1WENZA nelati lomnikelo wokutyiswa ngomuti womshita; ubude babo ba bu amakubiti amahlanu, nobubanzi balo ba bu amakubiti amahlanu; la li nezinhlangoti ezine ezilinganayo; ukupakama kwalo kwa ku amakubiti amatatu.
2Wenza nezimpondo zalo ezinqutyini zone zalo; izimpondo zalo za zi kunye nalo; wa li nameka ngetusi.
3Wenza nezitya zonke zelati, amabodwe alo, namafosholo alo, namabesini alo, nezimfoloko zalo, namapeni alo omlilo; wa zenza zonke izitya zalo ngetusi.
4Wa lenzela ilati ikerate ngetusi elalukiweyo; ngapansi, pansi koqimba lwalo, la fika pakati kwalo.
5We peka amasongo amane a sezinqutyini zone zekerate letusi, a be izindawo zezinti.
6Wa zenza izinti ngomuti womshita, wa zi nameka ngetusi.
7Wa faka izinti emasongweni, ezinhlangotini zelati, ukuba li twalwe ngazo; wa lenza la ba umholo ngamapulankwe.
8Wenza nelave ngetusi, nesinqe salo ngetusi, lezibuko zabesifazana abakonzayo, aba konza emnyango wetabanekele lokuhlangana.
9Wenza nesihonqa; ngaseningizimu, ohlangotini olu nga seningizimu izilenge zesihonqa za zi usheshe olupotiweyo, amakubiti a ikulu.
10Izinsika zazo za zi amashumi amabili, nezisekelo zetusi za zi mashumi amabili; izingwegwe zezinsika, nemityayo yazo kwa ku isiliva;
11Na sohlangotini olu nga senyakato, amakubiti a ikulu; izinsika zazo za zi mashumi amabili, nezisekelo zazo zetusi za zi mashumi amabili; izingwegwe zezinsika, nemityayo yazo kwa ku isiliva.
12Na sohlangotini olu nga sentyonalanga izilenge za zi amakubiti amashumi amahlanu; izinsika zazo za zi ishumi; nezisekelo zaso za zi ishumi; izingwegwe zezinsika nemityayo yazo kwa ku isiliva;
13Na nga sempumalanga, ohlangotini olu nga sempumalanga amakubiti amashumi amahlanu.
14Izilenge kwelinye icala lesango za zi amakubiti a ishumi nesihlanu; izinsika zazo za zintatu, nezisekelo zazo za zintatu.
15Na kwelinye icala lesango lesihonqa, ngalapa na ngalapa, izilenge za zi amakubiti a ishumi nesihlanu; izinsika zazo za zintatu, nezisekelo zazo za zintatu.
16Izilenge zonke zesihonqa inxa zonke za zi usheshe olupotiweyo.
17Izisekelo zezinsika za zi itusi; izingwegwe zezinsika, nemityayo yazo kwa ku isiliva; izihloko zazo za namekwa ngesiliva; izinsika zonke zesihonqa za hlanganiswa ngemityayo yesiliva.
18Iveli la sesangweni sesihonqa la li feketisiwe, elokuluhlaza nokububende, nokubomvu, nosheshe olupotiweyo; ubude balo ba bu amakubiti amashumi amabili, ukupakama kwalo ngobubanzi kwa ku amakubiti amahlanu, kwa lingana nezilenge zesihonqa.
19Izinsika zawo za zine, nezisekelo zawo za zine zetusi; izingwegwe zawo za zi isiliva; nokunamekwa kwezihloko zazo, nemityayo yazo kwa ku isiliva.
20Izikonkwane zonke zetabanekele nezesihonqa inxa zonke za zi itusi.
21Naku okubaliweyo kwetabanekele, kwetabanekele lomteto, oku baliweyo njengokutyo kuka Mosi, ngenkonzo yabaLevi, ngesandhla sika Itamari, indodana ka Aroni, umpristi.
22uBezalele, indodana ka Uri, indodana ka Huri, wesizwe sika Juda, wa kwenza konke uJehova a ku tyoyo kuMosi.
23Kwa ku kanye naye uAholiabi, indodana ka Ahisamaka, wesizwe sika Dani, umqopi, nenyanga yokwaluka, nomfeketisi, ngokuluhlaza, na ngokububende; na ngokubomvu, na ngosheshe.
24Igolide lonke okwa setyenzwa ngalo umsebenzi emsebenzini wonke wendawo engcwele, igolide lomnikelo, la li ngamatalenta amashumi amabili na shiyagalolunye, namashekeli amakulu a isikombisa namashumi amatatu, a ngangalo ishekeli lendawo engcwele.
25Nesiliva lababaliweyo besizwe la li ngamatalenta a ikulu, namashekeli a inkulungwane namakulu a isikombisa namashumi a isikombisa nesihlanu, a ngangeshekeli lendawo engcwele;
26Kwa ba ilowo wa nikela ibeka, eli inxenye yeshekeli, eli ngangeshekeli lendawo engcwele, kubo bonke abadhlulela kwababaliweyo, abaminyaka amashumi amabili na pezulu, kubantu aba izinkulungwane ezi makulu a isitupa nezinkulungwane ezintatu namakulu amahlanu namashumi amahlanu.
27Ngamatalenta a ikulu esiliva kwa pekwa izisekelo zendawo engcwele, nezisekelo zeveli; izisekelo ezi ikulu ngamatalenta a ikulu, italenta kuso isisekelo.
28Na ngawo amashekeli a inkulungwane namakulu a isikombisa namashumi a isikombisa nesihlanu wenza izingwegwe zezinsika, wa nameka izihloko zazo, wa zi hlanganisa ngemityayo.
29Itusi lomnikelo la li ngamatalenta amashumi a isikombisa, namashekeli a izinkulungwane ezimbili namakulu amane.
30Wenza ngalo izisekelo zomnyango wetabanekele lokuhlangana, nelati letusi, nekerate lalo letusi, nezitya zonke zelati,
31Nezisekelo zesihonqa inxa zonke, nezisekelo zesango lesihonqa, nezinkonkwane zonke zetabanekele, nezinkonkwane zesihonqa inxa zonke.