1UJEHOVA wa ti kuMosi, Kaloku u ya kukubona engi ya kukwenza kuFaro; ngokuba ngesandhla esi namandhla u ya kubamukisa, na ngesandhla esinamandhla u ya kuba xotya ezweni lake.
2uTixo wa kuluma kuMosi, wa ti, kuye, Ngi nguJehova.
3Nga bonakala kuAbrahama, na kuIsaka, na kuJakobe, ngi nguTixo onamandhla onke; kepa ngegama lami lokuti, uJehova, be ngi ngazeki kubo.
4Nga qinisa isivumelwano sami nabo, sokuba ngi ba pe izwe la seKenani, izwe lokuhambela kwabo, aba be izizwe kulo.
5Ngi zwile ukububula kwabaka Israeli, aba botywa abasEgipite; ngi kumbule isivumelwano sami.
6Ngako yityo kwabaka Israeli, u ti, Ngi nguJehova; ngi ya ku ni kipa emisebenzini yabasEgipite, ngi ni kulule ekunibopeni kwawo, ngi ni hlenge ngengalo eluliweyo, na ngezinhlupo ezinkulu.
7Ngi ya kunitabata ni be abantu bami, ngi be uTixo wenu, nazi ukuti Ngi nguJehova uTixo wenu, o ni kipayo emisebenzini yabasEgipite.
8Ngi ya kuniyisa ezweni, enga funga ngalo, nga ti, ngi ya kubanika lona oAbrahama, noIsaka, noJakobe; ngi ya kuninika lona li be izwe lenu, Ngi nguJehova.
9Wa tyo njalo uMosi kwabaka Israeli; kepa a ba m lalelanga uMosi ngokukatazeka kwenhliziyo, na ngemisebenzi esindayo.
10uJehova wa kuluma kuMosi, wa ti,
11Hamba u ye u tyo kuFaro, inkosi ya sEgipite, ukuba a ba vumele abantwana baka Israeli ba pume ezweni lake.
12uMosi wa kuluma pambi kuka Jehova, wa ti, Bheka abaka Israeli a ba ngi lalelanga, uFaro u ya kungilalela kanjani, ngi nezindebe ezi nga sokwanga.
13uJehova wa kuluma kuMosi na kuAroni, wa ba yala ukuba ba tyele abakaIsraeli noFaro, inkosi ya sEgipite, ukuba ba kitywe abaka Israeli ezweni la sEgipite.
14Laba ba izinhloko zezindhlu za oyise; Amadodana ka Rubeni, izibulo lika Israeli; uHanoki, noPalu, noHezroni, noKarmi; laba ba izindhlu zika Rubeni.
15Amadodana kaSimeoni, uJemuli, uJamini, noOhadu, noJakini, noZohari, noShauli, indodana yomfazi wa seKenani; laba ba izindhlu zika Simeoni.
16Lawa a ngamagama amadodana ka Levi ngokuzalwa kwawo, uGershoni, noKohati, noMerari; iminyaka yokupila kuka Levi ya iminyaka e ikulu namashumi amatatu nesikombisa.
17Amadodana ka Gershoni, uLibni, noShimi, ngezindhlu zawo.
18Amadodana ka Kohati; uAmramu, noIzhari, noHebroni, noUzieli; iminyaka yokupila kuka Kohati ya iminyaka e ikulu namashumi amatatu nantatu.
19Amadodana ka Merari; uMahali, noMushi, laba ba izindhlu zika Levi ngokuzalwa kwabo.
20uAmramu wa ganwa uJokebede, udade wabo ka yise; wa m zalela uAroni noMosi; iminyaka yokupila kuka Amramu ya iminyaka e ikulu namashumi amatatu nesikombisa.
21Amadodana ka Izhari; uKora, noNefegi, noZikri.
22Amadodana ka Uzieli, uMishali, noElzafani, noZitri.
23uAroni wa ganwa uElisheba, indodakazi ka Aminadabi, udade wabo ka Nashoni, wa m zalela uNadabi, noAbihu, noEleazari, noItamari.
24Amadodana ka Kora; uAsire, uElkana, uAbiasafe; laba ba izindhlu zamaKora.
25uEleazari, indodana ka Aroni, wa ganwa indodakazi ka Putieli; wa m zalela uFinehasi; laba ba izinhloko za oyise bamaLevi, ngezindhlu zabo.
26Laba ibo labo uJehova a ti kuMosi noAroni, Kipani abaka Israeli ezweni la sEgipite ngamabandhla abo.
27Laba ibo aba tyo kuFaro, inkosi ya sEgipite, ukuba a kipe abaka Israeli Egipite, laba ba ibona oMosi noAroni.
28Kwa ti msukwana uJehova e kuluma kuMosi ezweni la sEgipite,
29uJehova wa tyo kuMosi, ukuti, Ngi nguJehova, yityo kuFaro, inkosi ya sEgipite, konke engi ku tyoyo kuwe.
30Wa ti uMosi pambi kuka Jehova, Bheka, ngi nezindebe ezi nga sokwanga; uFaro u ya kungilalela kanjani?