhlabatini, ngo ku beka pambi kwamakosi uku ku bona.
18U ngcolisile okunyingcwele kwako ngokuvama kokubi kwako, ngokubi kokutenga kwako; ngako ngo pumisa umlilo ku suke nga pakati kwako, wona wo ku dhla, futi ngo ku nikela emloteni emhlabatini emehlweni abo bonke a ba ku bonayo.
19Bona bonke a ba kwaziyo pakati kwabantu, ba ya kudumala ngawe; wo ba ukucitakala u nga bi sa bi ko.
20Kwa ti kwa ba kona izwi lika Jehova kimi, lokuti.
21Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bako ngakulo iSidoni, wazise ngakulo.
22U tyo ukuti, Njalo i tyo iNkosi uJehova; Bheka, mina ngi nga kuwe Sidoni, ngo dunyiswa pakati kwako: futi ba ya kwazi ukuba ngi nguJehova, lapo ngenzile kona izahlulelo kulo, na lapo ngi ya kuba ngcwele kona kulo.
23Ngi ya kuti ngi tume kulo ukufa, negazi ezindhleleni zalo: futi abagwazwayo pakati kwalo ba ya kuwa ngenkemba pezu kwalo ekuzungezeni; ba ya kwazi bona ukuba ngi uJehova.
24Futi a ku sa yi ku ba kona kuye indhlu ya seIsraeli iliva elihlabayo, nameva a limazayo a vele kubo aba ba haqayo, a ba ba delayo, ba ya kwazi ukuba ngi iNkosi uJehova.
25Njalo i tyo iNkosi uJehova ekuyihlanganiseni kwami indhlu ya seIsraeli se be pumile kubantu a ba zihlakazile pakati kwabo, lapo ngi ya kwenziwa ngcwele pakati kwabo emehlweni ezizwe, lapo ba ya kuhlala emhlabatini e ngi wu nikile kuyo inceku yami uJakobe.
26Ba ya kuti ba hlale ngokwetemba, bake izindhlu, ba tyale amasimu esinwazi, ba hlale ngokutemba, uma se ngenzile izahlulelo pezu kwabo bonke a ba ba delayo, a ba haqayo; ba ya kwazi bona ukuba ngi uJehova uTixo.