1FUTI patela wena izikulu za seIsraeli isililo,
2U tyo, ukuti, Unyoko u yini na? Ingonyamakazi; ya lala pansi pakati kwezingonyama, ya kulisa amaundhlu ayo pakati kwezingonyama ezitya.
3Ya ti ya kulisa elinye lamaundhlu ayo; la ba ingonyama entya, ya funda ukubamba impango, ya dhla abantu.
4Kwa ti izizwe ze zwa ngayo, ya badjwa emgodini wazo, za yi yisa ezweni la seEgipite ngamasongo empumulo azo.
5Kwa ti se i bone ukuba ya libaziswa, itemba layo la buba; ya se i tabata elinye lamaundhlu ayo, ya li beka li be ingonyama entya.
6Ya ti ya zihambela pakati kwezingonyama, ya ba ingonyama entya, ya funda ukubamba impango, ya dhla abantu.
7Futi yazi izigodhlo ezicitwayo zayo, ya cita imizi yona; li citakele nezwe nokugcwala kwalo, ngezwi lokukala kwayo.
8Lapo izizwe za pambana nayo zi vela emazweni a zungezayo, zeneka ineta lazo pezu kwayo; ya badjwa emgodini wazo.
9Za ti za yi beka endhlini yokubopela emasongweni empumulo, za yi yisa enkosini ya seBabulona; za yi yisa ezinqabeni, ukuze izwi layo li nga zwiwa futi ezintabeni za seIsraeli.
10Unyoko u njengesinwazi, egazini lako, si tyaliwe ngasemanzini; sa ba nezinhlamvu, namagatya, ngawo amanzi amaningi.
11Sa ti sa ba nezinti zamandhla izintonga zababusayo, futi ukudepa kwaso ku pakeme pakati kwamahlamvu, sa ti sa bonakala ekupakameni kwaso, si nokuvama kwamahlahla.
12Kepa sa donyulwa ekutukuteleni, sa wiswa pansi emhlabatini; kwa ti umoya wempumalanga womisa isitelo saso: kwapuka koma uti lwamandhla aso; umlilo wa si dhla.
13Kalokuke si tyaliwe ehlane, ezweni elomileyo eligagadekileyo.
14Umlilo u pumile kulo uti lwamagatya aso, u dhlile isitelo saso; futi aluko kuso uti lwamandhla lu be intonga yokubusa. Yilesi isililo, si ya ku ba e sesililo sona.