1LAPO nga bona, bhekake, emkatini o be pezu kwekanda lamakerubi, kwa bonakala pezu kwawo njengetye lesafire, njengokubonakala komfanekiso wesihlalo sobukosi.
2Wa ti wa kuluma kuyo indoda embete ilineni, wa ti, Ngena pakati kwamasondo a nga pansi kwekerubi, u gcwalise isandhla sako amalahle omlilo avutayo ngapakati kwamakerubi, u wa hlakaze pezu komuzi. Wa se e ngena pambi kwamehlo ami.
3A ti amakerubi a be e mi ngesokunene kwendhlu, ekungeneni kwendoda; futi ifu la gcwalisa ibala elingapakati.
4Lapo ukukazimula kuka Jehova kwenyukela ku suke pezu kwamakerubi pezu komgulugulu womnyango wendhlu; ya ti indhlu ya gcwaliswa ifu, nebala la gcwala ukukanya kokukazimula kuka Jehova.
5Ya ti inhlokomo yamapiko amakerubi ezwakala ebaleni elingapandhle, njengezwi lika Tixo uSomandhla nxa e kuluma.
6Kwa tike ukuyaleza kwake kuyo indoda embete ilineni, ngokuti, Tabata umlilo ngapakati kwamasondo a pakati kwamakerubi; ya ngena yema ngasemasondweni.
7Kwa ti ikerubi la pumisa isandhla salo ngapakati kwamasondo kuwo umlilo o be pakati kwamakerubi, la tabata, la nikezela ezandhleni zake o wembete ilineni; o wa tabata, wa puma.
8Kwa ti kwa bonakala kulo ikerubi umfanekiso wesandhla somuntu nga pansi kwamapiko.
9Kepa ngi sa bona, bhekake, amasondo amane, ngakuwo amakerubi, isondo li linye nga kulo ikerubi linye, nesondo li linye nga kulo ikerubi elinye; futi ukubonakala kwamasondo njengokukazimula kwetye eli itopazi.
10Kwa ti ukubonakala kwawo, umfanekiso munye u be kuwo amane, njengaloku isondo li be pakati kwesondo.
11Nxa e hamba, a ya ngezinhlangoti ezine zawo; a ka guqukanga ekuhambeni kwawo, ngokuba indawo lapo ikanda la bhekisa kona a ya emva kwalo; a ka pendukanga ekuhambeni kwawo.
12Kwa ti inyama yonke yawo, nomhlana wawo, nezandhla zawo, namapiko awo, namasondo a gcwele amehlo ekuzungezeni, ukuti amasondo a be ku lawamane.
13Kuwo amasondo kwa tiwa ezindhlebeni zami, sondo.
14Kwa ti ubuso bune bu be ku yileli, ubuso bokuqala ubuso bekerubi, ubuso besibili ubuso bomuntu, obesitatu ubuso bengonyama, no besine ubuso benqe.
15A ti amakerubi a pakanyiswa. Yilesi isidalwa e nga si bona ngasemfuleni uKebari.
16Kwa ti ekuhambeni kwamakerubi, a ya ngakuwo amasondo; na lapo amakerubi a pakamisa amapiko awo ukwenyuka pezu komhlaba, lawamasondo nawo a ka pendulwanga nga kuwona.
17Ekumeni kwawo kwema lawa; nasekupakameni kwawo, kwa zipakamisa lawa; ngokuba umoya wesidalwa u be pakati kwawo.
18Lapo ukukazimula kuka Tixo kwa deda kuwo umgulugulu wendhlu, kwe ma nga pezu kwamakerubi.
19Futi amakerubi a pakamisa amapiko awo, enyuka kuwo umhlaba emehlweni ami: ekupumeni kwawo, amasondo nawo a be ngakuwo, la ti ileli lema emnyango wesango la sempumalanga lendhlu yika Jehova; futi ukukazimula kuka Tixo wa seIsraeli ku be pezu kwawo.
20Yilesi isidalwa e nga si bona pansi kuka Tixo wa seIsraeli ngasemfuleni uKebari, futi ngazi ukuba a ngamakerubi wona.
21Lawa amane a be nobuso bune kulo linye, namapiko amane kulo linye; futi umfanekiso wesandhla somuntu u be pansi kwamapiko.
22Futi umfanekiso wobuso bawo, bona ba be bu ubuso yilobo e nga bu bona ngasemfuleni uKebari, ukubonakala kwawo, kwa ku iwona; a hamba yileli pambi ngo kobuso balo.