1KWA ba kona izwi lika Jehova futi lokuti.
2Ndodana yomuntu, wena u hlezi pakati kwendhlu epambeneyo; abayo ba namehlo okubona, be nga boni, ba nezindhlebe zokuzwa, be ngezwi; ngokuba ba indhlu epambeneyo bona.
3Ma u te wena Ndodana yomuntu u zenzele impahla yokusuka, u suke emini emehlweni abo; wo ti u suke kuyo indawo yako u ye kwenye indawo emehlweni abo; mhlaumbe ba ya kubona, nokuba ba indhlu epambeneyo bona.
4Futi wo pumisa emini emehlweni abo impahla yako, njengempahla yokusuka; wo puma wena kusihlwa emehlweni abo, njengabapumela ekutunjweni.
5Zifohlele udonga emehlweni abo, u pume ngalo.
6Emehlweni abo wo pata ehlombe lako, u pumise ekuhlweni, wo sibekela ubuso bako ukuba u nga boni umhlabati; ngokuba ngi ku bekele umbonelo kuyo indhlu ya seIsraeli.
7Lapo ngenza njalo njengaloko nga be ngi yalelwe; nga pumisa impahla yami njengempahla yokutunjwa emini, na kusihlwa nga zifohlela udonga ngesandhla; nga pumisa ekuhlweni, nga pata ehlombe lami emehlweni abo.
8Kwa ti kwa ba kona kimi izwi lika Jehova ekuseni, lokuti;
9Ndodana yomuntu, abendhlu ya seIsraeli, indhlu epambeneyo, a ba tyongo kuwe yini, Wenzani na?
10Yityo kubona, ukuti, Njalo i tyo iNkosi uJehova, ikona ukwazisa ngenkosi e seJerusalema na ngabendhlu yonke ya seIsraeli a ba pakati kwalo.
11Yityo ukuti, Mina ngi umboniso wenu; njengaloko ngenzile, njalo ku ya kwenziwa kubona: ba ya kuya ekutunjweni nasekubambekeni.
12Futi inkosi e pakati kwabo, yo pata ehlombe layo ekuhlweni, i pume: ba ya kufohla udonga ukupumisa ngawo; yo sibekela ubuso bayo, ukuze i nga boni umhlabati ngamehlo.
13Futi ngo ponsa ineta lami pezu kwayo, yo badjwa esihibeni sami yona; ngo ti ngi yi zisa kulo iBabulona izwe labaKaldea, kepa a i yi ku li bona, noko yo fa kona.
14Futi ngo ba sabalalisa emimoyeni yonke bonke a ba yi zungezayo, be yi siza, nezimpi zonke zayo; ngo koka nenkemba emva kwabo.
15Ba ya kuti bazi ukuba ngi nguJehova, nxa ngi ba hlakazile pakati kwezizwe, ngi ba sabalalise emazweni.
16Kepa ngo shiya kubo abantu abatile be sinda kuyo inkemba, na kuyo indhlala, na kuso isifo; ukuze ba tyele ukunengeka konke kwabo kuzo izizwe lapo ba ya kuza kona; bo ti bazi ukuba ngi nguJehova.
17Futi kwa ba kona izwi lika Jehova kimi lokuti;
18Ndodana yomuntu, yidhla isinkwa sako ngokuqaqazela, u puze amanzi ako ngokututumala, na ngokukatazeka;
19U tyo kubantu bezwe, ukuti, Njalo i tyo iNkosi uJehova kubo aba hlezi eJerusalema, kulo izwe la seIsraeli; Ba ya kudhla isinkwa sabo ngokukatazeka, ba puze amanzi abo ngokudumala, ukuze izwe lalo li citakele kuko ukugcwala kwalo, ngako ukwenakalisa kwabo bonke aba hlezi kulo.
20Ko ti imizi eyakiweyo yo citwa, nezwe li ya kuba incitakalo; ni ya kwazi nina ukuba ngi nguJehova.
21Futi kwa ba kona kimi izwi lika Jehova lokuti.
22Ndodana yomuntu, ku yini na isikulumo lesi e ni naso ezweni la seIsraeli; sokuti, Izinsuku zi ya jobelelwa, nezibonakalo zonke zi ya puta?
23Ngako ba tyele, Njalo i tyo iNkosi uJehova; ngi ya kwenza ku pele lesisikulumo, futi a ba yi ku fanisa ngaso eIsraeli; ngokuba nxa izwi li ku bona, izinsuku zi ya sondela, nako okutyiwo kwezibonakalo zonke.
24Ngokuba a ku yi ku ba kona futi isibonakalo esi ize, nokubula okutelezayo pakati kwendhlu ya seIsraeli.
25Ngokuba ngi nguJehova, ngo kuluma, izwi e ngi ya kulikuluma, li ya kwenziwa futi; a ku sa yi ku libaziswa; ngokuba ngezinsuku zenu, Ndhlu epambeneyo, ngi ya kutyo izwi, ngi lenze, i tyo iNkosi uJehova.
26Futi kwa ba kona izwi lika Jehova kimi lokuti.
27Ndodana yomuntu, bheka, abendhlu ya seIsraeli ba tyo, ukuti, Isibonakalo a si bonayo yena, si kuzo izinsuku eziningi ezi pambili, futi u yazisa ngezikati ezi kude.
28Ngako yityo kubona, Njalo i tyo iNkosi uJehova; a ka sa yi ku libaziswa amazwi ami nelodwa, izwi e ngi li kulumayo li ya kwenziwa, i tyo iNkosi uJehova.