1KWA tike ngomnyaka weshumi nanye, ngosuku lokuqala lwenyanga, la ba kona izwi lika Jehova kimi, lokuti.
2Ndodana yomuntu ngokuba iTire li tyilo nga kulo iJerusalema, ukuti, Aha, li fohloziwe e li be isango labantu; li guqulele kimi; ngo gcwala, se li citakalisiwe.
3Ngako njalo i tyo iNkosi uJehova; Bheka, mina ngi pezu kwako Tire, ngo ti ngi kupulele izizwe eziningi pezu kwako, njengolwandhle lwenyusa amaza alo.
4Zi ya kuti zi cite izindonga za seTire, zi wise pansi izinqaba zalo: Futi ngo sula utuli lwalo kulo, ngenze lona njengedwala elomileyo.
5I ya kuba indawo yokweneka amaneta pakati kolwandhle; ngokuba mina ngi tyilo, i tyo iNkosi uJehova; Lona li ya kuba impango kuzo izizwe.
6Futi amadodakazi alo a semhlabatini a ya kububiswa ngenkemba; bona ba ya kwazi ukuba ngi nguJehova.
7Ngokuba njalo i tyo iNkosi uJehova mina ngo leta pezu kweTire uNebukadrezari inkosi ya seBabulona e vela enyakato, e inkosi yamakosi, e namahashi nezincwele nezinkweli, nebandhla, nabantu abaningi.
8Wo bubisa amadodakazi ako emhlabatini ngenkemba: Futi wo beka inqaba nga kuwe a qonge udonga nga kuwe, a pakamise nga kuwe isihlangu.
9Nokutyaya kwenqama yokubeta wo ku nika ezindongeni zako, nezinqaba zako wo zi wisa pansi ngamazembe ake.
10Ngokuvama kwamahashi ake utuli lwawo lo ku sibekela: ngenhlokomo yezinkweli, namasondo nezincwele izindonga zako zo zamazama ekungeneni kwake pakati kwamasango ako njengabangenayo emzini odabuliweyo.
11Ngezinselo zamahashi ake wo nyatela izindhlela zonke zako; wo bubisa abantu bako ngenkemba, namatanga amandhla ako a we pansi.
12Ba ya kupanga ingcebo yako, ba bambe intengo yako; ba wise pansi izindonga zako, ba hlakaze izindhlu ezinhle zako; ba ponse amatye ako nemiti yako, notuli lwako emanzini.
13Ngi ya kuti ngi tulise umsindo wokuhlabelela kwako; nokukala kwezingubu zako a ku yi kuzwiwa futi.
14Futi ngi ya kwenza wena njengedwala elomileyo, wo ba indawo yokweneka amaneta; a u sa yi kwakiwa futi: ngokuba mina Jehova ngi tyilo, i tyo iNkosi uJehova.
15Njalo i tyo iNkosi uJehova kuTire; Iziqingi a zi yi ku zamazama ini, ngodumo lokuwa kwako, ekukaleni kwabagwazwayo, ekubulaweni kwababulalwayo pakati kwako na?
16Lapo amakosi onke olwandhle a ya kwehla ezihlalweni zawo zobukosi a suse izingubo zawo, a hlubule izambato zawo zomfeketiso: a zo gqoka ukututumela; a hlale emhlabatini, a tutumele ngezikatyana zonke a dumale.
17A ya kuti enze isililo pezu kwako, a ti kuwe, U citekile kanjani wena o wakiwe ngaba a bolwandhle, muzi odunyisiweyo, o be namandhla elwandhle, wona nabahlezi kuwo a benza ukwesaba kwabo kubo bonke a ba hlezi kuwo.
18Kaloku iziqingi zo tutumela ngosuku lokuwa kwako; yebo iziqingi ezi selwandhle zo katazeka ngokumuka kwako.
19Ngokuba njalo i tyo iNkosi uJehova; Lapo ngo kwenza kona u be umuzi osabalalekayo, njengemizi e nge nabahleziyo; lapo ngo kupula, kona ulwandhle pezu kwako, namanzi amaningi o ku sibekela.
20Lapo ngo kwehlisa kona nabo abehlela emgodini, nabantu ba sendulo, ngi ku hlalise emhlabeni ongapansi, ekucitakaleni kwasendulo, nabo abeukela emgodini, ukuze u ngakiwa; lapo ngo beka kona ubuhle ezweni labapilayo;
21Ngo kwenza u be ukucitakala, u nga bi sa biko, ko ti u funisiselwe, kepa a u yi ku funyanwa futi ku ze ku be pakade, i tyo Nkosi uJehova.